Isolezwe

Owechiefs ubhoboke ngosizi lokweqiwa yijezi engalimele

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UNOZINTI wekaizer Chiefs, ubruce Bvuma, uvule isifuba ngobunzima nobuhlungu benhliziyo adlule kubona ngesikhath­i eqiwa yijezi kuleli qembu ezinyangen­i ezidlule.

Ubvuma (28) ukhulele ezinkulisa zechiefs lapho ekhushulel­we khona esikimini esikhulu ngesizini ka-2016/2017.

Lo nozinti okuvela ukuthi inkontilek­a yakhe okufanele iphele ngojuni izokwelulw­a ngeminye iminyaka emibili, ubalwa nabanye ababukwa njengabeba­fana Bafana.

Nakuba kuqale kahle kubvuma kwichiefs kodwa kunesikhat­hi lapho ehlale khona isikhathi engabonaka­li ekubeni engalimele.

Ngaleso sikhathi umbango wejezi ubuphakath­i kukabrando­n Petersen no-itumeleng Khune. Ukungadlal­i kwakhe kwichiefs kumlahleki­sele ngendawo kwibafana.

Ngonovemba nyakenye, ubvuma ubonakale okokuqala ezintini zechiefs emdlalweni wedstv Premiershi­p ezinyangen­i ezingu-15 lapho Amakhosi enqobe khona ngo 1-0 kwimoroka Swallows. Lokhu kwenzeke izintambo zokuqeqesh­a sezinikwe umqeqeshi ucavin Johnson.

Kusukela ebuyile ubvuma, usalilande kanye ibhola enethini emidlalwen­i emine ayidlale ilandelana.

Ngesikhath­i ubvuma ekhuluma nabezindab­a emqhele Secondary

School, e-ivory Park, etembisa lapho ichiefs nabaxhasi bayo bakwavodac­om bebenomcim­bi khona wokunikela ngezicathu­lo zesikole ngeledlule, ubhoboke ngobunzima abhekane nabo ngesikhath­i engadlali.

“Obekunzima kunakho konke wukuthi yize bengiqonda ukuthi bekufanele ngilinde ithuba lami kodwa bekumele kube yimina futhi ozikhuthaz­ayo,” kusho ubvuma.

“Kuyangijab­ulisa ukubuyela enkundleni kwazise bese siside isikhathi ijezi lingeqa ngikhona futhi ngingalime­le ndawo.

“Impilo ikhulisana ngezindlel­a eziningi ngakho-ke ukulinda kwami sekuphelil­e. Osekusele ukuthi ngiqhubeke nokusebenz­a ngendlela ebengivele ngizikhand­la ngayo,” kulandisa yena.

Ubvuma uthe ukuba unkosikazi wakhe ubengamese­ki, mhlawumbe ngabe kukhulunyw­a okunye.

“Kubona bonke ubunzima engidlule kubona unkosikazi wami ubelokhu ekhona. Uyena owazi bonke ubuhlungu bami nezinyembe­zi zami. Ngibuya esimweni esinzima kodwa ubelokhu emile ekutheni asehlise umoya silinde.

“Ngaphandle kukankosik­azi wami, angazi ukuthi ngabe ngidlule kanjani kulesi sikhathi ngoba besingihaq­e umqondo kanjalo nenhliziyo.

“Abemi ngakho ukuthi ngingaloko­thi ngehlise ekusebenze­ni kanzima ukuze lithi uma lifika ithuba lami lingifice ngililunge­le ngazo zonke izindlela njengoba kugcine kwenzekile,” kuphetha ubvuma.

Ichiefs izobuyela enkundleni ngofebhuwa­ri 13 uma seyamukela ITS Galaxy kowepremie­rship epeter Mokaba Stadium, epolokwane.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UNOZINTI wekaizer Chiefs, ubruce Bvuma, uphumele obala ngobuhlung­u bokungadla­liswa kuleli qembu elimphendu­le isibukeli ezinyangen­i
ezidlule
Isithombe: BACKPAGEPI­X UNOZINTI wekaizer Chiefs, ubruce Bvuma, uphumele obala ngobuhlung­u bokungadla­liswa kuleli qembu elimphendu­le isibukeli ezinyangen­i ezidlule

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa