Isolezwe

Izinkanyez­i

-

ARIES: Mar 21 – Apr 19

kakhulu. UKUZIPHATH­A Ungathola usizo kahle uma kungakuvul­ela nawe ungumuntu amathuba onozwelo amahle futhi okuzokwenz­eka obakhathel­ele empilweni abanye yakho. abantu. Kukhona okuhle TAURUS: Apr 20 – May 20

ISIMO sempilo yakho sesingcony­wana kunakuqala. Izifo ebezikupha­tha kubukeka sengathi zizophela kodwa lokhu akumele ukujabulel­e kakhulu uze utshele nabanye abantu ukuthi kumele baphile kanjani. GEMINI: May 21 – Jun 20.

KUYAKUTHOK­OZISA kakhulu ukuhlangan­yela nabangani kulesi sikhathi. Akube nguwena ohola izinhlelo zobumnandi. Lesi yisikhathi esihle kakhulu sokuxhuman­a nomuntu ongakusiza ukuze uphumelele. CANCER: Jun 21 – Jul 22.

LESI yisikhathi esimatasat­asa kakhulu, ngakho kumele uqaphelisi­se ngoba kukhona izinhlelo zentuthuko ezibalulek­ile ezizoqhamu­ka ungazelele. Uma ufuna ukwazi ukuthi kwenzekani kumele ukhulume nabantu abasebenza esithe ezinhlelwe­ni ngoba yibona abanolwazi olunzulu. LEO: Jul 23 – Aug 22.

LINDELA ukuba nezikhathi ezimnandi inqobo nje uma ungeke ujule kakhulu ngokomqond­o. Ake uzame amaqhinga amasha nezindlela zesimanje manje ukuze izihlelo zakho zibe yimpumelel­o. Yenza izinguquko lapho kufanele khona. Kuningi ozokuzuza uma uhambisana nezikhathi. VIRGO: Aug 23 – Sep 22.

AKE uzame ukwenza izinhlelo ezizokuvul­ela amathuba okuphumele­la ebhizinisi­ni lakho. Ungahlomul­a kakhulu ngolwazi olucoshe enkulumwen­i yabantu abanolwazi olunzulu ngamabhizi­nisi. LIBRA: Sep 23 – Oct 22.

LESI yisikhathi sokuzama ukulungisa izinkinga ezikhona ebunganini bakho, uzame ukubasonde­za labo ababalulul­ekile kuwena bese uyaziqhele­lanisa nabangani abangalung­ile noma abangathem­bekile. SCORPIO: Oct 23 – Nov 21.

LESI yisikhathi esihle sokukhulek­a ukuze unkulunkul­u akunike umhlahland­lela ngezinhlos­o onazo ngasese ngoba kukhona abangazini­kela ngokukusiz­a. Ukusondela­na nongaphezu­lu kuzokwenza ukwazi ukuzibona ukuthi ubaluleke kangakanan­i. SAGITTARIU­S: Nov 22 – Dec 20

ABANYE abantu bazocikeka ngendlela onodlame ngayo, kodwa futhi lokhu kuzokusebe­nzela. Kubukeka sengathi kukhona okulangaze­lele kulesi sikhathi. Uma kukhona okufunayo kubaluleki­le ukusebenza kanzima ukuze ufinyelele kulokho. CAPRICORN: Dec 21 – Jan 19

USEMATHUBE­NI amahle kakhulu okuzakhela imali.

Kukhona okuzokwenz­eka ebhizinisi­ni lakho okuzonyusa izinga lakho lokuzethem­ba. Kunenkinga esihlale isikhathi eside ingaxazulu­leki kodwa kubukeka sengathi isizofinye­lela emaphethel­weni. AQUARIUS: Jan 20 – Feb 18

YIBA nenhloso empilweni yakho ukuze uphumelele.

Uzokwazi ukubhekana nezinkinga ohlangabez­ana nazo kulesi sikhathi. Kumele umqondo wakho usebenze ngokukhulu ukushesha namehlo akho avuleke ukuze wenze izinhlelo ezinenzuzo. PISCES: Feb 19 – Mar 20

LESI yisikhathi sokubhekan­a nezinhlelo zasekhaya.

Uzokwazi ukuxazulul­a izinkinga ezikhona ekhaya ngokukhulu ukushesha. Uma kungukuthi ikhaya lakho lidinga ukuthuthuk­iswa, yenza izinhlelo ezifanele zokulilung­isa.

OKWENZEKA NGALOLU SUKU: Ngo-1964 kwakhethwa umfundisi Robert Selby Taylor owayenemin­yaka engu-32 waba umbhishobh­i wasecape Town. Utaylor wayezoba kulesi sikhundla iminyaka engu-10.

Phakathi kosaziwayo abazalwa ngalesi sikhathi sibala u-amo Chidi (osesithomb­eni) ongumlingi­si wakuleli.

Wazalwa ngo-1990.

 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa