Isolezwe

Ubonga umdali ngengoma opikwe nguchris Brown

- CHARLES KHUZWAYO

INTOMBAZAN­E yasenanda, eqhakazisw­e yisihlaban­i somculi wase-usa, ikhiphe ingoma yokubonga unkulunkul­u nomphakath­i.

Unaledi Aphiwe Mnyongwane (17), uzwakala engomeni kachris Brown ethi Shooter, eboshelwe kwi-albhamu yakamuva ethi 11:11.

Muva nje unaledi ukhiphe ingoma ethi Ngiyabonga.

Echaza ngeculo unaledi owenza u-grade 12 ekhethokuh­le High, uthe lingaphezu komculo kodwa liwumthand­azo.

Ufanise ingoma nomkhuleko ophuma ekujuleni kwenhliziy­o yakhe, umnkenenez­o ngabantu ahlangane nabo nothando olukhulu lalokhu akwenzayo.

"Phezu kwakho konke, ngiyabonga ngephimbo nangothand­o olujulile lomculo unkulunkul­u angibusise ngalo." Izinhlamvu zengoma zihamba kanje: "Ngibonga unkulunkul­u Ngangiphe Khona. Ngibonge unkulunkul­u Ngangenzel­e Khona. Ngoba Abanye Bayalifisa Lelithuba Kodwa

Abalitholi ......... ”

Unaledi unxuse abantu ukuba bahlangany­ele naye ohambweni lwakhe lokubonga impumelelo yakhe emculweni. Intokazi ikhipha le ngoma nje, yingoba u-2023, bekuwunyak­a wayo.

Ngaphandle kokumpika kwi-albhamu, uchris Brown umkhokhele u-$3000 (okuyimali engaphezu kuka-r50 000) ngenxa yokusebenz­isa iphimbo lakhe futhi ulotshwe njengomuny­e wababhali bengoma.

Lokho kusho ukuthi uma iculo lidlalwa emisakazwe­ni nakwezinye izindawo, unaledi Aphiwe uzohlomula.

Empeleni kuqale ngo-2022, ngesikhath­i uchris Brown esabalalis­a ezinkundle­ni zokuxhuman­a i-video kanaledi ecula ingoma kabig Zulu ethi Ubaba Ulala Nami.

Kusukela lapho impilo kanaledi Aphiwe ayibange isabheka emuva. Usanda kuhlabana ngomklomel­o wetop Influencer, emqhudelwa­neni abeqokwe kuwo noblack Coffee, nozakes Bantwini, i-2023 Briefly News Entertainm­ent Awards.

Unaledi uqophe nezinye izingoma okubalwa nekanomfun­do Moh ethi Uyangijabu­lisa, nekafezeka Dlamini ethi Zojik’izinto.

 ?? Isithombe: FACEBOOK ?? UNALEDI Aphiwe Mnyongwane uzibongele ngengoma kwabamseki­le ohambweni lwakhe lomculo
Isithombe: FACEBOOK UNALEDI Aphiwe Mnyongwane uzibongele ngengoma kwabamseki­le ohambweni lwakhe lomculo
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa