Isolezwe

Imile impilo yomfelokaz­i wephoyisa ngenxa kamazisi

- SIMPHIWE NGUBANE

UKHALE ngokuma kwempilo ngenxa yokuthi akawazi ukuthi ukuziphi izinkalo umazisi wakhe umfelokazi wephoyisa, ogqunywe ejele ngezinsolo zokuthi wathenga inkabi eyabulala umyeni wakhe.

Unkk Nongcebo Faith Ntombela (43) ukusho lokhu enkantolo yesifunda emlaza izolo.

Utshele inkantolo ngommeli wakhe (elingathol­akalanga igama lakhe) ukuthi noma yini ayithintay­o ubuzwa umazisi wakhe, awugcina mhlazane eboshwa.

Umshushisi umnuz S Nhlanhla, utshele inkantolo ukuthi umphenyi wecala wawunikeza umndeni kamufi umazisi kankk Ntombela.

Bekulindel­eke ukuthi izolo inkantolo ikhombise unkk Ntombela uhla lwamacala athweswe wona nosuku ayovela ngalo enkantolo enkulu yasethekwi­ni eyoqula icala.

Icala ligcine lihlehlise­lwa umashi 12 nonyaka emlaza, ukuze umbuso uphothule uhla lwamacala oluthwese abasolwa. Imantshi ikhiphe umyalelo wokuba abuyiselwe umsolwa umazisi wakhe.

“Imile impilo kamsolwa. Akakwazi ukuzinakek­ela nezingane zakhe ngoba akawazi ukuthi ukuphi umazisi wakhe. Wagcina ukuwubona umazisi wakhe mhlazane eboshwa. Akakwazi ndawo ukufaka izicelo ngoba ubuzwa umazisi, kwayena angawazi,” kusho ummeli.

Enkantolo kuvele ukuthi umazisi kankk Ntombeni ugcinwe wumndeni kamufi, ucaptain Zwelakhe Thomas Ntombela, owayeyipho­yisa likamasipa­la wasethekwi­ni.

Untombela wadutshulw­a evala isango lakwakhe kwa-s emlaza ngomeyi

Unkk Ntombela ufike enkantolo efaswe imilenze ngozankosi. Ubeswenke econsa, egqoke ibhulukwe nezicathul­o ezimnyama, ihembe elimhlophe eligqize ngemibala emnyama, elukile ekhanda. Ubebukeka ekhululeki­le futhi emoyizela, abantu bemthwebul­a izithombe namavideo.

Bebemgxeka ngokuthi usehlile emzimbeni futhi unesibindi sokugqoka amaqhoks. Ubaphendul­e wathi ngawakhe futhi usazowagqo­ka.

Unkk Ntombela, wenqatshel­wa ibheyili ngodisemba, ubekade evele enkantolo nothishomk­hulu wasempumlw­ane Primary, umnuz Sibusiso Justice Khumalo (53) ongaphandl­e ngebheyili.

Isiboshwa esidonsa udilikajel­e ngelinye icala lokubulala futhi esingumsol­wa kuleli cala, ukhulekani Cele, asifikanga enkantolo. Bobathathu abasolwa bachakidwa yinkabi eyabulala, umzo Ntombela, eyavuma icala, yabe isigwetshw­a iminyaka engu-20 ibhadla ejele.

 ?? Isithombe: SIMPHIWE NGUBANE ?? UMNUZ Nathi Ntombela, egqoke isikibha esinesitho­mbe somfowabo owabulawa, ucaptain Zwelakhe Ntombela
Isithombe: SIMPHIWE NGUBANE UMNUZ Nathi Ntombela, egqoke isikibha esinesitho­mbe somfowabo owabulawa, ucaptain Zwelakhe Ntombela

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa