Bafuna kukhushulwe iholo labahola kancane
INHLANGANO eyenza ucwaningo ngokubiza kwegilosa, nesimo senhlalo ipietermaritzburg Economic Justice and Dignity Group (PMBEJD) iphakamisa ukuthi inyuswe ngo11.2% i-national Minimum Wage (NMW).
I-NMW yimali eholwa ngabasebenzi abathathwa njengabahola kancane kunabo bonke ezweni, okubalwa abasebenzi abangenawo amakhono athile emafemini, abasebenza emapulazini nabasezindlini.
Umnuz Mervyn Abrahams, obhekelele ukusebenza KWE-PMBEJD, uthe bathumele isiphakamiso kusihlalo wekhomishana YE-NMW, usolwazi Adriaan van der Walt, bechaza ukuthi abasebenzi bayasindwa ngenxa yokubiza kwezidingo zempilo.
“Sifisa ukuthi okungenani I-NWM inyuke ngo11.2% ukuze abasebenzi bathole u-r28.27 ngehora okuzoba wu-r226.18 ngosuku, uma besebenze amahora ayisishiyagalombili. Kumanje abasebenzi abahola ngohlelo lwe-nmw bathola u-r25.42 ngehora okuba wu-r203.36, uma besebenze amahora ayisishiyagalombili. Ikhomishini YE-NMW inyusa imali ngephesenti elithile ibe isifaka namandla emali. Sifisa lelo phesenti libe wu-11.2%,” kuchaza u-abrahams.
Uqhube wathi imali ngeke yenze umehluko otheni kwabasebenzayo ngoba ucwaningo lwabo luveza ukuthi yize I-NMW iwu-r4 473.92 kepha ayizanele izindleko zabasebenzi.
Ubalule ukuthi ngenyanga abasebenzi basebenzisa u-r1 555.33 uma beya emsebenzini, bathenge ugesi wekhadi ka-r867.11, bachithe u-r3 564.19 ngokuthenga igilosa yamalungu amane omndeni.
Lokhu kubeka izindleko zabo ku-r5 986.64 ngenyanga okuyimali edlula umholo wabo.
Uqhube wathi bathwala kakhulu abanemindeni enamalungu amaningi ngoba igilosa yomndeni ibiza u-r5 324.86.
Ngokusho kuka-abrahams, ucwaningo luveze ukuthi ukudla kuyaqhubeka nokubiza ngokweqile wathi irayisi, ushukela omhlophe, amazambane, inyama yenkomo, eyenkukhu, impuphu kumba eqolo.
Kubiza ngisho ufishi osethinini ngoba ukhuphuke ngo-2% kule nyanga.
“Ucwaningo lwethu silwenza ebantwini besifazane ngoba yibona abathenga igilosa yemindeni yabo. Basitshele ukuthi badlala izitokofela ukuze ngojanuwari, bezokwazi ukusebenzisa imali yesibonelelo sezingane ukuthenga umfaniswano wesikole,” kuchaza u-abrahams.
Uqhube wathi okubuhlungu wukuthi bahola u-r510 ngengane eyodwa, ekubeni ukudla okunomsoco kwengane kubiza ur953.75.
Uthe uma bebheka umfaniswano wesikole nawo uyabiza ngoba ipheya lezicathulo eziqinile libiza u-r320 kuya ku-r350. Ubalule ukuthi abazali abaciciyelayo bathenga izicathulo zesikole ezibiza u-r130 kuya kur149.99.
U-abrahams wengeze ngokuthi: “Siyafisa ukuthi uhulumeni abahlangabeze laba bazali uma kuvulwa izikole ngokuthi afake uchatha emalini yesibonelelo sezingane.”
Uphethe ngokuthi bazoqhubeka nokukhankasela ukuthi kunyuswe izibonelelo ngoba umnotho wakuleli ungakwazi ukudala imisebenzi ezokwenela bonke abathwele kanzima.