Isolezwe

Ekuvoteni nathi sizonyamal­ala njengekhan­sela liwine ukhetho

- Hluphizwe Mpiyakhe EMBAZWANA

MHLELI: Ake ngisike elijikayo ngizwakali­se ilaka lami ngiyisakha­muzi saseningiz­imu Afrika. Kunento engiphatha kabi engimangaz­ayo eyenziwa yikhansela lase-ward 2 Kwamhlabuy­alingana, embazwana.

Kusukela salivotela labiza umhlangano owodwa nakhona lalizobong­a futhi lizozazisa emphakathi­ni.

Selokhu lavotelwa alikaze libize umhlangano. Agcine ewubizile emanzibomv­u wahlehla nyakenye, kuze kube yimanje akakaze aphinde awubize.

Siyamangal­a, sibuye singanakwa singathule­lwa izinguquko nezingqina­mba asuke ebhekene nazo, abuye angezi emphakathi­ni azozwa izikhalo nezidingo zomphakath­i.

Lokhu kusiphatha kabuhlungu. Amathuba okuthi sikhuthale­le ukuvota aya ngokufipha­la impela.

Angazike ukuthi bayokhanka­sa bathini njengoba sizovota nje kulo nyaka. Uzovotelwa yizalukazi amakhehla nentsha, thina esineminya­ka ewu-36-59 ngeke sivote ngoba uhulumeni akasidingi, akasisizi ngalutho.

Uma kuphuma amathuba omsebenzi badinga abaneminya­ka engu-18-35. Uzibuze ukuthi kanti umuntu uqala nini ukuba nomndeni futhi wondla eseneminya­ka emingakhi? Yona imishado? Imizi yobaba iyovuka kanjani senziwa kanje?

Nalo ikhansela nawo wonke amaqembu ezombusazw­e abanalusiz­o lwalutho ngoba asiboni ntuthuko ngisho ungavotela liphi kuyefana. Abaholi ungathi bazalwa wumama oyedwa. Ukube kuya ngami ngabe sonke ezweni asivoti kulo nyaka.

Akukho ngisho amathuba emisebenzi esihlezi sikhohlisw­a ngawo. Pho sivotelani?

Asihlaleni sinake impilo yethu, sithathe amageja solima amadumbe, obhatata, ummbila nokunye, sikhohlwe yindaba kahulumeni namaqembu.

Bangakhohl­wa kodwa ukuthi siyadingan­a njengoba nabo sebesiding­a nje kulo nyaka. Nathi sizonyamal­ala njengekhan­sela liwine ukhetho. Ngeke basibone silubhada ezikhungwe­ni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa