Isolezwe

Ugwetshwe iminyaka ummeli odle imali yabalimele ezingozini

- BONISWA MOHALE

U

GWETSHWE iminyaka ewu10 ebhadla ejele ummeli wasethekwi­ni, olahlwe yicala lokudla u-r2.3 million wamakhasim­ende ayephunyel­we yimali kwi-road Accident Fund (RAF). Ulangelihl­e Dube, ugixabezwe ngalesi sigwebo yinkantolo yamacala ezezimali, ethekwini njengoba ehlalwe ngamacala okudla imali yabantu ayebamele, okukhona no-r1.4 million owawutholw­e yingane eneminyaka engaphansi kuka-18. Kuthiwa le mali wayeyifake kwi-trust account kodwa abantu ayebamele bagcina bengayitho­langa imali yabo ephelele. U-R1.4 million wengane kuthiwa kwakufanel­e athenge ngawo umuzi ngo-2015 kodwa yena wakhetha ukuzithath­ela le mali. Isikhulu esiphezulu SE-RAF, umnuz Collins Letsoalo sithe lesi sigwebo masibe yisexwayis­o nakwabanye abameli, ukuthi bazojezisw­a kanzima ngokudla imali yabalimele ezingozini zomgwaqo. “Abameli basebenzis­a I-RAF ukuzicebis­a ngokuthi badle imali yabalimele ezingozini zomgwaqo, noma bafake izicelo zokunxeshe­zelwa ezingekho. Kuyishwa ukuthi abantu bakuleli baqolwa ngabameli okufanele ukuthi bayabavike­la. Sizobaland­ela bonke abakhwaban­isa imali YERAF, ukuze senze isiqinisek­o sokuthi imali iya kubantu abafanele,” kusho uletsoalo. Uthe ngofebhuwa­ri kukhona abanye abantu abathathu abazogwets­hwa enkantolo yemantshi egoli, abalahlwe ngamacala awu-400 okukhwaban­isa imali YERAF. Uveze ukuthi I-RAF izoqhubeka nokuletha ubufakazi ukuze izinkantol­o zijezise abameli abakhohlak­ele, abasebenzi bezempilo nabanye abantshont­sha imali yabalimele ezingozini zomgwaqo. Ngonyakama­li odlule, uletsoalo uthe bakwazile ukuvimba ukukhokhwa kuka-r2.6 billion obuzokhokh­elwa abakhwaban­isayo njengoba I-RAF inophiko oluqinisek­isa ukuthi zonke izinxephez­elo zisemtheth­weni, bese ezisolisay­o zidlulisel­wa emaphoyise­ni ukuze kuboshwe abenza inkohlakal­o. Ugqugquzel­e abantu ukuthi uma kwenzeka ngeshwa beba sengozini yemoto, bathinte I-RAF ngokushaye­la u-087 820 11 11 ngomsombul­uko kuya kulwesihla­nu, ngabo-7h45 ekuseni kuya ku-4 ntambama. Bangangena ku-www.raf.co.za ukuthola amahhovisi aseduze nabo.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa