Uchitha izinsolo uthishanhloko wasethembimfundo
UYAZIHLANGULA uthishanhloko ngemva kwezinsolo eziqondiswe kuye ezimayelana nemali okuthiwa uyikhokhisa abafundi kungafanele.
Lokhu kwenzeka emva kokuthi abanye abazali abanezingane ezihlala ehostela labafundi esikoleni, bezwakalise ukungenami ngemali abayikhokhayo.
Umnuz Mthoko
Dlamini, uthishanhloko wasethembimfundo Special School, eshowe, uthe akulona iqiniso ukuthi wenyuse imali, ubuye wacacisa nokuthi yena siqu sakhe akazithatheli izinqumo esikoleni.
“Izinqumo zithathwa yisigungu esilawula isikole. Okwami ukuthi ngibe wumlomo waso. Ngisuke ngicelwe yiso ukuthi ngenze isimemezelo futhi zonke izinqumo ezenziwayo, abazali basuke bazisiwe ngazo,” kuchaza udlamini.
Echaza ngemali ekhokhwa ngabazali, udlamini uthe isamile ku-r12 000 ngonyaka, wathi okushintshile indlela osukhokhwa ngayo.
Uveze ukuthi phambilini, abazali bebekhokha u-r1 000 inyanga nenyanga kodwa kwabonakala ukuthi ababalelwa ku-30% kuya ku-40%, bayadoja ukukhokha.
“Umzali ugcina ekhokha mhlawumbe u-r1500, abeke izinkinga zasekhaya, angabe esayikhokha enye,” kusho udlamini.
Wengeze ngokuthi abazali ebebenza lo mkhuba bebeqoka izikhathi ezithile ukulanda izingane zabo ehostela, ukugwema imibuzo yokuthi abaqedile ukukhokha. Uthe kuye kuthi noma sebebashayela izingcingo abazali, bangabatholi.
Uthe indaba yokuphushwa phambili u-r2 000, yaba wumbono owaphakanyiswa ngomashi nyakenye, emhlanganweni wabazali.
“Sabekwa isizathu sokuthi uma kwenziwa kanje, umzali usuke esengawukhokha nanoma yinini u-r1 000 osele, kulezi zinyanga ezimbili ezisuke zisasele ithemu ngayinye,” kuchaza udlamini.
Uveze ukuthi ngaleso sikhathi abazali bakhombisa ukungenami ngoshintsho babeka nokuthi abanikiwe isikhathi esanele uma kuthiwa aluqalwe ngethemu elandelayo (Juni 2023).
Udalule nokuthi bakwamukele ukuzikhalela kwabazali ngaleso sikhathi, bakumisa isikhashana ukuqalwa kohlelo.
“Sigcine siluvusa lolu daba emhlanganweni esibe nawo ngosepthemba 28 (2023), lapho esiveze khona kubazali ukuthi uhlelo esasiluhlongoze ngomashi (2023), luzoqala ngo-2024. Abazali bacaciselwa ukuthi ayikho ingane ezovunyelwa ukungena ehostela ingayikhokhile imali.
“Sasisho ihostela, hhayi esikoleni ngoba kakade imali ayihlangene neyesikole, iqondene nokuhlaliswa kwabafundi ehostela, okusingathwa yisikole, hhayi ngumnyango,” kuchaza udlamini.
Udalule ukuthi ngookthoba nyakenye uphinde wababhalela abazali, ebakhumbuza ngesivumelwano sangosepthemba, enzela nalabo ababengekho emhlanganweni.
“Kwakufanele bakhalaze nyakenye kodwa akekho noyedwa owakwenza lokho, njengoba sebezokhalaza manje,” kuchaza udlamini.
Ugcizelele ukuthi umsindo uphehlwa ngabazali abambalwa futhi usudale uqhekeko phakathi kwabazali. Uphethe ngokuthi abazali abangenayo inkinga yokukhokha, kabeneme ngokuthi basongwe ngabhande linye, kuthiwe abahambisani nohlelo olusha.