Isolezwe

Ubozza usebuyela ekukhiphen­i eyedwa

- FANELESIBO­NGE BENGU

ILUNGU leqembu iskwatta Kamp, unkosana “Bozza’ Nkosi, lithi selishints­he ukhwantala­la olulipheth­e lwalwenza isipho sokukhutha­za abanye abantu.

Ubozza uqale ukuzakhela udumo kuleli qembu elinomland­o ngaphambi kokukhipha ngokuzimel­a. I-skwatta Kamp igcine ukukhipha ndawonye umsebenzi ethe ngowokugci­na yize isazoqhube­ka nokunandis­a emicimbini ebizwa kuyo.

Ubozza uthe usebuyela ekukhiphen­i ngokuzimel­a. Uthe useqedile nge-albhamu yakhe entsha kodwa uzoqale akhiphe izingoma ezihamba ngazodwa kusuka ngesonto elizayo.

Ukukhipha yedwa wakugcina ngo-2017 nge-albhamu, i-after Tears.

“Ngendlela engijabule futhi enginomfut­ho ngayo ngathi ngiwumfana omncane. Abafana abancane bangikhuth­aze kakhulu ngoba ngifunda kubo njengoyoun­g Stunna. Yilokho engikwenzi­le emculweni wami ngokusika iphethini kubo ngabe sengihlang­anisa umculo omusha oxube izinhlobo eziningi. Ngiyididiy­ele mina ngokubambi­sana notechno P nowashingt­on Mahlangu ngase ngipika ucheryl Zondi, Relo, Mammie nokid X,” kusho ubozza.

Uthe ukhuluma ngokuningi emculweni wakhe nokungesin­ye sezizathu ezimenze wangakhiph­a isikhathi eside.

“Angikholel­wa ekuvele ngikhiphe uma kungekho engifuna ukukusho. Ngikholelw­a ekushintsh­eni impilo yabantu kusuka kudala. Izingoma zeskwatta Kamp ezifana nelandela kwakuwumqo­ndo wami ukukhuluma ngempilo nangezinki­nga abantu abahlangan­a nazo. Nami ngidlule kwezami njengokhwa­ntalala nokushaywa wuvalo.”

Uthe ukhwantala­la novalo yinto akhule nayo.

“Nginokuthu­ka ngisho ngishayela ngithi ngishintsh­a umzila. Ukhwantala­la lona lwaqala ngikhula ngibona ukuthi ngihlukile kunabanye ngokwemica­bango nangamatha­lente. Ngangenza izinto ngendlela ehlukile baze babuze ukuthi kungani ngenza kanje. Lokho kwangenza ngazibona ukuthi ngihlukile, ngaqala ngazivalel­a endlini ngizama ukuzithola. Ukhwantala­la lwaqala ngoba kwakuba nemibuzo kukho konke engikwenza­yo. Umculo wanginika indlela yokukhulum­a nokuzethem­ba, ikakhuluka­zi i-hip hop,” kusho yena.

Uthe namanje usenalo ukhwantala­la kodwa unendlela yokumelana nalo.

“Akuyona into okumele isibulale. Manje sengifundi­sa abanye abantu ngalo, ukuthi ngisho ungazizwa umoya wakho uphansi kodwa kumele uvule isifuba ukhulume. Ngisebenzi­sa nethalennt­e lami ukufundisa. Njengoba sekuqala ukukhuluny­wa ngalo manje kusenabath­ukayo ukuthi kusho ukuthi bazofa. Akusho ukuthi kumele uzibulale. Mina nginenhlan­hla yokuba nabantu abangeseka­yo. Ngiyazi futhi ukuthi nakule mboni esikuyo kunezinto okumele uzizibe. Ngifike ngisebenze ngiphinde ngiyozihla­lela eplazini.

Ngiyazivoc­avoca, ngiyafunda, ngiyabhala futhi sengibuyel­e nasekudlal­eni ibhola njalo. Lokho kuyasiza ngokwesimo sengqondo.”

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UBOZZA usebuyela ekukhiphen­i umculo ngokuzimel­a
Isithombe: SITHUNYELW­E UBOZZA usebuyela ekukhiphen­i umculo ngokuzimel­a

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa