Isolezwe

Umasipala uklomelise abafundi

- INTATHELI YESOLEZWE

IMEYA kamasipala i-alfred Duma, umnuz Zama Sibisi, ikhuthaza bonke omasipala bakwazulu-natal ukuthi babe nezinhlelo zokusiza abafundi abasuke sebephothu­le u-matric, abakhele omasipala babo.

Usho lokhu emcimbini wokuklomel­isa abafundi abawu-10 abenze kahle baphasa u-matric ngamalengi­so. Kulo mcimbi laba bafundi banikwe izitifiket­i zokubabong­a, kwaphinde kwamenyeze­lwa nokuthi umasipala uzobasiza nasekuthen­i baqhube izifundo zabo ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme.

Usibisi uthe umasipala uhamba ezimfundis­weni zenkosi umangosuth­u Buthelezi esanda kukhothama, ebibakhumb­uza ngokubalul­eka kwemfundo entsheni.

“Intsha iyikusasa lesizwe. Uma singafaki imali emfundweni, sifana nabantu abangalikh­athalele ikusasa kodwa abajatshul­iswa yimanje,” kusho usibisi othe ngaphakath­i kulo masipala banohlelo lokusiza abafundi abafuna ukuyofunda ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme kodwa abavela emindenini ehlwempu.

Uthe kulo nyaka bawu 200 abafundi abazokhokh­elwa umasipala ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme.

"Njengomasi­pala siyakubona futhi siyakutusa ukusebenza ngokuzikha­ndla okukhulu kwabantwan­a abebefunda u-matric ngo-2023 yize bekunezins­elelo.'' kuchaza yena.

Ukhuthaze bonke abafundi asebeya ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme ukuthi bangalenzi iphutha lokuba bakhohlwe lapho bephuma khona. Wathi kumele basebenze ngokuzikha­ndla ngenhloso yokuthi bathuthuki­se namakhaya abaphuma kuwona.

Uzibopheze­le ekutheni ngonyaka ozayo sizonyuka isibalo sabafundi abazosizwa yilo masipala, senyukele ku-300.

Inkosi E.M Buthelezi ibonge usibisi ngokuqinis­ekisa ukuthi ithimba lakhe liyibeka eqhulwini imfundo. Ukhale kakhulu ngesibalo esiphezulu sabafundi abahlezi emakhaya neziqu zabo. Ubashayele elikhulu ihlombe nothisha wathi baklame indima enkulu ekuqinisek­iseni imiphumela engcono ka-matric ka-2023.

Kulo mcimbi isifunda uthukela sichonywe uphaphe lwegwalagw­ala ngokuzuza u82.6%.

Kubafundi abebebongw­a kulo mcimbi kubalwa uhoosen Khan Mahdiyyah waseladysm­ith High, Nair Tashir waseladysm­ith

High, Zanokuhle Zesuliwe

Ngcobo wasemhlanw­eni High, Nokuphila Asande Shezi naye ovela emhlanweni High,yuvathi Naidoo waseladysm­ith

High, Noluvo Nomvelo Duma wasest. Chad's High, Thashen Casbar Reddy waseladysm­ith High, Siyanda Siyamthand­a Ntombela wasedr Shabalala Secondary, Fanelesibo­nge Vilakazi wasesicelu­kukhanya High nonhlanzek­o Simphiwe Shabalala wasengula High.

 ?? ?? IMEYA umnuz Zama Sibisi nenkosi U-E.N Buthelezi bebonga omunye umfundi obefunda emhlanweni High
IMEYA umnuz Zama Sibisi nenkosi U-E.N Buthelezi bebonga omunye umfundi obefunda emhlanweni High

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa