Yini esiyoke siziqhenye ngayo njengesizwe sabampisholo?
MHLELI: Kububukeka sengathi ayikho into yomuntu omnyama eyophumelela kuze kube phakade. Isimo esikhona kwezombusazwe, imibango yobukhosi esezinkantolo, ukubulawa kwabaholi bendabuko kuzinkomba zokuthi ayikho into esiyoke siziqhenye ngayo thina bantu abamnyama.
Nakumanazaretha sekuneminyaka egqigqa ezinkantolo. Kamuva nje sekubuye kwaba nombango wesihlalo sobukhosi bukazulu. Angisayiphathi eyokubulawa kwezinduna, kwamakhosi amanye aze athunjwe kungaziwa ukuthi aphelela kuphi.
Ingabe iyoke iphele inzondo namagqubu ebikwayo emaqenjini ezombusazwe?
Ngisanda kufunda kwisolezwe ngabantu abahlahlelwa ngezimbazo nabanye abashumpulwa amakhanda, odabeni olwaluphume ngodisemba 22, 2023. Kwangithatha cishe usuku lonke ngizibuza ukuthi umuntu omnyama angayenza kanjani into efuze lena?
Ingabe bashonaphi ubuntu nonembeza esizweni sakithi esimnyama? Izikhukhula zilokhu zigadle ziphindelela esifundazweni sakithi. Konke lokhu kuzinkomba zokuthi konakele kakhulu.
Yingakho ngivumelana nenye insizwa eyathi konke lokhu kubangwa wukuthi isandla, inxeba nomkhonto owabulala isilo ushaka kakugezwanga.
Kanjalo nendawo lapho kwachitheka khona igazi ayigezwanga. Yingakho-ke kuyohlale kuvuka imilando. Ukuba khona kwemibango, kwenza kungabi khona ukuzigqaja esizweni.
Akekho umuntu owake wacabanga ngenkathi sithola inkululeko ngo-1994 ukuthi siyozithola sesinamaqembu evile ekhulwini. Wonke la maqembu akhuluma ngento eyodwa yokudala amathuba emisebenzi, ukulwa nokucishwa kukagesi nokulwa nobugebengu.
Ingabe konke lokhu akubangwa wubugovu noma yingoba siyisizwe esakhelwe ngaphansi kwesisekelo senzondo namagqubu?
Ekupheleni konyaka sabona inhlansi yethemba ngokucishwa kukagesi, okuyishwa wukuthi sekuphinde kwabuya ukucinywa kwawo. Ngabe ukucinywa kukagesi sizokuqeda noma sizolinda isikhathi esingasazi?
Uyongibuza ungiphale ulimi, akukho okutheni esisazokugubha eminyakeni eyishumi ezayo.