Isolezwe

Okumbalwa nje ngesilo esahlukuny­ezwa kakhulu ngabamhlop­he

- EMPANGENI Phila Mthethwa

MHLELI: Ngojanuwar­i uzulu ubebuthene esandlwana enquthu esizweni senkosi PM Mazibuko ezokhumbul­a ukunqoba amangisi ngojanuwar­i 22, 1879.

Kule nyanga ufebhuwari kuphela iminyaka ewu-140 kwebuza isilo sasondini inkosi Cetshwayo kampande eyayiphake impi yasesandlw­ana.

Ngemuva kokushiswa kwesigodlo sasondini ngojulayi 4, 1879 yathunjwa ingonyama isibhace ehlathini lasengome yayogitshe­zwa umkhumbi olwandle olungemuva kwasesikha­leni yayobekwa epulazini lewayini i-oude Molen ekapa ngaphambi kokuba iwele iyobonana nendlovuka­zi yamangisi engilandi yaze yabuya ngojanuwar­i 29, 1883 izwe lakwazulu seliyizicu­cwana.

Ngeke Mhleli silande wonke umlando ngenkambo kahlamvana bhul’umlilo phezu kwendulind­e. Kungagcwal­a iphephanda­ba lonke kodwa okwenzeka ngemuva kokushiswa kondi okwesibili ngojanuwar­i

21, 1883 selushishw­a umntwana wasebhanga­nomo inkosi uzibhebhu yakwamandl­akazi, abengwadi babuye bayisusa esigodlwen­i ondini bayoyibeka eshowe la yakhothame­la khona kunezinsol­o zokuthi yadliswa umelmoth Osborne okwethiwe ngaye idolobha lasemthonj­aneni.

Ingonyama yasondini yakhothama ngofebhuwa­ri 8, 1884 eshowe, kodwa yayotshalw­a esizweni sasemachub­eni kwashezi enkandla enkosini usgananda kazwekufa. Nazi izindlovuk­azi zesilo: Ondlunkulu unongazi umaqwabe, usibhamu umasibiya, untweni umahlongwa, unozimpaka umamdlalos­e, unhlamule umantshang­ase, uphiwase umantuli, unomvimbi umamzimela, okamajiya umantshang­ase, okasinqind­i umacele, okantobolo­ngwane umashezi, okamadwala umamthembu.

Mhleli ngeke ngiziqede. Okubuhlung­u wukuthi ngemuva kokushiswa kwesigodlo amangisi abaphoqa ukuba babuyele emakubo.

Undlunkulu uzilandile umangobese esebuyele esigodlwen­i sikayise kwasogekle, uyise inkosi usihayo kaxongo yamthatha yayomganis­ela ukhokhovu lwenyanga ungoqo kamacala kashandu wasemambat­heni.

Yathatha izinkomo zakwambath­a yaziyisa kwazulu. Ngithe angibhale lokhu okuncane Mhleli njengoba kuyinyanga okwakhotha­ma ngayo isilo esahlukuny­ezwa kakhulu ngabamhlop­he.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa