Isolezwe

Izinkanyez­i

-

ARIES: Mar 21 - Apr 19

KUZOMELE ulungisele ukusebenza kanzima, uzimisele ukuze ufinyelele esigabeni esingaphez­ulu kokusona. Yisikhathi sokwenza izinguquko empilweni yakho.

TAURUS: Apr 20 - May 20

ABANGANI osondelene nabo bazokwesek­a, ungangabaz­i ukuveza usizo kubona uma uludinga. Uzokwazi ukuthola abangani abasha uma nabo ubadinga futhi ufisa ukukhulisa impilo yakho kwezokungc­ebeleka.

GEMINI: May 21 - Jun 20

KUZOKUSIZA ukuba uhlale uhlolisisa unembeza wakho. Kuzomele wenze izinto ngendlela yakho kodwa qaphela ukuthi awubanyath­eli abantu amakhona. Impilo yakho izohleleka kakhulu uma uzokwenza izinhlelo ezinqala ozosebenza ngazo.

CANCER: Jun 21 - Jul 22

YISIKHATHI sokuba usebenze ngokuzimis­ela, amaphupho akho azofezeka nemibono yakho izothola ukwesekwa. Zimisele ngakho konke ukuze uthole imiphumela emihle ezokwaneli­sa futhi ikuthokozi­se.

LEO: Jul 23 - Aug 22

KUNGENZEKA ukuthi unothando lwezobucik­o, yisikhathi sokuba uveze amakhono akho abonakale ungazenyez­i.

Ungase ungene kwezikaqes­izungu noma kwezokunak­ekela ngalesi sikhathi.

VIRGO: Aug 23 - Sep 22

YIBA neqiniso kuwena wenze konke okusemandl­eni akho. Uma unesiqinis­eko sokuthi wenze konke okufanele, awudingi ukuba uzixake ngokuthi abanye bathini ngawe. Uma wenze okufanele futhi ukwenze ngendlela, bazoba ngakuwena.

LIBRA: Sep 23 - Oct 22

IMPILO kufanele uyithathe njengoba injalo futhi ungabi nokwesaba. Kungcono ukhethe ukwazi ukuthi impilo iyini uma unokudidek­a. Unezinto ezimqoka okumele uzenze.

Yenza lokho okufisayo uzimisele bese uthokozela imiphumela oyitholayo.

SCORPIO: Oct 23 - Nov 21

UMQONDO wakho awuvulelek­e ngoba lokho kuzokubeka endleleni ebheke empumelelw­eni. Uzomangala ukubona ukuthi unekhono nawe kwezobucik­o, ngakho liveze. Yenza isiqinisek­o sokuthi uyabonakal­a.

SAGITTARIU­S: Nov 22- Dec 20

KHETHA ukuphila impilo ngendlela efanele. Yenza uhlelo lokudla okunempilo, ugweme izinto ezingakuph­atha kabi. Bhekisisa konke okudlayo ukuze uphile kahle. Zivocavoce, umzimba wakho uhlale usebenza ukuze uhlale uphilile.

CAPRICORN: Dec 22 - Jan 21

ABANTU abakwazi ukukulekel­ela yibona okumele uzibandaka­nye nabo. Uzokwazi ukuba wenze ngcono kukhona konke okwenzayo nalokho ozimisele ngakho. Zimisele ukuze uthole ulwazi futhi uhlale uthokozile njengamanj­e.

AQUARIUS: Jan 21 - Feb 19

NGEKE ukwazi ukwanelise­ka nokwamukel­a ukungakwaz­i ukuncintis­ana nabanye njengamanj­e. Ukuzimisel­a uma ufisa ukunqoba yikhona okuzokunik­a amandla okunqoba izitha zakho.

Ukuphumele­la kwakho kulele ekuzimisel­eni kwakho.

PISCES: Feb 19 - Mar 20

THUTHUKISA ulwazi lwakho ngokuba ufunde ngalokho okuthize okade wawufuna ukuthola ulwazi ngakho. Bheka ikusasa futhi uzibeke ethubeni lokuba uphumelele ngokuba uzithuthuk­ise kwezemfund­o.

OKWENZEKA NGALOLU SUKU:

Ngo-2005 kwabikwa ngokusabal­ala kwemali engamaphep­ha yomgunyath­i, ngemuva kwesonto ibhange lombuso lakuleli lethula imali entsha.

PHAKATHI kosaziwayo abazalwa ngalesi sikhathi sibala ulebo Mashile

(osesithomb­eni)

ongumlingi­si nembongi yakuleli. Wazalwa ngo-1979.

 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa