Isolezwe

Sidalwe ngendlela efanayo, ukungcofa abanye ngezici kuwubuwula

- THULANI MBATHA

INCWADI yamakholwa umuntu imbala nezidalwa zomhlaba ngoba uyingxenye yendalo esikholwa ukuthi yabunjwa umdali. Kungumbono wami-ke ukuthi ukubunjwa lokhu noma ukudalwa akuyi ngokuthi lokhu okudalwayo kufisa ukuba njani noma ukuba yini. Phela vele isidalwa sisuke singakabi khona ukuzinqume­la ukuthi sidwebeke kanjani. Ngaleyo ndlela lezo zinqumo zokwakheka kwendalo zenzeka ngomnini mvelo uqobo.

Ngalokho-ke ngibheke ekutheni lokhu, wena muntu, othe uqala ukwazi nokuvuleka amehlo wakubona kusuke kunguwe, uyathanda awuthandi unje.

Zikhona-ke izindlela zesimanje zokukhenik­ha njengalo ubumba olupendwa emzimbeni, ikakhulu ebusweni njengalolu oseluvalwe kwabesifaz­ane ebandleni thizeni.

Bakhona nabanye, yebo, odokotela asebefunde­le ukuncwela isakhiwo somuntu - bamome okumomekay­o, bapheshe, banwebe okunwebeka­yo okunye bakuphungu­le noma bakunciphi­se. Uke uzwe nje kuthiwa kukhona i-nose job, botox nayo yonke eminye imigilingw­ane eyenziwa egameni lokubukeka "kahle".

Bese kuba kodwa ukuzihlobi­sa ngokugqokw­ayo, okungamshi­ntshi umuntu kodwa kubeka isithombe esifiswa yilowo ohlobile. Kodwa enginesiqi­niseko ngakho ukuthi zonke lezi zinhlobo zokulumba kazishints­hi ukudalwa komuntu ngokuphele­le, kufana nje nokuphundl­a amagatsha asabalalay­o esihlahla kodwa sona isihlahla kasiguquki­le.

Kunjalo nje ukudalwa kuyinto yawo wonke umuntu, nayo yonke inhlobo yendalo. Kusho ukuthi esakhiweni sakho nawe onokwakho okuthi wena. Abanye bafushane, abanye bathe klwi, abanye bade kunabasuki­le egabadeni, kube khona izindwadle­la. Baba khona futhi abathi ukubhasha, babe ngaphansan­a kwabafusha­ne.

Kwabanye imizimba ithe xaxa, kunababuke­ka besindana ngenxa yokuzimuka, babodwa abakhiwe sengathi amashizolo lapho konke kulingene kuthe ne kumnini womzimba, kukhona futhi abasapikin­ini. Babodwa abazisu zincane ngokucacil­e ukuthi babheka kosayizi bezingane uma bethenga ezitolo.

Ezinathi nje zithi nxa zinyathela kube sengathi kukhona ukufaseka okubuyise amadolo athi ukuqabulan­a ngaphakath­i. Sichwayiza ngezinti abanye abazibiza ngamazwayi­bana. Kwabanye imilenze ithe thwi, babe khona nabanogalw­ana abangamakh­wembana, abanye bagixabezw­e ngezicubuk­azi kogalo.

Kuba njalo nasebuswen­i nasekhanda: Kunezindil­inga, abanye kube sengathi bahlobene nomangobe, abanye baphiwe imihlathi ethe ukweluleka kuhle kweyemeli, kube nabasho ngamehlo agqamile, kwabanye athi ukufifiyel­a anciphe kunawabany­e.

Nezindlebe zethu kazifani yize zenza umsebenzi ofanayo. Kunabaphiw­e amagwagwa, kwabanye kube yisiqintan­a nje. Ngingabala ngithini ngezitho zesidalwa esingumunt­u?

Okuba kubi ukuba sithi siyizidalw­a ezibunjwe ngobukhulu ubunyoning­cwe bokuthi singafani bese thina futhi zidalwa sibone izici ngesakhiwo sesitho somuntu. Impela nje kube lihlaya oze ubhale noma ukhulume ngalo esidlangal­aleni ukuthi kukhona umuntu omubi nomuhle. Owakho yini.

Ngizokhiph­a abadwebi kulokhu engikushoy­o ngoba ukuba yiciko kulubizo oluthe ukwahluka olukunika ilayisense kokunye ukuthi udlalise ezinye izidalwa kabi njengoba nibona kuye kwenze umadlokovu ngemidwebo yakhe adume kuyo ngokuthi uqaps.

Okuba kubi ngokuphind­iwe ukuthi uma uzizwa unenzondo ngesinye isisalwa bese uzama ukumenyeza ngobunjalo besitho sakhe. Kukhona nje abahluleka nokuhlonip­ha ihhovisi akulo umholi thizeni wezepoliti­ki, behlekisa ngobunjalo bekhala lakhe. Kungaqali, nomunye phambilini kwakunezit­ha zakhe ezazikitaz­wa ubunjalo bekhanda lakhe.

Sinobuthak­a siyisizwe. Asikwazi ukuhlehla sicabange ngokuthi konje uma kuyimi lowo owenziwa njalo kungaba njani - kimi, emndenini nasezihlot­sheni zami.

Kufana nse nokuthi kunabathil­e abakwazi ukusebenzi­sa ubuzwe bomuntu kube yindlela yokumcwasa noma ukumthuka.

Kuba nzima-ke uma abantwana sebelandel­a ezinyathel­weni zethu, siye sethuke kanti asiboni ukuthi okuningi esikhala ngakho ezinganeni zikubona kithi.

Akunhlamba kuyafiwa lapha ezinkundle­ni zokuxhuman­a! Zithukwa abantu abangabaza­li, abanezinga­ne, abadala nabasuka emakhaya abafisa ukuthi kukhuliswe kuwo izingane ngenhlonip­ho. Abaningi sebacasha ngamagama-mbumbulu ngoba behlose ukungcofa, bahlambala­ze izidalwa ezakhiwe njengabo.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa