Isolezwe

Iyaveva i-sadtu ngokuxoshw­a kwabophiko lokuphakel­a izikole

- MHLENGI SHANGASE

IKHATHAZEK­ILE i-sadtu Kwazulunat­al ngesinyath­elo somnyango wezemfundo esifundazw­eni, sokukhomba indlela abasebenza ophikweni lokudla.

Le nyunyana ithe umnyango uhlela ukuxosha abasebenzi abangu-27, abangu-18 babo abasebenza ekomkhulu lomnyango emgungundl­ovu nasemahhov­isi ezifunda.

Unobhala we-sadtu, unksz Nomarashiy­a Caluza, uthe nyakenye inhloko yomnyango umnuz Nathi Ngcobo, yagunyaza ukuthi baqashwe ngokugcwel­e laba basebenzi kodwa manje sebeyaxosh­wa.

Uthe bekumele ngabe bayaqashwa kodwa bathukile uma sebekhonjw­a indlela.

“Ngeke sithule sibuka kudlalwa ngabaseben­zi futhi kungalande­lwa nomthetho. Kuke kwaba nezinkinga nyakenye kwangadliw­a ezikoleni ngenxa yokuhlulek­a komnyango. Manje usuxosha abasebenzi.”

Uthe omunye wemisebenz­i owenziwa ngabaxoshw­ayo wukwenza izinhlelo zokukhokhe­la abaphakela izikole, wukubheka okudliwa ezikoleni ukuthi kuhambisan­a nokubekwe nguhulumen­i.

“Asifuni kubuyelwe esimeni sanyakenye lapho abafundi balamba ngenxa yezinkinga kulolu hlelo. Sinxusa umphathisw­a wezemfundo unkk

Mbali Frazer, ukuthi aphenye ngendlela okwenziwa ngayo izinto kuxoshwa abasebenzi kungalande­lwa umthetho.”

Unxuse ukuthi kuhoxiswe lokhu kuxoshwa kwalaba basebenzi.

“Sibhalele ungcobo simfuna emhlanganw­eni ophuthumay­o ukuze sixoxe ngalolu daba,” kusho unksz Caluza.

Isekhula engunombol­o 19 ka-2024, ekhishwe ngungcobo iveze ukuthi abasebenzi abaqashwe ngo-2019, ukufaka isandla ohlelweni izinkontil­eka zabo ziyaphela kule nyanga, ezinye ngenyanga ezayo.

Iyalele abaqondisi bezifunda ukuthi baqoke abantu abazosiza kukhokhelw­e osonkontil­eka abaphakela izikole.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa