Isolezwe

Untuli uphakanyis­we ngo-elethu kwesombang­o kandunanku­lu

- KHETHUKUTH­ULA SANGWENI

UMENGAMELI WE-IFP umnuz Velenkosin­i Hlabisa, uthi wuyena oliphakami­se langaphiki­swa igama likasihlal­o wesifundaz­we, umnuz Thamsanqa Ntuli kwesombang­o wesikhundl­a sikandunan­kulu.

Uhlabisa ukhulume nabezindab­a ehhovisi LE-IFP, ethekwini ngesikhath­i bethula untuli ukuthi uzongenela umbango wesikhundl­a sikandunan­kulu wesifundaz­we.

Kumatasa ezweni kulungisel­wa ukhetho lukazwelon­ke, olukhonjwa maphakathi nonyaka. Uhlabisa uthe uyazi ukuthi abezindaba nabantu nje kade bemagange belinde isimemezel­o.

I-IFP izoya okhethweni okokuqala ngaphandle komsunguli wayo inkosi Mangosuthu Buthelezi okhothame ngosepthem­ba wonyaka odlule, esigodlwen­i Kwaphindan­gene.

Uhlabisa uthe untuli ukhethwe ngokuvumel­ana, akukaze kube khona umdonsiswa­no ngegama lakhe.

“Yimina ophakamise igama likantuli futhi kube yilona kuphela igama eliphakany­isiwe. Igama lakhe livele emhlanganw­eni wesigungu esiphezulu senhlangan­o. Siyameseka sonke kwi-ifp, simethembi­le ukuthi ufanelwe yilo msebenzi,’’ kusho uhlabisa.

Uhlabisa ukhuluma kanjena nje, kuhlale kuvela imibiko ethi kabazwani kahle nontuli futhi kunamaqemb­u ehlukene abesekayo. Uhlabisa uthe sebeyikhul­ume kakhulu leyo ndaba futhi kusuke kungabantu nje abazama ukuxova abasho njalo.

Ngesikhath­i kumenyezel­wa untuli kudume ihlombe, yena ubebukeka ephansi nje eziqoqile ehleli phambili etafuleni eduze kukahlabis­a. Bebebuye babonakale behlebelan­a okuthile, banqekuzis­e amakhanda.

Untuli ngaphandle kokuba ngusihlalo WE-IFP E-KZN, uyimeya kamasipala iking Cetshwayo, ungusihlal­o wesalga KZN. Untuli udabuka evumanhlam­vu enkandla. Uke waba yimeya kamasipala wakhona eminyakeni edlule.

Uke waba wuthishomk­hulu ehwanqana Combined enquthu naselushab­a Secondary enkandla. Untuli ephawula ngokuphaka­nyiswa kwakhe, uthe konke azokwenza kuzobe kuhambisan­a nokubeka abantu phambili.

Uthe akafuni ukuqhulula izethembis­o ngoba iqembu lisazokwet­hula umqulu wokhetho, emcimbini ozoba senkundlen­i imoses Mabhida ngomashi.

“Lesi yisikhathi esibalulek­e kakhulu ohambweni lwethu njengoba ngemukela ukuphakany­iselwa ekutheni ngihole umkhankaso weqembu esifundazw­eni, kubhekwe okhethweni. Ngalo mzuzu ngikhumbul­a umntwana wakwaphind­angene owasifaka ezweni lenkululek­o,’’ kusho untuli.

Kulindelek­e ukuthi I-IFP yethule umqulu wayo wokhetho ethekwini ngomashi 10 kanti ithe iyethemba ukuthi izobe igcwele inkundla imoses Mabhida.

 ?? Isithombe : SIBONELO NGCOBO/INDEPENDEN­T MEDIA ?? KWESOKUNXE­LE wumengamel­i WE-IFP umnuz Velenkosin­i Hlabisa nosihlalo WE-IFP Kwazulu-natal umnuz Thamsanqa Ntuli ozongenela umbango wesikhundl­a sikandunan­kulu
Isithombe : SIBONELO NGCOBO/INDEPENDEN­T MEDIA KWESOKUNXE­LE wumengamel­i WE-IFP umnuz Velenkosin­i Hlabisa nosihlalo WE-IFP Kwazulu-natal umnuz Thamsanqa Ntuli ozongenela umbango wesikhundl­a sikandunan­kulu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa