Ubani Kwazulu onelungelo lokubiza imbizo yamakhosi ngale kwesilo?
MHLELI: Kwazulu yingonyama kazulu enelungelo lukubiza imbizo yamakhosi, noma ibizwe ngundunankulu wesizwe ngegunya layo ingonyama.
Kulukhuni ukuthi ngithi unxamalala wageja yini ngokubiza imbizo yamakhosi Kwadakwadunuse enkandla ngoba angazi noma ngasese wabe ekukhulekele yini lokho endlunkulu kazulu.
Kodwa-ke akuzwakalanga izandla zokuphonsa zesilo, abantwana Vanana, Africa nosimphiwe bethi vu ngembizo eyayikwazuma.
Kunzima futhi ukuthi ngithi namakhosi nezinduna benza iphutha yini ngokuhambela leyo mbizo. Angazi ukuthi kwakubhalweni ezincwadini ababemenywa ngazo.
Ngisho ngoba ngiyangabaza ukuthi amakhosi nezinduna babengezwa izimemezelo ezinkundleni zokuxhumana nasemisakazweni, bese benikela kwanxamalala. Izikhundla zawo azikuvumi lokho. Futhi anginasiqiniseko noma ukuya kwanxamalala baya ngegunya lesilo na.
Ukuthula kwendlunkulu ngalolu daba kukhomba ukuthi ngelinye ilanga uma sizwa kuthiwa osondonzima bezombusazwe babizele amakhosi emizini yabo, athutheleke khona kungabi ndaba zalutho. Nendlunkulu ingasho lutho ngoba sengathi ayabizeka kalula. Inyanga ephezulu inomlando ojulile esizweni sakwazulu.
Okhokho baya esandlwana ukuyovikela isizwe esasihlakazwa ngamaphumalimi, ephanga umhlaba nezinkomo. Okwenzekayo sengathi isizwe sakithi sigqonqwa ngezando, amashizolo namapiki. Lokho kwenziwa ngabanye abayizinsika zaso, okumele ngabe bayasivikela.
Umbuzo uthi bekungenzeka yini lokhu ukuba ubesekhona ubhejane phuma esiqiwini udl'amadoda? Okwenzekayo kukhombisa ukuba buthaka bendlunkulu. Kukhombisa ukukhinyabezeka kwamandla alesi sizwe kancane kancane.
Ngalokhu angisho ukuthi awenzanga kahle amakhosi ukuhambela kwanxamalala. Kodwa okubalulekile kuwo wukuqinisa inhlalakahle yabantu bawo, ukulwa nobugebengu nakho konke ubudlova obenzeka ezabelweni aziphetheyo ngaphambi kokuba bahambele izimbizo ezibizwe wosombusazwe emizini yabo.
Mhleli nani bafundi bephephandaba, ngicela niphawule ngalo mbhalo wami. Ningigxeke uma ngishayisile, bese niyangiqondisa lapho ngiphaphalaze khona. Kwazulu wubani onelungelo lokubiza imbizo yamakhosi ngalena kwesilo?