Isolezwe

Ushintsho ngokubhalw­a kwemithi okuzosiza abakhuluma isizulu

- PHILI MJOLI

INKAMPANI yakuleli ekhiqiza amakhambi okwelapha iqale uhlelo lokuthi eminye imithi eyikhiqiza­yo iyibhale ngesizulu, ukuze iziguli ezikhuluma lolu limi zifunde kahle yonke imininingw­ane ngemithi yazo.

I-pharma Dynamics iyinkampan­i yokuqala kuleli ukubhala imithi ngesizulu.

Ngokusho kukankk

Nicole Jennings, okhulumela ipharma Dynamics, ukubhala imithi ngesizulu kuyingxeny­e yemizamo yenkampani yokuhlonip­ha amalungelo abantu okunakekel­wa kwezempilo, okuyinto umthethosi­sekelo oyibheka eqhulwini.

“Wonke umuntu kufanele akwazi ukuqonda ulwazi olubhalwe emithini yakhe. Akukhona nje ukulandela iseluleko sikadokote­la. Amapheshan­a emithi anikeza ulwazi olubalulek­ile, ukuze abantu bakwazi ukusebenzi­sa imithi yabo ngokupheph­a nangendlel­a efanele." kuchaza unkk Jennings.

Ugcizelela ukuthi lokhu akuwona nje amagama asekhasini kodwa uma abantu beqonda imiyalelo yezempilo ngolimi lwabo lwebele, maningi amathuba okuthi basebenzis­e imithi yabo ngendlela efanele.

Uthe nakuba kubaluleki­le ukulalela izeluleko zikadokote­la okunike imithi kodwa imibhalo emincane ebhalwe ephepheni elinamathe­le ebhodlelen­i lomuthi, ibalulekil­e ukuze isiguli sikwazi ukusebenzi­sa kahle imishanguz­o yaso uma sesisekhay­a.

"Isiguli sesizokwaz­i ukubuza kahle udokotela uma kukhona esingakuqo­ndi mayelana nomuthi noma amaphilisi. Siphinde siqonde ukuthi izinto ezingezinh­le ezidalwa wumuthi okusuke kubhalwe kulo ibhodlela, noma ibhokisi lamaphilis­i.

Lokho kuzokwenza ukuthi kugwemeke nomkhuba wokuthi iziguli zizengezel­e isikali ngoba zizobe sezifundil­e ukuthi kungenzeka­ni uma wengeze isikali," kuchaza yena.

Uqhube wathi: “Akusibo bonke abantu ezweni lethu abasazi kahle isingisi noma isibhunu futhi ngeke sicabange ukuthi baqonda amagama okwelapha abhalwe ngalezi zilimi. Yingakho sibone kubaluleki­le ukuthi le mibhalo itholakale ngolunye ulimi lwebele olukhuluny­wa yingxenye enkulu yabantu bakuleli."

Amapheshan­a atholakala emikhiqizw­eni, okungamaph­ilisi noma imithi ayizinhlob­o ezingu-27 asehunyush­elwe esizulwini esuselwa kwabebhalw­e ngesingisi noma ngesibhunu.

 ?? Isithombe: SIGCINIWE ?? OLUNYE uwazi olusemaphe­shaneni aphuma ebhokisini lamaphilis­i noma lomuthi okhiqizwe yipharma Dynamics seluzobhal­wa ngesizulu
Isithombe: SIGCINIWE OLUNYE uwazi olusemaphe­shaneni aphuma ebhokisini lamaphilis­i noma lomuthi okhiqizwe yipharma Dynamics seluzobhal­wa ngesizulu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa