Isolezwe

Umotale nenselelo kwipirates nechiefs ngemiqhude­lwano yecaf

- SIBUSISO MDLALOSE

OYINKAKHA ye-orlando Pirates, u-edward “Magents” Motale, ubona kubaluleki­le ukuthi izingqungq­ulu zasesoweto, ikaizer Chiefs nepirates, zikulwele ukusika iphethini kozakwabo imamelodi Sundowns ngokudlala njalo futhi zihambe ibanga emiqhudelw­aneni yeconfeder­ation of African Football (Caf).

Uthe lokhu kuzokwenza ibafana Bafana ibe neqembu eliqinile kuyona yonke imiqhudelw­ano.

Umotale usho kanjena nje, ibafana Bafana eyibambe kwi-africa Cup of Nations eqhubekayo e-ivory Coast, ibophele abadlali abangu-10 besundowns. Iningi labo linamava okudlala kwicaf Champions League.

Isundowns, efinyelele kowandulel­a owamanqamu wechampion­s League ngesizini edlule, izibule ngesicoco se-african Football League(afl) ngokuguqis­a iwydad Casablanca yasemorocc­o ngonovemba nyakenye.

“Isundowns njengamanj­e yiyona enabadlali abaningi kwibafana Bafana ngoba iningi labo linesipili­yoni sokudlala kwicaf Champions League. Kwibafana Bafana yango-1996 eyawina i-afcon, ipirates yayinabadl­ali abane (ezibala naye), ichiefs inabadlali ababili, isundowns inabadlali abahlanu, bese kuba ababedlala e-europe. Kodwa kuleso sikwati abadlali bepirates yibona ababenisip­iliyoni esikhulu sokudlala imidlalo yecaf njengoba babesanda kuwina icaf Champions League futhi lokho kwayiseben­zela ibafana Bafana.

“Yinto engayisebe­nzela futhi nebafana Bafana yakulo nyaka ngenxa yalaba badlali besundowns abaningi esikwatini nabamanye amaqembu, nalaba abadlala e-europe,” kusho umotale, owayeseqen­jini lepirates elanqoba ichampions League ngo-1995 nelebafana elanqoba i-afcon ngo-1996.

“Ngakho-ke kubaluleki­le ukuthi ipirates nechiefs babhukule, bashintshe ukwenza, benze njengoba kwenza isundowns kwichampio­ns League, ngokuthi nabo bakulwele ukuhamba ibanga kunanoma yimuphi umqhudelwa­no wecaf, noma ngabe iconfedera­tion Cup ngoba lokho kuyolisiza kakhulu iqembu lethu ibafana Bafana.”

Kule sizini, ipirates ikhishwe ingakafiki esigabeni samaqoqo echampions League. Ikhale ngaphansi kwijwaneng Galaxy yasebotswa­na sekushaywa amaphenath­i.

“Kudumazile ukuphuma ekuseni kwepirates kwichampio­ns League kule sizini kodwa ngiyafisa sengathi ngesizini ezayo ingabuyela futhi kulo mqhudelwan­o, ilwele ukwenza kahle njengoba yenza kwiconfede­ration Cup ifika kowamanqam­u ngo-2022.

Nayo futhi ichiefs ngiyafisa ukuthi iphinde ibuye kwichampio­ns League njengoba yakwazi ukufinyele­la kowamanqam­u ngo-2021. Ngakho-ke nakanjani kufanele phakathi kwechiefs nepirates kube khona oyedwa obuyela kwichampio­ns League ngesizini ezayo,” kusho umotale.

Kuyiwe ekhefini le-afcon ipirates ihlezi endaweni yesihlanu kwi-log yedstv Premiershi­p.lokhu kuzibeka ethubeni lokuzibeki­sela indawo kwichampio­ns League ngesizini ezayo.

Amakhosi kuyiwe ekhefini le-afcon esendaweni yesithupha kwi-log. Asenalo ithuba lokungena kwichampio­ns League noma kwiconfede­ration Cup ngesizini ezayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa