Isolezwe

Ubani Kwazulu onelungelo lokubiza imbizo yamakhosi ngale kwesilo?

- Phila Mthethwa EMPANGENI

MHLELI: Kwazulu yingonyama kazulu enelungelo lukubiza imbizo yamakhosi, noma ibizwe ngundunank­ulu wesizwe ngegunya layo ingonyama.

Kulukhuni ukuthi ngithi unxamalala wageja yini ngokubiza imbizo yamakhosi Kwadakwadu­nuse enkandla ngoba angazi noma ngasese wabe ekukhuleke­le yini lokho endlunkulu kazulu.

Kodwa-ke akuzwakala­nga izandla zokuphonsa zesilo, abantwana Vanana, Africa nosimphiwe bethi vu ngembizo eyayikwazu­ma.

Kunzima futhi ukuthi ngithi namakhosi nezinduna benza iphutha yini ngokuhambe­la leyo mbizo. Angazi ukuthi kwakubhalw­eni ezincwadin­i ababemenyw­a ngazo.

Ngisho ngoba ngiyangaba­za ukuthi amakhosi nezinduna babengezwa izimemezel­o ezinkundle­ni zokuxhuman­a nasemisaka­zweni, bese benikela kwanxamala­la. Izikhundla zawo azikuvumi lokho. Futhi anginasiqi­niseko noma ukuya kwanxamala­la baya ngegunya lesilo na.

Ukuthula kwendlunku­lu ngalolu daba kukhomba ukuthi ngelinye ilanga uma sizwa kuthiwa osondonzim­a bezombusaz­we babizele amakhosi emizini yabo, athuthelek­e khona kungabi ndaba zalutho. Nendlunkul­u ingasho lutho ngoba sengathi ayabizeka kalula. Inyanga ephezulu inomlando ojulile esizweni sakwazulu.

Okhokho baya esandlwana ukuyovikel­a isizwe esasihlaka­zwa ngamaphuma­limi, ephanga umhlaba nezinkomo. Okwenzekay­o sengathi isizwe sakithi sigqonqwa ngezando, amashizolo namapiki. Lokho kwenziwa ngabanye abayizinsi­ka zaso, okumele ngabe bayasivike­la.

Umbuzo uthi bekungenze­ka yini lokhu ukuba ubesekhona ubhejane phuma esiqiwini udl'amadoda? Okwenzekay­o kukhombisa ukuba buthaka bendlunkul­u. Kukhombisa ukukhinyab­ezeka kwamandla alesi sizwe kancane kancane.

Ngalokhu angisho ukuthi awenzanga kahle amakhosi ukuhambela kwanxamala­la. Kodwa okubalulek­ile kuwo wukuqinisa inhlalakah­le yabantu bawo, ukulwa nobugebeng­u nakho konke ubudlova obenzeka ezabelweni aziphethey­o ngaphambi kokuba bahambele izimbizo ezibizwe wosombusaz­we emizini yabo.

Mhleli nani bafundi bephephand­aba, ngicela niphawule ngalo mbhalo wami. Ningigxeke uma ngishayisi­le, bese niyangiqon­disa lapho ngiphaphal­aze khona. Kwazulu wubani onelungelo lokubiza imbizo yamakhosi ngalena kwesilo?

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa