Owehlelwe wukuthwasa kufanele aqondisise ukuthi kuhlosweni ngobizo lwakhe
Kokukhona
USEKUNINGI ukudideka
uma kukhulunywa ngokuthwasa. Siyathwasa sibaningi kodwa okubaphumelelisile bambalwa. Yinkinga lena eze yangenza ngiqale ngibhale incwadi esihloko sithi: Umsamo Nokuthwasa Kwethwasa, okulindeleke ukuba ngiyikhiphe ngasekupheleni kwalo nyaka.
Le ncwadi ingumphumela wocwaningo ebengilokhu ngilwenza ngokuthwasa kwabantu namathwasa kanjalo nogobela ekuthwasiseni.
Kuningi okuvelile ngoba bengifuna ukuthola ukuthi; amathwasa angaka namhlanje avelaphi? La mathwasa athi uma esephothulile angasebenzi, kubangelwa yini? Uma esephothulile afike asebenze, makhathaleni umsebenzi unyamalale, ngabe yini?
Uma kuthwaswa noma kuthwasiswa kusuke kuthwasa kuthwasiswa bani?
Imibuzo ethinta umnikazi wempande nesikhwama, nokuthi ungenwe ngubani, obunyanga nemimoya ekungenile kuluhlobo luni, konke kuphenduliwe encwadini esihloko sithi Umsamo Ubizo Nokwelapha Kwendabuko, okungenye yezincwadi esengizikhiphile. Yonke-ke le mibuzo igcina iphendula umbuzo othi yini ukuthwasa?
Namhlanje sisemgamanxweni wokuthungatha ukuthi ukuthwasa kusuke kuqondweni (ngakho) nokuthi kuthwasa umuntu onjani, ethwaselani. Isikhathi sanamhlanje sehlukile kwesasemandulo.
Ukuthwasa kwakuthathwa njengento ehloniphekile lapho kwakuthi uma umuntu kumbe ingane yehlelwa yilolu bizo kuguqwe kucelwe kwabadala ukuthi abamkhombise indlela. Kwakusuke kukholelwa ukuthi kukhona lona obuyile ukuzosiza isizwe nethongo lakulowo muzi.
Yingakho ukwethwasa kwakwehlukile kokwanamhlanje, ngoba idlozi lalizikhulumela lizikhombele lona indlela, lingatshelwa ukuthi kufanele kwenzekeni.
Kwakwaziwa, kuqondwa ukuthi akuthwasi umuntu lona esimbonayo ongenwe yidlozi kodwa kuthwasa idlozi elithunyelwe yithongo ngalo mzimba eliwukhethile.
Babemthatha-ke umuntu bamuke naye, kudekude nezwe akhonjisiwe umuzi okufanale ayothwasa kuwona, kokunye bamthathe ayongena kwabibiliti wesiziba esesabekayo, athi uma esephuma lapho ahlangatshezwe ngenkomo ethwele konke akade eyokulandela kuleso siziba.
Abanye kwenzeke lokho belele emaphusheni, bakuthathe uye uyongena olwandle kumbe esizibeni, uthi uma ufika phansi ufice imizi kwakhiwe kuyasetshenzwa. Nanamhlanje-ke lokhu ngabe kuyenzeka kodwa seziningi izinkinga ezikhona.
Uma ugobela ezwa ukuthi kufanele umuntu aye emanzini angasho ukuthi akalinde baze bamthathe kodwa athi yimina engizokusa emanzini, bese kulahleka konke.
Sehlulwa namhlanje wukulandela izibonakaliso zethwasa namaphupho alo, bese sithi kulona yini sengathi usuhlakaniphile? Kokunye ugobela abone ukuthi leli thwasa lingaphezulu kwakhe, bese ezama yonke imizamo yokuthi alivale idlozi lomuntu, bese lithula tu.
Baningi-ke abangena entwasweni idlozi liziqekethela, kothi lingathola ukungcola kwesigodlo nokunikwa impande okungeyona, bese livele lishabalala. Elinye lize lisho lithi thina sesiyahamba, usuyosifica ekhaya.
Uma umuntu ehlelwa yilesi sipho sokuthwasa, kufanele kuqondakale ukuthi lesi sipho aphiwa sona yisipho sini. Inkinga-ke namuhla wonke umuntu usethwasela ukugeza abantu nokubethela. Ukuthi wuthwasela ini, wutshelwa yibona abadala, okungabanikazi bomsebenzi nempande.
Yibona abakutshela ngabo bonke ubunyanga obuqukethe nokuthi bafika nobani kini nokuthi hlobo luni lwempande nedlozi. Kungabe idlozi lasemanzini kumbe lasentabeni. Idlozi elehlula abantu abaningi yidlozi lomndawe. Uzwe abantu bethi bayalazi.
Kuphinde kube yidlozi lomnono, abalozi lapho uyaye uzwe abantu bethi mina nginabalozi, esho kunguyena oshaya imfiyo ngekhala kumbe ngomlomo wakhe.
Abalozi nedlozi lomhlahlo, yidlozi elijule kakhulu elingenampande futhi kalaziwa ukuthi liqhamuka kanjani. Liziveza lizenzele lona emva kweminyaka yokujuluka nokuthwasa, bezenzela bona abadala.
Amathwasa-ke alimazana wodwa namahlanje. Lithi ithwasa lithwase ngezibonakaliso zalo, litshelwa yidlozi lalo ugobela elalele konke, okushiwoyo, lithi lingaphuma lishaywe yindlala, liphuthume ukusebenza, kokunye engabe liyalinda bese liya kohlola kwenye indawo.
Kufike kuthiwe okuthwasisile udlale ngawe, kufanele uqale phansi kanti awuboni ukuthi lowo oshoyo njalo ufuna imali naye.
Lithi lithwasile ithwasa, uyozwa selitshelwa ngelinye ukuthi wena kufanele ngabe uyasebenza. Kube sengathi manje ukusebenza komuntu kufanele ukutshelwe ngumuntu. Ngamafuphi kuningi okwenzeka emathwaseni, nengcindezi yabantu, bethi uzosebenza nini. Abanye bathi kudlalwe ngawe, sengathi yibona abebethwasa.
Namhlanje sinabantu abathi mina ngangikuvala, omunye athi mina ngakuguqula ngakwenza okomthandazo, ngakho ukungaqondi ukuthi yini lena.
Sinabantu abangabathandazi namhlanje abashebanisa inkolo nedlozi, kube namabandla anababholofithi abathi babholofithela abantu ukuba benzeni. Uzibuze ukuthi kanti yini ukuthwasa kwanamhlanje.
Sekulula ukuzwa umuntu ethi ngithwase ngokwasenkonzweni. Namhlanje imisamo namathongo abaningi kuphethwe amasontweni, ezinkonzweni. Wugcina uzibuza ukuthi kanti yini umehluko?
Inkinga-ke ekuthwaseni; yindlala, ukujaha, ukwazi okungubulima, nokujaha ukuduma sengathithi umsebenzi owakho.
■