Ekuvoteni nathi sizonyamalala njengekhansela liwine ukhetho
MHLELI: Ake ngisike elijikayo ngizwakalise ilaka lami ngiyisakhamuzi saseningizimu Afrika. Kunento engiphatha kabi engimangazayo eyenziwa yikhansela lase-ward 2 Kwamhlabuyalingana, embazwana.
Kusukela salivotela labiza umhlangano owodwa nakhona lalizobonga futhi lizozazisa emphakathini.
Selokhu lavotelwa alikaze libize umhlangano. Agcine ewubizile emanzibomvu wahlehla nyakenye, kuze kube yimanje akakaze aphinde awubize.
Siyamangala, sibuye singanakwa singathulelwa izinguquko nezingqinamba asuke ebhekene nazo, abuye angezi emphakathini azozwa izikhalo nezidingo zomphakathi.
Lokhu kusiphatha kabuhlungu. Amathuba okuthi sikhuthalele ukuvota aya ngokufiphala impela.
Angazike ukuthi bayokhankasa bathini njengoba sizovota nje kulo nyaka. Uzovotelwa yizalukazi amakhehla nentsha, thina esineminyaka ewu-36-59 ngeke sivote ngoba uhulumeni akasidingi, akasisizi ngalutho.
Uma kuphuma amathuba omsebenzi badinga abaneminyaka engu-18-35. Uzibuze ukuthi kanti umuntu uqala nini ukuba nomndeni futhi wondla eseneminyaka emingakhi? Yona imishado? Imizi yobaba iyovuka kanjani senziwa kanje?
Nalo ikhansela nawo wonke amaqembu ezombusazwe abanalusizo lwalutho ngoba asiboni ntuthuko ngisho ungavotela liphi kuyefana. Abaholi ungathi bazalwa wumama oyedwa. Ukube kuya ngami ngabe sonke ezweni asivoti kulo nyaka.
Akukho ngisho amathuba emisebenzi esihlezi sikhohliswa ngawo. Pho sivotelani?
Asihlaleni sinake impilo yethu, sithathe amageja solima amadumbe, obhatata, ummbila nokunye, sikhohlwe yindaba kahulumeni namaqembu.
Bangakhohlwa kodwa ukuthi siyadingana njengoba nabo sebesidinga nje kulo nyaka. Nathi sizonyamalala njengekhansela liwine ukhetho. Ngeke basibone silubhada ezikhungweni.