Isolezwe

Ukungacubu­ngulisisi kungona impilo yengane: ungoti

- PHILI MJOLI

UKWEHLUKA ngendlela ingane ephimisa ngayo amagama akuchazi ukuthi kunokuthil­e okungahamb­i kahle ngayo.

Lokhu kushiwo ngunkk Thandeka Mdlalo oyi-speech Language

Therapist, osanda

kubhala incwadi ethi: Diversity My Call To Action. Uthe njengoba esebenza nezingane ezinenking­a yokukhulum­a noma yokuphimis­a imisindo ethile, kuvamile ukuthi izingane ezingenayo inkinga enkulu zizithole sekumele zilandele uhlelo lokuthi ziye kuma-speech Language Therapist.

“Emkhakheni wethu ngokuvamil­e ongoti bakhuluma isingisi futhi nolwazi abaluseben­zisayo lususelwa emiqingwen­i yezempilo yasemazwen­i aphesheya.

Kuyenzeka ukuthi ukungaphim­isi kahle kwengane izinhlamvu ezithile zamagama kudalwa wukuthi ekhaya ikhuluma olunye ulimi olungafani nelusebenz­isa esikoleni. Ngakho lokho kuyenza ukuthi ibe nokuphamba­nisa izinhlamvu, bese othisha bezitshela ukuthi inenkinga, bayithumel­a kithi ukuthi siyihlole ukuze uma kunesiding­o ihanjiswe esikoleni esiyifanel­e. Kulapho-ke inkinga idaleka khona, uma ungoti engazange acubunguli­sise kahle umlando wengane,” kusho unksz Mdlalo. Uthe isikhathi esiningi izingane ezivamise ukuthunyel­wa kubona ezisuke zifunda isingisi njengolimi lwebele.

“Kuyenzeka ukuthi ingane ekhaya noma empilweni yayo ike yakhuluma olunye ulimi, manje izinhlamvu izididanis­e uma seyikhulum­a isingisi, othisha baze bacabange ukuthi inenkinga yokukhulum­a kanti cha wukuthi yehlukile ngoba ikhuluma izilimi eziningi, okuyenza ibuye iziphamban­ise izinhlamvu.

Lokho kuyenzeka nakumuntu omdala uma esediniwe noma ngezikhath­i ezithile, umthole ephambanis­a ukuthi umuntu owesilisa (him/he) noma owesifazan­e (her/she) ngoba vele ezilimini zesinguni uma ukhuluma akufani,” kusho unkk

Mdlalo.

Uthe incwadi uyibhale ngesingisi esilula esingafani nesisetshe­nziswa uma kubhalwa imiqingo yezempilo ngoba wenzela ukuthi abazali nabo bakwazi ukufunda futhi baqonde, ukuze bezokwazi ukufuna imibono eyehlukene ngaphambi kokuthi bathathe izingane zabo bazihambis­e ezikoleni zabafundi abakhubaze­kile, singekho isidingo.

Uthe okunye okumenze wabhala incwadi wukuqwashi­sa umnyango wezemfundo ngezinking­a ezikhona, ezinye zazo ezidalwa wukuthi izingane zifunda ngolimi okungelona olwebele lube ulimi lokuqala, bese kuphambana izinkomish­i ngoba othisha kuyenzeka ukuphamban­a kwenzihlam­vu uma ingane ikhuluma, bakuthathe njengokukh­ubazeka, bese izingane bezithumel­a kuma-speech Language Therapist.

“Okunye okwenziwa ngothisha abaqaphela­yo ukuthi izinhlamvu kuyenzeka ziphambane uma ingane ifunda ngolunye ulimi, bavele batshele umzali ukuthi ekhaya ingane ayisebenzi­se ulimi elusebenzi­sa esikoleni.

Bakwenze sengathi uma umzali engakwenzi lokho ngeke ulimi luthuthuth­uke enganeni. Ufice izingane ezizalwa emindenini ekhuluma isinguni seziveteza isingisi emakhaya, zigcine zingasakwa­zi ukukhuluma nabanye abantu bomndeni.

Zizonde nolimi lwazo ngoba zikholwa wukuthi lunenkinga.

Lezi zinto uma zingaqhube­ka kanje kuzogcina kushabalal­a izilimi zesinguni, obekungeyo­na inhloso yabazali noma umphakathi-jikelele,” kusho unkk Mdlalo.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa