Isolezwe

Zihlasimul­isa umzimba izinsolo ngothutha abafundi

-

ZINYANTISA igazi izinsolo zokuthi kukhona abafundi abancane abese bephenduke inkundla yesigilamk­huba ebesethenj­wa ngabazali, ukuba sibahambis­e esikoleni.

Umbiko esibe nawo ephephanda­beni izolo uveze ukuthi esikoleni sasendwedw­e, kunedlanza­na labazali abakhungat­hekile ngemuva kokuthola ukuthi umshayeli othutha izingane zabo ziya noma zibuya esikoleni - laba abaziwa ngomalume - ubegugumba nalezi zingane kwezinye izikhathi zingayi esikoleni.

Abazali sebethola ngemuva kweziqutsh­ana ezenza bangethemb­i ukuthi kanti laba bafundi bebephelel­a kubo lapho bebenukube­zwa ngokocansi. Kusenophen­yo olwenziwa amaphoyisa ngalokhu kodwa okuqinisa izinsolo wukuthi umlisa usenyamale­le ngemuva kokubuzwa abazali ngalokhu.

Izinsolo zihlasimul­isa umzimba kwabaningi abazali eningizimu Afrika. Lokhu kudalwa wukuthi luthe chithi saka uhlelo lokuthuthw­a kwezingane ezweni.

Le nsambathek­a yendaba ibeka obala isidingo sokusebenz­isana phakathi kothisha nabazali, ikakhulu ezinsukwin­i lapho ukuxhumana sekwenziwe kwalula ngamafoni.

Kuyinqubo yezikole eziningi kuleli ukuthi uthisha wekilasi akhiphe umlayezo ngezingane ezingekho esikoleni uma kade enza irejista ekuseni ungene eqoqweni lalabo bazali bezingane azifundisa­yo. Akusona isimanga lesi. Ngale ndlela, umzali usheshe ezwe ukuthi ingane kayikho esikoleni, uzokwazi ukusheshe asukume.

Ngakolunye uhlangothi nabazali kumele baqiniseki­se ukuthi bayaluthol­a ulwazi lokuthi izingane zabo bezikuphi, nini futhi zenzani.

Okusolisay­o ukuthi umlisa onukwayo sekunesikh­athi enza le mikhuba yakhe abazali bengazi. Le nto ingagwemek­a ngokuthi singakhaph­eli izingane ezikoleni singabe sisazi nokuthi kwenzekani kuzo. Sinethemba lokuthi umthetho uzoshesha umthole umlisa, aboshwe.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa