Sidalwe ngendlela efanayo, ukungcofa abanye ngezici kuwubuwula
INCWADI yamakholwa umuntu imbala nezidalwa zomhlaba ngoba uyingxenye yendalo esikholwa ukuthi yabunjwa umdali. Kungumbono wami-ke ukuthi ukubunjwa lokhu noma ukudalwa akuyi ngokuthi lokhu okudalwayo kufisa ukuba njani noma ukuba yini. Phela vele isidalwa sisuke singakabi khona ukuzinqumela ukuthi sidwebeke kanjani. Ngaleyo ndlela lezo zinqumo zokwakheka kwendalo zenzeka ngomnini mvelo uqobo.
Ngalokho-ke ngibheke ekutheni lokhu, wena muntu, othe uqala ukwazi nokuvuleka amehlo wakubona kusuke kunguwe, uyathanda awuthandi unje.
Zikhona-ke izindlela zesimanje zokukhenikha njengalo ubumba olupendwa emzimbeni, ikakhulu ebusweni njengalolu oseluvalwe kwabesifazane ebandleni thizeni.
Bakhona nabanye, yebo, odokotela asebefundele ukuncwela isakhiwo somuntu - bamome okumomekayo, bapheshe, banwebe okunwebekayo okunye bakuphungule noma bakunciphise. Uke uzwe nje kuthiwa kukhona i-nose job, botox nayo yonke eminye imigilingwane eyenziwa egameni lokubukeka "kahle".
Bese kuba kodwa ukuzihlobisa ngokugqokwayo, okungamshintshi umuntu kodwa kubeka isithombe esifiswa yilowo ohlobile. Kodwa enginesiqiniseko ngakho ukuthi zonke lezi zinhlobo zokulumba kazishintshi ukudalwa komuntu ngokuphelele, kufana nje nokuphundla amagatsha asabalalayo esihlahla kodwa sona isihlahla kasiguqukile.
Kunjalo nje ukudalwa kuyinto yawo wonke umuntu, nayo yonke inhlobo yendalo. Kusho ukuthi esakhiweni sakho nawe onokwakho okuthi wena. Abanye bafushane, abanye bathe klwi, abanye bade kunabasukile egabadeni, kube khona izindwadlela. Baba khona futhi abathi ukubhasha, babe ngaphansana kwabafushane.
Kwabanye imizimba ithe xaxa, kunababukeka besindana ngenxa yokuzimuka, babodwa abakhiwe sengathi amashizolo lapho konke kulingene kuthe ne kumnini womzimba, kukhona futhi abasapikinini. Babodwa abazisu zincane ngokucacile ukuthi babheka kosayizi bezingane uma bethenga ezitolo.
Ezinathi nje zithi nxa zinyathela kube sengathi kukhona ukufaseka okubuyise amadolo athi ukuqabulana ngaphakathi. Sichwayiza ngezinti abanye abazibiza ngamazwayibana. Kwabanye imilenze ithe thwi, babe khona nabanogalwana abangamakhwembana, abanye bagixabezwe ngezicubukazi kogalo.
Kuba njalo nasebusweni nasekhanda: Kunezindilinga, abanye kube sengathi bahlobene nomangobe, abanye baphiwe imihlathi ethe ukweluleka kuhle kweyemeli, kube nabasho ngamehlo agqamile, kwabanye athi ukufifiyela anciphe kunawabanye.
Nezindlebe zethu kazifani yize zenza umsebenzi ofanayo. Kunabaphiwe amagwagwa, kwabanye kube yisiqintana nje. Ngingabala ngithini ngezitho zesidalwa esingumuntu?
Okuba kubi ukuba sithi siyizidalwa ezibunjwe ngobukhulu ubunyoningcwe bokuthi singafani bese thina futhi zidalwa sibone izici ngesakhiwo sesitho somuntu. Impela nje kube lihlaya oze ubhale noma ukhulume ngalo esidlangalaleni ukuthi kukhona umuntu omubi nomuhle. Owakho yini.
Ngizokhipha abadwebi kulokhu engikushoyo ngoba ukuba yiciko kulubizo oluthe ukwahluka olukunika ilayisense kokunye ukuthi udlalise ezinye izidalwa kabi njengoba nibona kuye kwenze umadlokovu ngemidwebo yakhe adume kuyo ngokuthi uqaps.
Okuba kubi ngokuphindiwe ukuthi uma uzizwa unenzondo ngesinye isisalwa bese uzama ukumenyeza ngobunjalo besitho sakhe. Kukhona nje abahluleka nokuhlonipha ihhovisi akulo umholi thizeni wezepolitiki, behlekisa ngobunjalo bekhala lakhe. Kungaqali, nomunye phambilini kwakunezitha zakhe ezazikitazwa ubunjalo bekhanda lakhe.
Sinobuthaka siyisizwe. Asikwazi ukuhlehla sicabange ngokuthi konje uma kuyimi lowo owenziwa njalo kungaba njani - kimi, emndenini nasezihlotsheni zami.
Kufana nse nokuthi kunabathile abakwazi ukusebenzisa ubuzwe bomuntu kube yindlela yokumcwasa noma ukumthuka.
Kuba nzima-ke uma abantwana sebelandela ezinyathelweni zethu, siye sethuke kanti asiboni ukuthi okuningi esikhala ngakho ezinganeni zikubona kithi.
Akunhlamba kuyafiwa lapha ezinkundleni zokuxhumana! Zithukwa abantu abangabazali, abanezingane, abadala nabasuka emakhaya abafisa ukuthi kukhuliswe kuwo izingane ngenhlonipho. Abaningi sebacasha ngamagama-mbumbulu ngoba behlose ukungcofa, bahlambalaze izidalwa ezakhiwe njengabo.