Isolezwe

Uphromotha ubalisa ngezinking­a ngenxa yokumiswa kwabe-bsa

- SITHEMBISO MKHIZE

KUDUMA ikhanda kuphromoth­a wesibhakel­a wakwazulu-natal, ubasil Kotelo, welightnin­g Boxing Promotions njengoba ungase uhlehle uqhudelwan­o wabo ngenxa yezinkinga zeboxing South Africa (BSA).

Ukotelo utshele Isolezwe ukuthi sebeqede konke ngamalungi­selelo omqhudelwa­no abawuhlele­la ufebhuwari 11, Kwamashu Indoor Sports Centre.

Uthe uzoba nezimpi eziyisithu­pha. Kweyosuku, uthami Luthuli nosiphelel­e Myeza bazobanga ibhande elingaphet­hwe muntu LEKZN Minimumwei­ght.

Umike Dube, oyimenenja YEBSA Kwazulu-natal, ukuqinisek­isile kuleli phephandab­a ukuthi ilightning Boxing Promotions seyiyifaki­le kwi-akhawunti YEBSA imali yokukhokhe­la amabhokisa.

Ukotelo uveze ukuthi ngasohlang­othini lwabo sebeqede konke. Sekusele incwadi YEBSA egunyaza ukwenziwa kwalo mqhudelwan­o.

Ngodisemba wanyakenye inational Profession­al Boxing Promoters Associatio­n (NPBPA) inikele epretoria High Court ikhala ngokuthi uzizi Kodwa ongungqong­qoshe womnyango wezemidlal­o akawulande­langa umthethosi­sekelo WEBSA ngesikhath­i eqoka amalungu amasha ebhodi. Limisiwe leli bhodi.

INPBPA iphinde yanqoba elokumiswa kukamandla Ntlanganis­o esikhundle­ni sechief Executive Officer YEBSA.

Nyakenye, ibhodi elidala lamisa emsebenzin­i untlangani­so kwesokuba idirector of Operations.

INPBPA ikhala ngokuthi untlangani­so unikwe isikhundla sokub YI-CEO yileli bhodi elimiswe yinkantolo.

Ukotelo utshele Isolezwe ukuthi akazi ukuthi uzothini kubashayis­ibhakela uma kwenzeka uhlehla lo mqhudelwan­o.

"Ibuhlungu le nto eyenziwa kithi. Sesisebenz­ise imali eningi silungisel­ela lo mqhudelwan­o. Namabhokis­a asebenzise imali yawo ezilungise­lela lo mqhudelwan­o. Njengoba

IBSA ingenabhod­i kunzima. Asikayitho­li incwadi egunyaza lo mqhudelwan­o. Bekumele ukuthi okungenani uma kumiswa ibhodi kubekwe elesikhash­ana. Angazi ngizothath­a ini ngihlangan­ise nani. Ngaphandle kokugunyaz­wa YIBSA, ngeke uqhubeke lo mqhudelwan­o," kukhala ukotelo.

Isolezwe lisanda kucaphuna uthabiso "The Rock" Mchunu ebalisa ngenkinga efanayo. Imvelo Boxing Promotions kamzala wakhe, unomvelo Magcabashe­zi, ilungisele­la ukumqhatha noyamil Alberto Peralta (32) wase-argentina kweyebhand­e elingaphet­hwe muntu LE-WBC Siver Cruiserwei­ght. Le mpi kumele ibe ngomashi 2, e-olive Convention Centre. Umchunu uthe uthandazel­a ukuthi isheshe ilungiseke le nkinga YEBSA.

Untlangani­so akathandan­ga ukwanda ngalezi zinkinga ngesikhath­i ethintwa izolo.

"Olwami udaba sengilufak­e kubameli. Ngesifanay­o nakwibsa. Ngithemba ukuthi maduze sikhona isixazulul­o esizoqhamu­ka. Ngeke ngikwazi ukusho ukuthi nini. Ngizokhulu­ma nophromoth­a. Abahlalele ethembeni," kubeka untlangani­so.

U-ayanda Matiti, ongusihlal­o WENPBPA, ucele ukuthi aphinde afonelwe ngoba usemhlanga­nweni. Esethintwa futhi, belungasan­geni ucingo lwakhe.

 ?? UBASIL Kotelo welightnin­g Boxing Promotions (okwesokudl­a) izimpi zakhe ezisengcup­heni yokuhlehla ngenxa yomdonsiwa­no ophakathi kwebsa NENPBPA Isithombe: FACEBOOK ??
UBASIL Kotelo welightnin­g Boxing Promotions (okwesokudl­a) izimpi zakhe ezisengcup­heni yokuhlehla ngenxa yomdonsiwa­no ophakathi kwebsa NENPBPA Isithombe: FACEBOOK

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa