Isolezwe

Iklabishi linomsoco, akulona elokudliwa ngoba ungenamali

- PHILI MJOLI

KULEZI zinsuku uzwa abantu bekhala ngokuthi le yinyanga yokudla iklabishi ngenxa yokuthi imali yokuthenga inyama ayikho.

Namhlanje sizobheka ukuthi iklabishi ngabe linamiphi imisoco.

Iklabishi linothe ngo-vitamin K, vitamin C nemisoco esiza ukwehlisa umzimba. Amaqabunga alo aluhlaza anezakhamz­imba ezisiza ukulwa nezifo, ama-antioxidan­ts.

Ongoti bezokudla bathi iklabishi uma liqhathani­swa neminye imifino alibizi, okwenza babe baningi abantu abakwazi ukulitheng­a. Ngaphezu kwalokho, linama-calories amancane, okusho ukuthi alinazo izinto ezenza ukuthi umuntu akhuluphal­e. Abantu abanezinhl­elo zokwehlisa umzimba bajwayele ukulifaka ezidlweni zabo ngenxa yalokho.

Umpheki, unkk Nokuthula Dlamini uthe iklabishi ungalidla ngezindlel­a eziningi. Ungaliphek­a ulenze isishebo, ungalenza isaladi, ungalidla lingapheki­we, ungalenza ama-roll, abanye benza nejusi ngalo.

Amino Acids

Iklabishi linemisoco eyaziwa ngama-amino acid akhiqiza amaantioxi­dant, asiza ekutheni umzimba usebenze kahle kungakheki uketshezi oludala ukuthi abantu baguge ngokushesh­a - ama-free radicals. Amaamino acid ayasiza nasekuthen­i imizwa ehambisa umyalezo ebuchoshen­i isebenze kahle, aphinde asize ekugayeken­i kokudla.

Amapolyphe­nol

Umqingo wezempilo i-american

Journal of Clinical

Nutrition, uveza ukuthi iklabishi linothe ngamapolyp­henols asiza ngokuthi: ungavuvuka­li (okungaba ukuvuvukal­a kolimi okuhambisa­na nokudideka okudalwa ukuba buthakatha­ka kwamasosha omzimba); avikela ukuthi ugule kalula uma udle ukudla okuthile okungahamb­isani nawe (allergy); asiza ekutheni ukudla kugayeke; asiza nasekuthen­i inhliziyo isebenze kahle; anciphisa amathuba okuthi uhlaselwe wumdlavuza, okungaba umdlavuza wesikhumba, umdlavuza wendlala yesinye, i-prostate cancer, umdlavuza wamanyikwe, i-pancreatic cancer, umdlavuza wombilo i-oesophagea­l cancer nokunye.

Ngokwemedi­cal News Today, indlela yokwehlisa isisindo - icabbage Soup Diet - eyaqala ukusetshen­ziswa ngabantu ngama-1950s, iyasebenza kodwa uma usuyiyekil­e umzimba ubuyela kulokho obuyikho futhi.

IZINHLOBO ZEKLABISHI

IKLABISHI ELILUHLAZA

Iklabishi linothe ngo-vitamin K, vitamin C nemisoco esiza ukwehlisa umzimba, amaqabunga alo aluhlaza anezakhamz­imba ezisiza ukulwa nezifo, ama-antioxidan­t.

Iklabishi elibomvu (purple) linemisoco efanayo nale etholakala kweliluhla­za bese lengeza ngama-anthocyani­n asiza ekuvikelen­i ukuvuvukal­a.

SAVOY CABBAGE Linemisoco efanayo netholakal­a kuleli elijwayele­kile kodwa lona liqinile uma uliqhathan­isa nelijwayel­ekile eliluhlaza.

BRUSSELS SPROUT

Iklabishi elingamabh­olana amancane kunaleli elijwayele­kile linothe ngo-vitamin K, C, antioxidan­t. Kuyenzeka libe nezinsiza ezivikela ukuthi uhlaselwe wumdlavuza.

IKLABISHI oluwuhlobo lwesavoy

KALE

Nayo ingena ngaphansi komndeni wemifino eyiklabish­i, inothe ngo-vitamin C, K. Inothe kakhulu nangamaant­ioxidants nezinsiza ezinciphis­a amathuba okuvuvukal­a. IKLABISHI ungalihlan­ganis sa nezinye izaqathe uma wenza isaladi Isithombe: SIGCINIWE

nemifino

 ?? ?? IKALE ngolunye uhlobo lwemifino olungena ngaphansi komndeni weklabishi
IKALE ngolunye uhlobo lwemifino olungena ngaphansi komndeni weklabishi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa