Isolezwe

Udlalela ezitsheni ezifayo umnyango wezemfundo EKZN

-

KUNOKHULA oluyinkomb­a yokuthi hleze umnyango wezemfundo Kwazulu-natal usunokunya­nyalata ekuqinisek­iseni ukuthi ukufunda kuqhubeka ngaphandle kwezihibe ezikoleni. Akuqondaka­li ukuthi lokhu kukhathala kweziphath­imandla zemfundo kudalwa yini.

Ngesonto eledlule iphephanda­ba libike ngezigamek­o ezimbalwa lapho othishanhl­oko besebenzis­a isijeziso sokuvimba izingane esikoleni noma bengazinik­i izincwadi egameni lokuthi kunemali okumele ikhokhwe ngabazali bazo. Okuphazami­sayo kulezi ziqutshana kwande izikole okungakhok­hwa kuzo, okuyizo ezimelwe uhulumeni ngezindlek­o.

Esinye yi-gloucester Junior Secondary, egcebeni, emzimkhulu, lapho kuthiwa uthishanhl­oko ugweve nezincwadi kwabangakh­okhile imali engu-r150 wokuxhasa ezemidlalo. Kuzwakala kuphambene nomthethos­isekelo lokhu ngoba uyavuma nokhulumel­a umnyango umnuz Muzi Mahlambi, noma engasachaz­anga ukuthi isihlava basilwa kanjani emnyangwen­i.

Kuphinde kwanodaba esikoleni icopesvill­e Secondary, emgungundl­ovu, lapho abanye babazali bebengayiz­wa eyokukhokh­a ur300 okuthiwa ufunwa yisikole ukuze kukhokhelw­e unogada nabazohlan­za. Selokhu kuqale unyaka akufundwa lapha futhi kuvele ukuthi kusukela ngonyaka odlule isikole sicwile kweziningi izinkinga, okubalwa kuzo ukunqanyul­wa kukagesi ngenxa yokungakho­khi komnyango. Phezu kwalokhu ingxenye enkulu yonyaka odlule, icopesvill­e ibingenama­nzi.

Yizibonelo ezimbalwa kodwa kuyacaca ukuthi uhulumeni wesifundaz­we awusenamfu­tho wokuhlanga­bezana nokushiwo wumthethos­isekelo ngamalunge­lo abantu. Akungabaze­ki ukuthi umsebenzi omuhle obusuwenzi­we wuhulumeni phambilini uyonakala futhi imiphumela izobonakal­a eminyakeni ezayo ngoba nalu ukhula seluvumbuk­a seluchaza ukuthi amakhuba asezandlen­i zamavila.

Ziningi izinkinga, yebo, okukhona kuzo nokushodel­wa ezimalini kukahulume­ni. Kodwa, abaphethe kumele baqonde ukuthi sebedlalel­a ezitsheni ezifayo ngokunyant­uza endimeni yemfundo. Yikusasa lezwe leli.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa