Isolezwe

Beligqoke umnazareth­a enkantolo iphoyisa eliboshelw­e ‘ukubulala’

- SIMPHIWE NGUBANE

LINGENE ebhokisini labasolwa lama phuhle, livathe umnazareth­a, iphoyisa eliboshelw­e icala lokushaya unina ngepulangw­e elalinezip­ikili washona.

Uconstable Lungisani “Mazambane” Xaba (48) ubevele enkantolo yemantshi yasepineto­wn izolo.

Uxaba, osebe yiphoyisa kusuka ngo-2010, ube esetshela imantshi ukuthi akaphilile, uyagula.

Usolwa ngokushaya kanzima abulale unina unkk Greta Xaba (81) owayehamba ngesihlalo esinamason­do ngenxa yokukhubaz­eka.

Isigameko senzeka emzini kanina kaxaba, Kwadabeka, ngomeyi 6, 2022.

Imantshi usiphiwe Hlophe ibe isihlehlis­a icala yathi uxaba uzobuyela enkantolo ngasekuphe­leni kukafebhuw­ari eseluleme.

Uhlophe uthe uxaba uzothola nesikhathi sokuthi axoxisane nommeli wakhe okuvela ukuthi usengowesi­hlanu ukumumela kuleli cala. Uphume enkantolo eqhutshwa amaphoyisa embuyisela ezitokisin­i nomnazaret­ha wakhe.

Inkantolo isisichith­e kabili isicelo sebheyili kaxaba yabeka ukuthi uyabazi ofakazi nakuba ayelandula.

Waboshwa ngomeyi 7,

2022, wabekwa icala lokushaya ngenhloso yokulimaza, elashintsh­wa laba ngelokubul­ala sekushone unina ngomeyi 8.

Enkantolo bekukhona amalungu omndeni kaxaba nodadewabo omncane, unksz Andile Xaba.

Unksz Xaba uthe baphatheke kabuhlungu kuhlehla icala ngoba bafuna ukubona isiphetho.

Unksz Xaba uthe badonsa kanzima futhi basele dengwane uxaba esebaphuce unina obeyinsika yekhaya bethembele kuyena.

“Yize umama ubena-81 futhi ehamba ngesihlalo esinamason­do kodwa ubesho lukhulu kithina enendima abeyidlala. Ulungisani wayemhluku­meza umama.

Wake wamkhomba ngesibhamu, wadubula kwasho ukuthi inhlamvu yinye yashaya phansi,” kusho unksz Xaba ngosizi.

Ulandise wathi bekungekuh­le ukuhlala nomsolwa emndenini oseke wahamba wayoqasha emuva kokushiya angalazi kunina.

Kuthiwa kwakungu-2019 ebuya emqashweni ephethe ur6 000 awunika unina efuna enze umsebenzi ukuze bakhumelan­e umlotha.

“Wathi ur5 000 owokwenza umsebenzi ngoba kwakunguju­layi, yena uyinazaret­ha wayengeke akwazi ukuwenza. Wathi ur1

000 umupha wona. Ekuhambeni kwesikhath­i ubelokhu eyifuna le mali, nebala umama wambuyisel­a yonke,” kuchaza unksz Xaba.

Kuthiwa udaba lukaxaba lokuhlukum­eza unina lwase luyindaba eyaziwayo emphakathi­ni kangangoba kwathiwa umufi akangabe esamvulela kwakhe. Kuthiwa umsolwa wabulala iwindi lasekhishi­ni wangena ngalo nentombi yakhe ngosuku lwesigamek­o.

Unksz Xaba uthe bewumndeni abazi ukuthi umsolwa wambulalel­ani unina, yingakho bengaphuth­i enkantolo hleze livele iqiniso.

 ?? ?? NGESIKHATH­I ezocela ibheyili enkantolo uconstable Lungisani Xaba othweswe icala lokushaya unina ngepulangw­e ambulale Kwadabeka, eclermont ngomeyi 2022
NGESIKHATH­I ezocela ibheyili enkantolo uconstable Lungisani Xaba othweswe icala lokushaya unina ngepulangw­e ambulale Kwadabeka, eclermont ngomeyi 2022
 ?? ?? GRETA XABA
GRETA XABA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa