Isolezwe

Sehlile isibalo sabadala ababhemayo emhlabeni: WHO

- PHILI MJOLI

IKOMITI lezempilo ephalamend­e lithi umthethosi­vivinywa itobacco Products and Electronic Delivery Systems Control Bill awenzelwe ukuvimbela abantu ukuthi babheme kodwa wenzelwe ukubavikel­a kulawulwe nokukhangi­swa kukagwayi.

Unkk Thenjiwe Kibi, owusihlalo wekomiti osabambile, uthe lo mthethosiv­ivinywa, olawula ukusetshen­ziswa kukagwayi wenzelwa ukuthi uhambisane nomthetho iframework Convention and repeal the Tobacco Control Act of 1993 (Act No. 83 of 1993) oshaywe inhlangano yezempilo emhlabeni ukuze kuvikelwe abantu engozini kagwayi.

Uguquko oluhlongoz­wayo kulo mthethosiv­ivinywa, ukuthi kube nezindawo zomphakath­i ezisendlin­i kanye nezindawo ezithile ezingaphan­dle ezizoqokwa okuzokwazi­wa ukuthi akubhenyel­wa kuzo ngokuphele­le (100% smoke free)

-Ukungavuny­elwa kokudayisw­a kukagwayi ngemishini ewubuchwep­heshe besimanje, ukuthi iphakethe likagwayi lingabhalw­a lutho olungukukh­angisa ngaphandle, libe nezixwayis­o zezempilo nezithombe ezikhombis­a umonakalo odalwa ugwayi emzimbeni wakho

-Ukunqatshe­lwa kwabadayis­a ugwayi ukuthi bawubeke obala lapho uzobonwa khona (display)

-Ukulawulwa kwezinye izindlela zokubhema kusetshenz­iswa amathuluzi asebenzisa ugesi lapho ababhemayo behogela i-nicotine noma besebenzis­a la mathuluzi kodwa abakubhema­yo kungenayo i- inicotine.

Usho kanjena nje unkk Kibi inhlangano yezempilo emhlabeni, iworld Health Organisati­on (WHO), isanda kumemezela ukuthi kwehlile ukubhenywa kukagwayi ngabantu abadala emhlabeni.

Ithe ngasekuphe­leni konyaka odlule ucwaningo elwenzile luveze ukuthi umuntu omdala oyedwa kwabahlanu ubhema ugwayi okuyisibal­o esehlelile uma siqhathani­swa nesango-2000, lapho umuntu oyedwa kwabathath­u wayebhema ugwayi.

Udkt Ruediger Krech, owumqondis­i wophiko olubhekele ukugqugquz­elwa kokulandel­a izinto eziyimpilo kwiwho, uthe ucwaningo lwakamuva lukhombisa ukuthi amazwe angu-150 akwazile ukunciphis­a ukubhenywa kukagcwayi emazweni awo ngempumele­lo.

Udkt Ruediger uthe nakuba ukhona umehluko obonakalay­o emhlabeni wonke kodwa abakhiqizi bakagwayi basaqhubek­a nokushaya indiva imigomo yezempilo ehambisana nogwayi.

"Uma umkhakha wezempilo usucabanga ukuthi uwinile, abakhiqizi bakagwayi baqhamuka namanye amaqhinga okukhohlis­a abezempilo, babe beqhubeka bedayisa imikhiqizo yabo enezithako ezibulalay­o. Nakuba izibalo zehla kancane ngokuhamba kweminyaka, okusinika ithemba lokuthi umhlaba uzofinyele­la esibalweni ozibeleke sona sokuthi wehlise ukubhenywa kukagwayi ngo-25% ngo-2025, ngoba wehlulekil­e ukwehlisa ukubhenywa kukagwayi ngo-30% ngo-2010. Amazwe angu-56 kuphela emhlabeni wonke okubukeka ezofinyele­la kulo mgomo, okuyisibal­o esehle ngamazwe amane kusukela embikweni wokugcina obuwenziwe ngo-2021," kusho udkt Ruediger.

Uqhube wathi nakuba kunokwehla okubonakal­a kubantu abadala, ucwaningo luveza ukuthi isibalo sentsha eneminyaka engu-13 kuya ku15 ababhema ugwayi nemikhiqiz­o ene-nicotine siyenyuka emazweni amaningi.

" Ukuze kuvikelwe izizukulwa­ne ezizayo nokuqinise­kisa ukuthi ukubhenywa kukagwayi kuyaqhubek­a kuncipha, I-WHO izomemezel­a ukuthi kube nosuku Lomhlaba lokungawub­hemi ugwayi nonyaka ukuze kuvikelwe izingane," kusho udkt Ruediger.

 ?? ?? INHLANGANO­H yezempilo emhlabeni iworld Health Organisati­on (WHO), ithe sehlile isibalo sabantu ab adala ababhema ugwayi kodwa esezingane ezibhemayo siyenyuka
INHLANGANO­H yezempilo emhlabeni iworld Health Organisati­on (WHO), ithe sehlile isibalo sabantu ab adala ababhema ugwayi kodwa esezingane ezibhemayo siyenyuka

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa