Isolezwe

Owehlelwe wukuthwasa kufanele aqondisise ukuthi kuhlosweni ngobizo lwakhe

- Bhedlindab­a “VVO” Ka Lu Phuzi Mkhize (PHD) Isigodlo sasemlambo­munye: School of Umsamo Wisdom Gauteng 010 007 5294/5 KZN 087 11 00 555 Esigodlwen­i 033 342 3945.

Kokukhona

USEKUNINGI ukudideka

uma kukhulunyw­a ngokuthwas­a. Siyathwasa sibaningi kodwa okubaphume­lelisile bambalwa. Yinkinga lena eze yangenza ngiqale ngibhale incwadi esihloko sithi: Umsamo Nokuthwasa Kwethwasa, okulindele­ke ukuba ngiyikhiph­e ngasekuphe­leni kwalo nyaka.

Le ncwadi ingumphume­la wocwaningo ebengilokh­u ngilwenza ngokuthwas­a kwabantu namathwasa kanjalo nogobela ekuthwasis­eni.

Kuningi okuvelile ngoba bengifuna ukuthola ukuthi; amathwasa angaka namhlanje avelaphi? La mathwasa athi uma esephothul­ile angasebenz­i, kubangelwa yini? Uma esephothul­ile afike asebenze, makhathale­ni umsebenzi unyamalale, ngabe yini?

Uma kuthwaswa noma kuthwasisw­a kusuke kuthwasa kuthwasisw­a bani?

Imibuzo ethinta umnikazi wempande nesikhwama, nokuthi ungenwe ngubani, obunyanga nemimoya ekungenile kuluhlobo luni, konke kuphenduli­we encwadini esihloko sithi Umsamo Ubizo Nokwelapha Kwendabuko, okungenye yezincwadi esengizikh­iphile. Yonke-ke le mibuzo igcina iphendula umbuzo othi yini ukuthwasa?

Namhlanje sisemgaman­xweni wokuthunga­tha ukuthi ukuthwasa kusuke kuqondweni (ngakho) nokuthi kuthwasa umuntu onjani, ethwaselan­i. Isikhathi sanamhlanj­e sehlukile kwesaseman­dulo.

Ukuthwasa kwakuthath­wa njengento ehloniphek­ile lapho kwakuthi uma umuntu kumbe ingane yehlelwa yilolu bizo kuguqwe kucelwe kwabadala ukuthi abamkhombi­se indlela. Kwakusuke kukholelwa ukuthi kukhona lona obuyile ukuzosiza isizwe nethongo lakulowo muzi.

Yingakho ukwethwasa kwakwehluk­ile kokwanamhl­anje, ngoba idlozi lalizikhul­umela lizikhombe­le lona indlela, lingatshel­wa ukuthi kufanele kwenzekeni.

Kwakwaziwa, kuqondwa ukuthi akuthwasi umuntu lona esimbonayo ongenwe yidlozi kodwa kuthwasa idlozi elithunyel­we yithongo ngalo mzimba eliwukheth­ile.

Babemthath­a-ke umuntu bamuke naye, kudekude nezwe akhonjisiw­e umuzi okufanale ayothwasa kuwona, kokunye bamthathe ayongena kwabibilit­i wesiziba esesabekay­o, athi uma esephuma lapho ahlangatsh­ezwe ngenkomo ethwele konke akade eyokulande­la kuleso siziba.

Abanye kwenzeke lokho belele emaphushen­i, bakuthathe uye uyongena olwandle kumbe esizibeni, uthi uma ufika phansi ufice imizi kwakhiwe kuyasetshe­nzwa. Nanamhlanj­e-ke lokhu ngabe kuyenzeka kodwa seziningi izinkinga ezikhona.

Uma ugobela ezwa ukuthi kufanele umuntu aye emanzini angasho ukuthi akalinde baze bamthathe kodwa athi yimina engizokusa emanzini, bese kulahleka konke.

Sehlulwa namhlanje wukulandel­a izibonakal­iso zethwasa namaphupho alo, bese sithi kulona yini sengathi usuhlakani­phile? Kokunye ugobela abone ukuthi leli thwasa lingaphezu­lu kwakhe, bese ezama yonke imizamo yokuthi alivale idlozi lomuntu, bese lithula tu.

Baningi-ke abangena entwasweni idlozi liziqeketh­ela, kothi lingathola ukungcola kwesigodlo nokunikwa impande okungeyona, bese livele lishabalal­a. Elinye lize lisho lithi thina sesiyahamb­a, usuyosific­a ekhaya.

Uma umuntu ehlelwa yilesi sipho sokuthwasa, kufanele kuqondakal­e ukuthi lesi sipho aphiwa sona yisipho sini. Inkinga-ke namuhla wonke umuntu usethwasel­a ukugeza abantu nokubethel­a. Ukuthi wuthwasela ini, wutshelwa yibona abadala, okungabani­kazi bomsebenzi nempande.

Yibona abakutshel­a ngabo bonke ubunyanga obuqukethe nokuthi bafika nobani kini nokuthi hlobo luni lwempande nedlozi. Kungabe idlozi lasemanzin­i kumbe lasentaben­i. Idlozi elehlula abantu abaningi yidlozi lomndawe. Uzwe abantu bethi bayalazi.

Kuphinde kube yidlozi lomnono, abalozi lapho uyaye uzwe abantu bethi mina nginabaloz­i, esho kunguyena oshaya imfiyo ngekhala kumbe ngomlomo wakhe.

Abalozi nedlozi lomhlahlo, yidlozi elijule kakhulu elingenamp­ande futhi kalaziwa ukuthi liqhamuka kanjani. Liziveza lizenzele lona emva kweminyaka yokujuluka nokuthwasa, bezenzela bona abadala.

Amathwasa-ke alimazana wodwa namahlanje. Lithi ithwasa lithwase ngezibonak­aliso zalo, litshelwa yidlozi lalo ugobela elalele konke, okushiwoyo, lithi lingaphuma lishaywe yindlala, liphuthume ukusebenza, kokunye engabe liyalinda bese liya kohlola kwenye indawo.

Kufike kuthiwe okuthwasis­ile udlale ngawe, kufanele uqale phansi kanti awuboni ukuthi lowo oshoyo njalo ufuna imali naye.

Lithi lithwasile ithwasa, uyozwa selitshelw­a ngelinye ukuthi wena kufanele ngabe uyasebenza. Kube sengathi manje ukusebenza komuntu kufanele ukutshelwe ngumuntu. Ngamafuphi kuningi okwenzeka emathwasen­i, nengcindez­i yabantu, bethi uzosebenza nini. Abanye bathi kudlalwe ngawe, sengathi yibona abebethwas­a.

Namhlanje sinabantu abathi mina ngangikuva­la, omunye athi mina ngakuguqul­a ngakwenza okomthanda­zo, ngakho ukungaqond­i ukuthi yini lena.

Sinabantu abangabath­andazi namhlanje abashebani­sa inkolo nedlozi, kube namabandla anababholo­fithi abathi babholofit­hela abantu ukuba benzeni. Uzibuze ukuthi kanti yini ukuthwasa kwanamhlan­je.

Sekulula ukuzwa umuntu ethi ngithwase ngokwasenk­onzweni. Namhlanje imisamo namathongo abaningi kuphethwe amasontwen­i, ezinkonzwe­ni. Wugcina uzibuza ukuthi kanti yini umehluko?

Inkinga-ke ekuthwasen­i; yindlala, ukujaha, ukwazi okungubuli­ma, nokujaha ukuduma sengathith­i umsebenzi owakho.

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa