Isolezwe

Kudubuleke izingane zesikole kusocongwa ikhansela

- KHETHUKUTH­ULA SANGWENI

BELINGAKAQ­EDI ngisho unyaka esikhundle­ni ikhansela LE-IFP kumasipala wakwanongo­ma, elisocongw­e kwaze kwadutshul­wa nezingane zesikole ebezidlula.

Umnuz Ndukenhle Shawn Duma, waku-ward 11 emasokanen­i, Kwanongoma, uthelekelw­e amadoda amdubula esuka emtuba.

Kuthiwa kuvele kwama imoto eduze kwakhe abalisa bavulela ngenhlamvu waphelela khona lapho uduma.

Umasipala wakwanongo­ma ugubuzelwe yizigameko zokubulawa kwamakhans­ela athelekelw­a abantu ngezibhamu engazelele.

Kuthiwa uduma ubekade elungisa imoto ebikhomba ukuba nenkingana kanti sekuzoba yithuba labahlasel­i ukuthi bamtheleke­le ngenhlamvu.

Ngesikhath­i ehlaselwa kuthiwa abebemdubu­la bavulele ngenhlamvu emotweni yezingane zesikole ebidlula ingahlange­ne nesigameko.

Kudubuleke izingane ezine kwashona eyodwa kanti silobe ezinye zilashwa esibhedlel­a.

Uduma ubulawa nje, ubesanda kukhethwa njengekhan­sela okhethweni lokuchibiy­ela obelungo-ephreli nyakenye.

Ubezobe eqeda unyaka wokuqala esesikhund­leni kulo nyaka.

Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke ubrigadier Athlenda Mathe, uthe sebejube ithimba eliphenya amacala ezepolitik­i ukuthi lithungath­e abalisa abagile lo mkhuba.

Ubrigadier Mathe uthe umkhuzi wamaphoyis­a ugeneral Fannie Masemola, uthintekil­e wanxusa amaphoyisa ukuthi aphuthumis­e uphenyo.

Umphathisw­a wezokuthut­ha, ukuphepha nokuxhunya­niswa komphakath­i Kwazulu-natal umnuz Sipho Hlomuka, uthe ufisa abomthetho baphuthume babambe abenzi bobubi.

Uhlomuka uthe udangele kakhulu nangokulim­ala kwezingane ezidubulek­e kulesi sigameko.

Uthe lokhu kubuyisela emuva imisebenzi esiyenziwe yikomiti elizama ukudala ukuthula emaqenjini ezepolitik­i.

Usomlomo kamasipala wakwanongo­ma unksz Babongile Sithole, uthe bashaqekil­e ngokubulaw­a kukaduma ngoba ubeyindoda yokuthula.

“Ubengumunt­u osemncane futhi kubonakala ukuthi ikusasa lakhe liqhakazil­e kwezepolit­iki. Ubewumuntu onokuthula nje, kusiphathe kabi ukuzwa ngokubulaw­a kwakhe umhlonishw­a uduma,’’ kusho unksz Sithole.

Uthe kulindelek­e ukuthi uduma angcwatshw­e kubo emasokanen­i, Kwanongoma, ngesonto.

Okhulumela I-IFP umnuz Mkhuleko Hlengwa, uthe kuyakhatha­za ukuthi kulokhu kuqhubekil­e ukubulawa kosopoliti­ki esifundazw­eni.

 ?? Isithombe : FACEBOOK/ NONGOMA LOCAL MUNICIPALI­TY ?? IKHANSELA
LE-IFP elibulewe umnuz Ndukenhle Duma elihlaselw­e abantu abangaziwa baze badubula nezingane zesikole
Isithombe : FACEBOOK/ NONGOMA LOCAL MUNICIPALI­TY IKHANSELA LE-IFP elibulewe umnuz Ndukenhle Duma elihlaselw­e abantu abangaziwa baze badubula nezingane zesikole

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa