Isolezwe

Abe-livestock Wealth bachitha eyokuphula umthetho

- BONISWA MOHALE

AWUKHO umthetho abawuphuli­le abe-livestock Wealth ngokuhweba ngokusiza abantu ukuba batshale imali yabo kwezolimo.

Le nhlangano isho lokhu ngemuva kokuthi

Isolezwe libike ukuthi inhlangano elawula abasebenza ngemali kuleli, i-financial Sector Conduct Authority (FSCA) ithe, i-livestock Wealth, ayinayo imvume yokwenza lo msebenzi.

Ikhale ngokuthi i-livestock Wealth isebenzisa inombolo yokusebenz­a ngemali yenye inkampani ebizwa ngelivesto­ck FS ewu-fsp 51237.

I-livestock Wealth ivumela abantu ukuthi batshale u-r2 000 kuya kur18 730 kanti imali yabo ivuthwa ezinyangen­i eziyisithu­pha kuya eminyakeni eyisithuph­a, kuya ngokuthi bayitshale kuphi.

Esitatimen­deni esithunyel­we kwisolezwe, isikhulu esiphezulu se-livestock Wealth, umnuz Ntuthuko Shezi, sithe ngo-2015 I-FSCA yabatshela ukuthi abayidingi ilayisensi ukuze badayise imikhiqizo yezolimo.

Uthe bashaqekil­e ngesitatim­ende SE-FSCA ngoba bona bazi ukuthi awukho umthetho abawuphula­yo ngomsebenz­i abawenzayo.

"Sizosebenz­isana NE-FSCA ophenyweni lwayo.

“Awukho umthetho esiwuphuli­le futhi sinalo ilungelo lokusiza abafuna ukutshala imali emikhiqizw­eni yezolimo. Sinezinkam­pani ezimbili okuyi-livestock Wealth Pty LTD Technology edayisa imikhiqizo yezolimo eyaqala ukusebenza ngo-2015.

“Inkampani yesibili yi-livestock Wealth Financial Services eyavulwa ngo-2020 ukunika abalimi esisebenzi­sana nabo umshwalens­e. Yathola isitifiket­i sokusebenz­a ngemali ngo-2021," kusho ushezi.

Uthe zombili lezi zinkampani zibizwa ngolivesto­ck Wealth yize enye isungulwe ngo-2015 enye iqalwe ngo-2020.

Ukugcizele­le ukuthi awukho umthetho abawuphula­yo kukho konke abakwenzay­o.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa