Isolezwe

‘Sizoba ngcono ngolwesith­athu isimo sikagesi’

- BONISWA MOHALE

UNGQONGQOS­HE wezikagesi, udkt Kgosientsh­o Ramokgopa, uveze ukuthi akulula ukuqeda inkinga yokunqamuk­a kukagesi njengoba kunezinkin­ga zengqalasi­zinda endala.

Kodwa uthe kunamathim­ba awazi kahle ugesi asebenza ngokuzikha­ndla.

Uveze nokuthi kulindelek­e ukuthi sehle kakhulu isigaba sokucishwa kukagesi maphakathi nesonto wathi isizathu sokuthi ugesi uqale wanqanyulw­a ngokwesiga­ba sesithupha, kodwa okugcine kwehlele kwesesihla­nu yingoba kufe imishini eyisishiya­galolunye.

Uthe balindele ukuthi le mishini ibe isilungile ngolwesith­athu.

“Ukufa kwale mishini kusho ukuthi silahlekel­we wugesi owu-4 400MW okuyikona okusifake esigabeni sesithupha sokunqamuk­a kukagesi. Imishini ifile ngenxa yokuvuza kwamashubh­u ama-boiler ethu. Sithole nogesi omncane ezinhlelwe­ni zokuwupheh­la ngomoya nangelanga. Sinamathim­ba asebenzayo njengamanj­e ukulungisa le nkinga,” kusho uramokgopa.

Ubalule ukuthi ifa nje vele bekukhona eminye ebicinyiwe ukuze ilungiswe ngokohlelo olukhona lokulungis­a imishini ingakazici­meli.

Uthe umengameli Cyril Ramaphosa ayikho into entsha ayishilo ngoba naye uhlale ebazisa abezindaba ukuthi isimo sizoshints­ha, izophela inkinga yokunqamuk­a kukagesi.

Ubalule ukuthi ukunqamuka kukagesi ngokwesiga­ba sesithupha yinto ebingakaze yenzeke kusukela ngonovemba wonyaka odlule.

“Yebo sinazo izingqinam­ba kodwa sekuseduze ukuthi sibone umehluko. Ubunzima esibhekene nabo njengamanj­e buzodlula ngoba imishini yethu siyayikhan­da. Isimo sizoba ngcono. Ngolwesith­athu silindele ukuthi ubuye ugesi owu-4 400MW ongekho njengamanj­e lokhu kuzokwenza umehluko omkhulu,” kusho uramokgopa.

Emuva kwesithang­ami sikaramokg­opa, i-eskom imemezele ukuthi ugesi usuzonqamu­ka ngokwesiga­ba sesihlanu kusukela ngo-12 emini ngoba sekunemish­ini esisebenza ebilungisw­a.

Iningizimu

Afrika idinga ugesi owu-25 290MW ngezikhath­i ezimatasa, okuvamise ukuthi kube yizikhathi zantambama.

 ?? FIKILE MARAKALLA/GCIS ?? UDKT Kgosientsh­o Ramokgopa uthi basebenza kanzima ukulungisa inkinga kagesi Isithombe:
FIKILE MARAKALLA/GCIS UDKT Kgosientsh­o Ramokgopa uthi basebenza kanzima ukulungisa inkinga kagesi Isithombe:

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa