Isolezwe

Abe-eskom eshowe banesandla ezinkingen­i zikagesi

- Sipho Robert Mpungose

MHLELI: Inkulu inkinga esinayo thina esilindele ukulethelw­a ingqalasiz­inda ezinhlaken­i zikahulume­ni njengoba kumapeketw­ane kuyona yonke iminyango ezinhlaken­i zikahulume­ni.

Okungenza ngisho kanje wukuthi ngenyanga ephelile kuwumgqibe­lo Januwari 20 ngaphandle kwasekhaya ngabikelwa yizingane ukuthi kukhona abantu abakade bekhwele esigxotshe­ni sikagesi, ibhokisi livuleke gengelezi.

Nganikela khona. Isigxobond­ini singaphand­le komunye umuzi. Phansi kwesigxobo kwakulele umkhwelo omude we-aluminium. Ngiselapho kwaphuma abanikazi bomuzi.

Incazelo yabo isekutheni bebebize umuntu wasentuzum­a njengoba nabo basebenza ethekwini, ukuzoxhuma isigubhu esebiwa kwazise ekhaya akuhlali muntu.

Ekubuzeni kwami ukuthi balinikwe ngubani igunya lukuphazam­isa izintambo ze-eskom ngoba nathi esihlale sinezinkin­ga asibiki kowaseshow­e ngqo kodwa sibika kwababekel­we ukwemukela izikhalo ngokuxhuma­na ngokushaye­lana ucingo.

Khona lapho lo ngoti owayebiziw­e, wabika imbiba wabika ibuzi esho ukuthi ukuqeqeshe­lwe ukulungisa izinto eziphathel­ene nogesi.

Uma ngibaxina ngemibuzo, bafuna ukukhwela bavale isivalo kodwa ngathi phinde ngivume baqhubeke nokwenza icala phambi kwami. Emva kwalokho ngashayela induna, ngathi makangabe esanyakaza umbhemu lowo wasentuzum­a, sengimboph­ile.

Ngagcina ngishayela amaphoyisa, ngavula icala waboshwa. Inombolo yecala ngu-eshowe CAS: 192/01/2024. Ngomsombul­uko ngavukela kwa-eskom waseshowe. Udaba lonke ngalubika kowesilisa owazibiza ngoqwabe, owathi ubhekele ukuxhumana phakathi kwenkampan­i nathi siwumphaka­thi.

Ngamnika yonke imininingw­ane yecala neyompheny­i. Ngasho nokuthi ibhokisi lidinga ukuvalwa ngoba ligengelez­ile. Wathembisa ukungenela ekulivalen­i.

Emva kwamasonto amabili ngibona bengafiki ngabuyela kuyena uqwabe. Wabhala ecisha engitshela ngabaseben­zi abamatasa. Kuze kube namuhla njengoba zizine kufebhuwar­i 2024 sigubhu asikavalwa.

Akwamukele­kile okwenziwa ngabe-eskom. Kuyakhomba ukuthi banomthele­la ekonakalis­weni kwengqalas­izinda ngenxa yobudedeng­u. Sizosebenz­isana kanjani nabantu abagqugquz­ela izephulamt­hetho ekonakalis­weni kokusileth­ela intuthuko?

Okuxakayo wukuthi esigodini esakhe kuso yinsakavuk­ela ukunqamuka kukagesi bese sitshelwa ukuthi sisebenzis­a ugesi wezinyokan­yoka.

Ngiyafisa Mhleli ukuzwa khona kwabe-eskom ukuthi ngabe yiyona ndlela yini le esebenza ekulweni ngokubambi­sana ukunqanda abonakalis­a izidingo zentuthuko?

ESHOWE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa