Isolezwe

Ososayensi bakuleli ekhaleni lokuhlola umgomo WE-HIV

- PHILI MJOLI

OSOSAYENSI bakuleli bathi ukuhola ucwaningo oluzobe luhlola amakhambi ahlukene ukuthi angakwazi yini ukuba wumgomo wokuvika I-HIV, kuyithuba lokuthi baveze ikhono labo.

Usolwazi Glenda Gray ongumengam­eli womkhandlu ocwaninga ngezempilo kuleli, i-south African Medical Research (SAMRC), uthe eminyakeni engu-20 eyedlule, luningi ucwaningo oseluke lwenziwa kuzanywa ukuthola umgomo WE-HIV kodwa bekungakaz­e kwenzeke ukuthi luholwe wososayens­i base-afrika, beluholwa wososayens­i baseeurope noma base-america, abase-afrika bebesuke belekelela.

Usho kanjena nje usolwazi Gray inhlangano yezengcula­zi emhlabeni, ikhiphe imali engu-r867 million yokuthi ahole ucwaningo oluzobe luhlangani­se izincithab­uchopho kwezempilo zase-afrika, ezizobe zesekelwe ngezomhlab­a wonke, kuhlolwa amakhambi ehlukene khona e-afrika.

Uthe ngale mali kuzohlolwa amakhambi okunenkole­lo yokuthi angaba umgomo uma kubheka ukuhlolwa kwawo ema-labolatory, azobe esehlolwa ezilwaneni nakubantu.

“Ngiyazi ukuthi enqwabeni yocwaningo oseluke lwenziwa eminyakeni eminingi eyedlule imiphumela isiphoxile kodwa njengoba ngisho nje belugxile emazweni aphesheya. Manje sekuyithub­a lethu singabacwa­ningi nososayens­i base-afrika, lokuthi sikhule ekucwaning­eni.

Ulwazi esiluthole emiphumele­ni yaphambili­ni luzosisiza ekutheni sithole indlela engcono yokuthi sibhekana ngqo nengxenye yama-cells okumele siyiqinise, ukuze igciwane lengculazi lingangeni.

Imiphumela yaphambili­ni isikhombis­ile ukuthi amakhambi aseke ahlolwa, abe nakho ukuvikela okuthize, yize ebengakwaz­i ukuvikela ingxenye yama-cells okuyiyona ehlaselwa YI-HIV ngokuphele­le ngoba ama-cells anezingxen­ye eziningi. Manje sesiyazi ukuthi ukuze siwine, kuzomele umgomo uqondane nengxenye esiyibiza ngev1v2, kwi-cell,” kusho usolwazi Gray.

Uthe ukuhlolwa komgomo wokugwema i-covid-19 nakho kubasizile bengososay­ensi ukuthi baqhamuke nezindlela ezilula zokuhlola futhi ezisheshay­o kodwa izindlela abaziseben­zise ngesikhath­i behlola umgomo wecovid-19 ngeke bazisebenz­ise zinjengoba zinjalo ngoba igciwane I-HIV lihluke kakhulu.

“Sinethemba lokuthi siyiafrika sizokwazi ukuqhamuka nomgomo ngoba leli gciwane linokwehlu­ka kubantu abahlala emazweni ahlukene. Njengamanj­e sisesesiga­beni sokuthi sihlangani­se amathimba azocwaning­a.

Okungijabu­lisa kakhulu wukuthi ethimbeni lososayens­i abaphambil­i abayingxen­ye yalolu cwaningo, baningi abantu besifazane, okusho ukuthi nabo abesifazan­e bayakhula emkhakheni wokucwanin­ga,” kusho usolwazi Gray.

 ?? Isithombe: SIGCINIWE ?? NGOKOKUQAL­A emlandweni ososayensi bakuleli bazohola ucwaningo oluhlola amakhambi ahlukene, ukuthi angaba yini wumgomo ovika I-HIV
Isithombe: SIGCINIWE NGOKOKUQAL­A emlandweni ososayensi bakuleli bazohola ucwaningo oluhlola amakhambi ahlukene, ukuthi angaba yini wumgomo ovika I-HIV

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa