Abe-eskom eshowe banesandla ezinkingeni zikagesi
MHLELI: Inkulu inkinga esinayo thina esilindele ukulethelwa ingqalasizinda ezinhlakeni zikahulumeni njengoba kumapeketwane kuyona yonke iminyango ezinhlakeni zikahulumeni.
Okungenza ngisho kanje wukuthi ngenyanga ephelile kuwumgqibelo Januwari 20 ngaphandle kwasekhaya ngabikelwa yizingane ukuthi kukhona abantu abakade bekhwele esigxotsheni sikagesi, ibhokisi livuleke gengelezi.
Nganikela khona. Isigxobondini singaphandle komunye umuzi. Phansi kwesigxobo kwakulele umkhwelo omude we-aluminium. Ngiselapho kwaphuma abanikazi bomuzi.
Incazelo yabo isekutheni bebebize umuntu wasentuzuma njengoba nabo basebenza ethekwini, ukuzoxhuma isigubhu esebiwa kwazise ekhaya akuhlali muntu.
Ekubuzeni kwami ukuthi balinikwe ngubani igunya lukuphazamisa izintambo ze-eskom ngoba nathi esihlale sinezinkinga asibiki kowaseshowe ngqo kodwa sibika kwababekelwe ukwemukela izikhalo ngokuxhumana ngokushayelana ucingo.
Khona lapho lo ngoti owayebiziwe, wabika imbiba wabika ibuzi esho ukuthi ukuqeqeshelwe ukulungisa izinto eziphathelene nogesi.
Uma ngibaxina ngemibuzo, bafuna ukukhwela bavale isivalo kodwa ngathi phinde ngivume baqhubeke nokwenza icala phambi kwami. Emva kwalokho ngashayela induna, ngathi makangabe esanyakaza umbhemu lowo wasentuzuma, sengimbophile.
Ngagcina ngishayela amaphoyisa, ngavula icala waboshwa. Inombolo yecala ngu-eshowe CAS: 192/01/2024. Ngomsombuluko ngavukela kwa-eskom waseshowe. Udaba lonke ngalubika kowesilisa owazibiza ngoqwabe, owathi ubhekele ukuxhumana phakathi kwenkampani nathi siwumphakathi.
Ngamnika yonke imininingwane yecala neyomphenyi. Ngasho nokuthi ibhokisi lidinga ukuvalwa ngoba ligengelezile. Wathembisa ukungenela ekulivaleni.
Emva kwamasonto amabili ngibona bengafiki ngabuyela kuyena uqwabe. Wabhala ecisha engitshela ngabasebenzi abamatasa. Kuze kube namuhla njengoba zizine kufebhuwari 2024 sigubhu asikavalwa.
Akwamukelekile okwenziwa ngabe-eskom. Kuyakhomba ukuthi banomthelela ekonakalisweni kwengqalasizinda ngenxa yobudedengu. Sizosebenzisana kanjani nabantu abagqugquzela izephulamthetho ekonakalisweni kokusilethela intuthuko?
Okuxakayo wukuthi esigodini esakhe kuso yinsakavukela ukunqamuka kukagesi bese sitshelwa ukuthi sisebenzisa ugesi wezinyokanyoka.
Ngiyafisa Mhleli ukuzwa khona kwabe-eskom ukuthi ngabe yiyona ndlela yini le esebenza ekulweni ngokubambisana ukunqanda abonakalisa izidingo zentuthuko?
ESHOWE