Kusinda kwehlela ezinganeni ezikhulela E-USA
ZITHWALA kanzima izelamani ezimbili zabafana ezikhulela E-USA, ekubeni abazali baphuma ejamaica. Kuvamisile ukuthi kube nzima ukwamukela ushintsho yize kuyinto okufanele yenzeke. Kwenzeka kanjalo emndenini obalekela udlame ezweni lawo bese ufuna amadlelo aluhlaza E-USA.
Kuqubuka impi ekingston, bese abashadile okungutopper nosanya, bethatha amasakana abo bafudukele emiami. Inhloso yabo wukuphembela izingane zabo ikusasa eliqhakazile. Yize I-USA ituswa ngentuthuko, ngemfashini kepha bayakhohlwa abaningi ukuthi isasele inhlese yokucwaswa kwabantu abamnyama.
Yilapho izelamani okungutrelawny nodelano, zihlangabezana khona nembibizane ngenxa yempatho eziyitholayo ekubeni zihlala ezweni lombuso wentando yeningi.
Yize abafana bekhulele emiami, bavamisile ukuvakashela ejamaica, inkinga yabo wukuzibona bengamukelekile nxazonke. Esikoleni, emphakathini, emndenini, babuzwa ukuthi baluhlanga luni?
Kuthi uma izelamani ziqhathanisa impilo yasejamaica, zibone kufanele ngabe ziphila kangcono E-USA, ezweni lesethembiso kepha zifikelwa wukuzenyeza ngobuzwe bazo. Kujwayelekile E-USA ukuthi abantu baxube izinhlanga ezehlukene baze badideke ukuthi yiluphi okumele babe yilo.
Utrelawny ubuza kunina ukuthi “Ngabe sibamnyama mama? Acikeke unina athi, “ukhokho kayihlo wayeyijuda, ugogo wakhe wayengum-irish kanti umkhulu wakhe wayengumarab. Ufuna ngithini ngempela? Kuphendula unina ngokunengeka.
Uyaphoxeka umfana uma uyise ezethula ekilasini abese echazela abafundi ukuthi wenza msebenzi muni.
“Babuza ukuthi ubaba uyasazi yini isingisi? Hhawu, ingani ubekhuluma isingisi phambi kwabo? Kungani kufanele ngivikele isithunzi sikababa esikoleni ekubeni ngingayiboni inkinga ngokukhuluma kwakhe isingisi?
Ngeminye yemibuzo exova utrelawny umoya futhi azizwe engazi ukuthi uzokwenza kanjani
Yinoveli exwayisa ngezinselelo zomndeni ozama ukuqala kabusha kwelinye izwe kepha uhlangabezana nembibizane.
Kuthi uma izinkinga zifika zilandelana futhi umuntu ngamunye esezitshela ukuthi usephunyukile kuvele okunye.
Incwadi: Surrounded by Vampires: or How to Slay the Time, Energy and Soul Suckers in Your Life Umbhali: Thomas Erikson Abashicileli: Penguin Random House UK
UYABAZI abantu abahlale befuna okuthile kuwena kepha abangakwenzeli lutho wena. Abantu abakukhumbulayo uma befuna usizo kuwena. Ngisho abazenza izimbungulu empilweni yakho! Umlobi uthomas Erikson, ungungoti kwezokweluleka nokwelapha abantu ngokuziphatha (behavioural expert), uchaza kabanzi ngalolu hlobo lwabantu, alubiza ngamavampire.
Phakathi kokunye uxwayisa umuntu ngamunye ngezenzo ezingadala ukuthi abanye abantu baxoveke umoya, ekubeni yena engaziboni ukuthi useyisicefe!
Ngokusho kukathomas, kunabantu onqenayo ukuxoxa nabo ngenxa yokuthi bayavilapha ukucabanga, bafuna ukuthi ubachazele izinto kabili noma kathathu. Bagcine bengakuzwa ukuthi uthini. Hhayi ngoba begula kodwa ngenxa yokuthi bayanqena ukuzicabangela. Kukhona uhlelo olubizwa nge-four colour
behaviour code, olusiza ekutheni uhluze kangcono ngokuziphatha komuntu.
Umbhali uthi kungenzeka ukuthi usondelene nabantu abazenza amakati wona ahlale ekhala, noma abayizindlulamithi ezibukela abanye phansi, noma amaqhalaqhala azi yonke into, nalabo abangokhangezile abafuna ukwenzelwa njalo.
Encwadini kuboshelwe amasu azokuhlomisa ukuze ukwazi ukuzivikela ebantwini abancela igazi lakho! Umlobi weluleka ngokuthi kumele ubagweme abantu abakuchithela isikhathi bakuqede nomdlandla.
■