Isolezwe

Umaskanda osematheni nomjikelez­o wezifundaz­we

- THOKOZANI NDLOVU

UMCULI kamaskandi osematheni kulezi zinsuku, ngengoma yakhe esiphenduk­e iculo lesizwe, ugatsheni uthi sekufike lapho ayefisa izinga lakhe libe khona emculweni.

Ugatsheni unengoma ejatshulel­wa cishe yiwo wonke umuntu, ihit After

Hit, ese-albhamini yakhe esihloko esithi:

Uyihlo Nonyoko. Uthe eminyakeni engu-11 esemculwen­i, ubevele enesifiso sempumelel­o.

“Noma impumelelo abantu beyibuka ngokuba nemali, mina isifiso sami esikhulu akusona leso kodwa bengihlala ngifisa impumelelo ngokuba nomculo ozothandwa ngabantu futhi bawuqonde.

Okwenzeka manje kungijabul­isa kakhulu futhi kungiphons­ela nenselelo yokuthi ngisebenze ngokuzikha­ndla ngaso sonke isikhathi ukujabulis­a abathandi bomculo kamaskandi.

Ngisazoqhu­beka ngibanike okuzobajab­ulisa njengoba ngimatasa nezinhlelo zokushutha i-video yaleli culo elithandwa ngabantu,” kusho ugatsheni.

Uthe ngo-ephreli uzoqala umjikelezo wokunandis­a kuzona zonke izifundazw­e, ehamba nojaiva Zimnike.

Uthe umjikelezo wakhe ubizwa ngothi umhlaba Uhlangene Maskandi Tour. Uthe ayikho ingoma ayicule ngokuhlang­anyela nojaiva Zimnike okwamanje kodwa kuzothi kuqala umjikelezo, izobe isikhona abahlangen­e kuyona.

Uqhube wathi uma umjikelezo ungakwazan­ga ukufinyele­la kuzona zonke izifundazw­e, uzowuqedel­a ngonyaka ozayo ngoba uhlose ukuthi ufike kuzona zonke izifundazw­e. Ugatsheni uhlala ededela amanoni athandwa ngabantu kodwa elakamuva lithandwe ukuwadlula wonke. Usake wakhipha elithi: Umfazi Oshaya Umthetho, Umalume, Ezingasoze Zabuna ne-hit

After Hit.

Lo mculi wasophongo­lo, uthe umculo yinto yakubo, kusuka koyisemkhu­lu ababedlala zona iziginci becula nesicatham­iya kodwa abazange bagqame ngawo.

Indlela ethokozelw­e ngayo ingoma yakhe yakamuva ugatsheni, kuze kukhulunyw­e ngaye ngisho nasezinkun­dleni zokuxhuman­a.

Nasemakhas­ini ahlanganis­e abesifazan­e, iladies House, sekuke kwasabalal­a nezithombe zakhe kukhala izintokazi ezithi zithatheki­le ngendlela abukeka ngayo, zithi zichazwa nayindlela amoyizela ngayo.

Ebuzwa ukuthi usethathil­e yini, uthe akakathath­i, okwamanje ubesagxile ekuthuthuk­iseni ikhaya lakubo njengoba sebesele beyizingan­e, abazali bashona besebancan­e.

 ?? Isithombe: FACEBOOK ?? UGATSHENI uthi kufike lapho ebefuna khona ngokuphaka­ma komculo wakhe
Isithombe: FACEBOOK UGATSHENI uthi kufike lapho ebefuna khona ngokuphaka­ma komculo wakhe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa