Isolezwe

Izongenisa emajele I-IEC inxenxa iziboshwa ukubhalise­la ukuvota

- MHLENGI SHANGASE

IQALE umkhankaso wokuhambel­a amajele ikhomishin­i eyengamele ukhetho kuleli i-independen­t Electoral Commission (IEC) inxenxa iziboshwa ukuthi zibhalisel­e ukuvota okhethweni lukazwelon­ke nonyaka.

Unkk Ntomb’futhi Masinga, isikhulu sekhomishi­ni Kwazulunat­al, uthe baqala umkhankaso wokuhambel­a lezi zikhungo namhlanje kuze kube ulwesine.

Uthe iziboshwa zivumeleki­le ukuvota okhethweni lukazwelon­ke nolwezifun­dazwe kodwa azivoti kolohulume­ni basekhaya.

“Sinxusa imindeni yeziboshwa ukuthi izihambise­le omazisi bazo lapho zigcinwe khona. Zibalelwa ku-18

634 iziboshwa ezigcinwe ezikhungwe­ni ezingu-35 esifundazw­eni, cishe ezibalelwa ku-10 272 zinabo omazisi noma ama-smart cards kanti ezingu-8 362 azinabo omazisi.”

Ubalule ukuthi basebenzis­ana nomnyango wezasekhay­a emkhankasw­eni wabo wokuhambel­a lezi zikhungo ukuze iziboshwa zikwazi ukusheshe zithole omazisi.

Uveze nokuthi basemkhank­asweni wokubhalis­a izitshuden­i ezifunda ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme.

“Lo mkhankaso uhambisana nowezikhun­go wokwamukel­a izitshuden­i ezintsha. Zingu-12 izikhungo zemfundo ephakeme esifundazw­eni, ezine zazo amanyuvesi kuthi eziyisishi­yagalombil­i, kube amakolishi amakhono ama-technical and Vocational Education and Training (TVET). Abasebenzi bekhomishi­ni bazoba kuzona lezi zikhungo uma sekwamukel­wa izitshuden­i ezifikayo.”

Usho lokhu nje, ngempelaso­nto kuvulwa ithuba lokugcina lokubhalis­ela ukuvota ngaphambi kwalolu khetho, okulindwe ukuthi umengameli Cyril Ramaphosa, amemezele usuku oluzobanjw­a ngalo.

Unkk Masinga uthe ezinye zezikhungo abebeziseb­enzisela ukuvota, zicekelwe phansi izikhukhul­a nemvula.

“Sisebenzis­ana neminyango ehlukene nomasipala ukuqinisek­isa ukuthi kuyangenek­a ezikhungwe­ni zokuvota njengoba kwezinye izindawo kwacekelek­a phansi nemigwaqo. Uma kushaya impelasont­o yokubhalis­a zingalungi­le ezinye zezikhungo, sizogxumek­a izinto zesikhasha­na zokusebenz­ela njengamate­nde ukuze sisebenze.”

Uveze ukuthi ngomgqibel­o nesonto bazozivula zonke izikhungo zokuvota ezingu-4 974 esifundazw­eni kusuka ngo-8 ekuseni kuya ku-5 ntambama ukuze abantu bayobhalis­ela ukuvota noma bazibheke ukuthi basabhalis­ile yini.

“Bangu-14 914 abasebenzi abazobe bematasa nalo msebenzi kanti izinsiza zokuvota seziyathun­yelwa. Ukuze ubhalisele ukuvota kumele ube neminyaka engu-16, ube nomazisi noma owesikhash­ana.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa