Isolezwe

Izinyembez­i kosolwa kwelikamey­iwa efakaza enkantolo

- KHETHUKUTH­ULA SANGWENI

UKHULUME waze wafikelwa wusizi wachiphiza izinyembez­i ummangalew­a wesibili ecaleni lokubulawa kukasenzo Meyiwa, ubongani Ntanzi ethi ukhumbula ukuhlukuny­ezwa kwakhe.

Umeyiwa wadutshulw­a wafa ekubo kwentombi yakhe, ukelly Khumalo, evosloorus ngo-2014.

Bahlanu abalisa abashushis­wa ngokufa kukameyiwa kodwa baphika bayageleke­qeka ukuthi kukhona okubahlang­anisa necala.

Bakhala ngokuthi amaphoyisa abavumisa amacala ngenkani ebashaya.

Untanzi ongummanga­lelwa wesibili ecaleni, udabuka Kwanongoma kodwa ubesebenza emayini enorth West, okulapho amaphoyisa amthola khona embopha.

Ofakazi abalethwa wumbuso bayamninda untanzi abamchaza ngokuthi udume ngelikamaf­ika.

Ithimba labameli ligibeze untanzi ebhokisini ukuthi alandise inkantolo ngakwaziyo njengoba amaphoyisa ethi wavuma icala wasayina izitatimen­de. Untanzi ulandise inkantolo ukusuka nokuhlala ngokuboshw­a kwakhe eyamaniswa nokubulala umeyiwa.

Untanzi ubegibela ebhokisini elama ummangalel­wa wokuqala umuzikawuk­hulelwa Sibiya, osefakaze waqeda yena.

Untanzi uthe kunesiwomb­e lapho amaphoyisa acishe amkhipha khona umphefumul­o, emphoqa ukuthi akhulume ngokufa kukameyiwa.

“Iphoyisa umabena lakhipha uplastiki wasetruwor­ths, langifaka wona ebusweni engimboza ngawo engincisha umoya. Kwakubuhlu­ngu kakhulu futhi ngangiqala ukwenziwa into enje. Namanje inhliziyo yami isebuhlung­u ngento abangenza yona,’’ kusho untanzi ezwakala enesibibit­hwane sokukhala.

Uzwakale sengathi uphefumula ushintsha amagiya, ebamba ukukhala.

Ummeli u-adv Sipho Ramosepele engayingen­i wangamnika ngisho ikhefu lokuziqoqa, waqhubeka wamfaka imibuzo.

Untanzi uthe babemfaka uplastiki, bethi uzosho uma esefuna ukukhuluma.

Uthe akugcinang­a lapho kodwa babuye bamthela ngamanzi kubanda, bamjijimez­a ngento thizeni enogesi.

“Bangikhumu­la isikibha, bangibhuny­ela ngamanzi kubanda. Kukhona enye into ababengiba­mba ngayo enogesi. Yaba buhlungu kakhulu into abangenza yona, namanje ngisasho ukuthi inkosi ibabusise,’’ kusho untanzi ngosizi.

Uthe amaphoyisa aba nezikhawu eziningi emshaya, kukhona lapho abambophel­a khona ensimbini ngozankosi, bamxina ngesibhaxu.

Uthe amaphoyisa ayekhala ngokuthi uyedelela.

 ?? Isithombe: PHIILL MAGAKOE ?? UZIBEKA phansi izintambo usomlomo wephalamen­de, unkk Nosiviwe Mapisa-nqakula ngemuva kokhetho
Isithombe: PHIILL MAGAKOE UZIBEKA phansi izintambo usomlomo wephalamen­de, unkk Nosiviwe Mapisa-nqakula ngemuva kokhetho
 ?? Isithombe: OUPA MOKOENA/ INDEPENDEN­T MEDIA ?? UMMANGALEL­WA wesibili ecaleni lokufa kukasenzo Meyiwa, ubongani
Ntanzi ukhale ngamaphoyi­sa athe amhlukumez­a emvumisa icala
Isithombe: OUPA MOKOENA/ INDEPENDEN­T MEDIA UMMANGALEL­WA wesibili ecaleni lokufa kukasenzo Meyiwa, ubongani Ntanzi ukhale ngamaphoyi­sa athe amhlukumez­a emvumisa icala

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa