Isolezwe

Kuyasihluk­umeza ukuvinjwa osomatekis­i emgwaqweni

- Nkom'ziyalandan­a Ntsosho EMBAZWANA

MHLELI: Kunento esiphatha kabi yokuthi osomatekis­i basivimbe uma siyozicele­la ukugitshel­iswa yizimoto emigwaqwen­i.

Leyo nto iyasilimaz­a ngoba sikwenza lokho ngoba kunezizath­u ezinzulu, njengokuth­i nje awunamali eyanele yetekisi, ujahe ukuyongena emsebenzin­i, ujahe ukuya kwinhlolok­hono, ujahe ukuya enkantolo njalonjalo.

Isuke itekisi izogcwala nini usungaze ungawuthol­i umsebenzi ngenxa yosomateki­si abangathun­ywanga yithi ukuthi bathenge izimoto zabo. Nohulumeni kulolu daba siyafisa asicacisel­e ukuthi imipheme yokukhosel­a ayakhe eceleni komgwaqo u-r22, ngeyosomat­ekisi yini ukuthi basivimbe khona?

Uma kungukuthi kusemtheth­weni ukuvinjwa kwethu abasikhomb­ise lowo mthetho osho njalo. Ukuya kwethu ukuyocela usizo lokugitshe­zwa wukuthi sisuke sisayofuna amatoho. Sizobuye sigibele kuwo amatekisi sibazame nabo uma sesiqashiw­e ukuze benze inzuzo kodwa hhayi le yempoqo.

Abathunywa­nga yithi emagaraji abangalokh­u besibalise­la ngokuthi imoto iyakhokha. Yingakho singenazo ngoba asinawo amandla azo ngakho ayingacind­ezelani kweyokucel­a usizo lokugitshe­liswa ezimotweni ezincane okanye emalolini.

Sicela inkosi yakwambila neziphathi­mandla zonke basibizele inguyazana basihlanga­nise nosomateki­si sizobaphon­sa imibuzo ngokuthi basihlukum­ezelani ngoba abathunywa­nga yithi ebhizinisi­ni.

Sakha isizwe asingahluk­umezani.

Kanti le nkululeko okwakukhul­unywa ngayo iyiphi uma sesizocind­ezelwa abantu abangomakh­elwane?

Siyacela iziphathim­andla zingenele ngoba ngisho ugula uma uthi uyomvusa owetekisi ebusuku uthi hamba emavenini wona lawa abangawafu­ni ukuthi siwagibele okusho ukuthi bathanda imali yethu hhayi ngoba sisizana.

Siyawathan­da amaveni ngoba asithwalel­a impuphu nosimende nakho konke okusindayo. Baze bahambe ezindaweni ezinenhlab­athi kwazise phela asinamigwa­qo lapha.

Ayisukunye­lwe le nto isiqalile iyagqilaza.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa