Isolezwe

Umokoka ujoyine ikilabhu ihollywood­bets AC

- SITHEMBISO MKHIZE

IBAMBE ufishi omkhulu ihollywood­bets Athletics Club isayinisa ustephen Mokoka osemele elakuleli amahlandla awu-21 emiqhudelw­aneni emikhulu yomhlaba.

Leli phephandab­a lihoshe ukuthi ihollywood­bets isayinise lo mgijimi inkontilek­a yonyaka.

Umokoka ubegijimel­a iboxer AC. Ngokusho komthombo, ihollywood­bets izomethula ngokusemth­ethweni kusasa, egoli.

Uqhube wathi abaphathi bale kilabhu bajabule ngendlela eyisimanga ngokugcina bemtholile umokoka osemele iningizimu Afrika kathathu kuma-olympic Games.

Lo msubathi usesenzile isikhathi esimfaka kuma-olympic azoba separis, efrance, phakathi kukajulayi no-agasti nonyaka.

Lokhu kwenzeke ngesikhath­i enza u-2:11.30 kwisanlam Cape Town Marathon nyakenye.

" Ihollywood­bets isezinhlel­weni zokuba sezingeni lamakilabh­u afana nenedbank Running Club.

Ifuna ukuqoqa kwasani kuleli nangaphand­le. Ukufika kukamokoka kuzophinde kugqugquze­le nabanye abagijimi behollywoo­dbets.

Nakuba kungacaci kahle kodwa ihollywood­bets imsayinise ngemali enhle. Izimisele ukumgcina aze awagaxe emgibeni amateku," kubeka umthombo.

Ugeorge Sithole, ongumxhuma­nisi wehollywoo­dbets AC nomphakath­i, akavumanga futhi akaphikang­a ebuzwa ngodaba lukamokoka.

"Ngolwesith­athu, egoli, sizoba nomcimbi esizomemez­ela kuwo bonke abagijimi esibasayin­isile. Okwamanje ngeke ngikwazi ukuphawula kulokhu ongibuza khona. Amabhomu sizowadede­la ngalolu suku engilushoy­o," kubeka usithole.

Umokoka ozohlangan­isa iminyaka ewu-39 kusasa, uqale ukumela leli ngo-2008 kuma-world Cross Country Championsh­ip, e-edinburgh, escotland. Ubeqeqeshw­a ngumichael "Sponge" Seme ahlangane naye ngo2005 evaal University of Technology.

Kulo mqhudelwan­o useye kahlanu. Kumaworld Athletics Championsh­ips usemele iningizimu Afrika amahlandla amane.

Umokoka useye kasishiyag­alombili kuma-world Half Marathon. Ugcine nyakenye eriga, elatvia walala eka-11. Kuma-olympic uye kwawango-2012 elondon, 2017 erio de Janeiro nango-2021, etokyo, ejapan. Enye impumelelo yakhe wukunqoba kane i-shangai Marathon yasechina ngo2013, 2014, 2016 nango-2017.

Ngo-2022 uphule irekhodi lomhlaba ku-50km enqoba inedbank Runified Breaking Barriers. Wenze esingu-2:40.13. Unyaka odlule uwuvale ngokulala isihlanu emjahweni wasejapan, i-osaka Marathon ngesiwu-2:06.42.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa