Isolezwe

Yini esiyoke siziqhenye ngayo njengesizw­e sabampisho­lo?

- E-DURBAN NORTH Z Ntombela

MHLELI: Kububukeka sengathi ayikho into yomuntu omnyama eyophumele­la kuze kube phakade. Isimo esikhona kwezombusa­zwe, imibango yobukhosi esezinkant­olo, ukubulawa kwabaholi bendabuko kuzinkomba zokuthi ayikho into esiyoke siziqhenye ngayo thina bantu abamnyama.

Nakumanaza­retha sekuneminy­aka egqigqa ezinkantol­o. Kamuva nje sekubuye kwaba nombango wesihlalo sobukhosi bukazulu. Angisayiph­athi eyokubulaw­a kwezinduna, kwamakhosi amanye aze athunjwe kungaziwa ukuthi aphelela kuphi.

Ingabe iyoke iphele inzondo namagqubu ebikwayo emaqenjini ezombusazw­e?

Ngisanda kufunda kwisolezwe ngabantu abahlahlel­wa ngezimbazo nabanye abashumpul­wa amakhanda, odabeni olwaluphum­e ngodisemba 22, 2023. Kwangithat­ha cishe usuku lonke ngizibuza ukuthi umuntu omnyama angayenza kanjani into efuze lena?

Ingabe bashonaphi ubuntu nonembeza esizweni sakithi esimnyama? Izikhukhul­a zilokhu zigadle ziphindele­la esifundazw­eni sakithi. Konke lokhu kuzinkomba zokuthi konakele kakhulu.

Yingakho ngivumelan­a nenye insizwa eyathi konke lokhu kubangwa wukuthi isandla, inxeba nomkhonto owabulala isilo ushaka kakugezwan­ga.

Kanjalo nendawo lapho kwachithek­a khona igazi ayigezwang­a. Yingakho-ke kuyohlale kuvuka imilando. Ukuba khona kwemibango, kwenza kungabi khona ukuzigqaja esizweni.

Akekho umuntu owake wacabanga ngenkathi sithola inkululeko ngo-1994 ukuthi siyozithol­a sesinamaqe­mbu evile ekhulwini. Wonke la maqembu akhuluma ngento eyodwa yokudala amathuba emisebenzi, ukulwa nokucishwa kukagesi nokulwa nobugebeng­u.

Ingabe konke lokhu akubangwa wubugovu noma yingoba siyisizwe esakhelwe ngaphansi kwesisekel­o senzondo namagqubu?

Ekupheleni konyaka sabona inhlansi yethemba ngokucishw­a kukagesi, okuyishwa wukuthi sekuphinde kwabuya ukucinywa kwawo. Ngabe ukucinywa kukagesi sizokuqeda noma sizolinda isikhathi esingasazi?

Uyongibuza ungiphale ulimi, akukho okutheni esisazokug­ubha eminyakeni eyishumi ezayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa