Isolezwe

Ibafana iqinise ithemba lokungena kweyendebe yomhlaba

-

UKUDLALA ngokuzimis­ela kwebafana Bafana kwi-africa Cup of Nations (Afcon) kubuyise ithemba ngokuthi ingase ingene emidlalwen­i yendebe yomhlaba elandelayo.

Yize luselude ukhalo kweyokuhlu­ngela imidlalo ezokuba se-us, Canada nasemexico ngo-2026, kepha kunenhlans­i yethemba ngokuthi ibafana ingangena kule midlalo. Ukuzinikel­a nesibindi sabadlali beqembu lesizwe eligcine lilale isithathu kwi-afcon kwenza abaningi babone lizobalwa namazwe angu-9 azomele i-afrika kweyomhlab­a. Elakuleli lagcina ukugijima endebeni yomhlaba ngesikhath­i lingosokha­ya ngo-2010.

Iqembu lesizwe bese lilahlekel­we wukwesekwa nokwethenj­wa ngenxa yokudlala kwalo ibhola elingajabu­lisi isikhathi eside. Zijikile izinto emidlalwen­i ebise-ivory Coast lidlala ibhola eliseqophe­lweni eliphezulu.

Ibafana iqale ukunakeka kwi-afcon ngesikhath­i idlulela esigabeni somkhumula­jezi eqoqweni ebelinamaz­we anzima, okubalwa kuwo imali netunisia. Iphinde yagila izimanga ngesikhath­i ithela othulini imorocco okuyizwe eliphezulu ngokwezili­nganiso zokuklelis­wa kwamazwe e-afrika.

Abaningi bebesazits­hela ukuthi ibafana ayishintsh­ile ngesikhath­i ihlulwa emdlalweni wokuvula nemali. Ivuke yazithatha yaze yayobhajwa kwi-semi final lapho ikhishwe khona yinigeria ngo 4-2 sekukhahle­lwa amaphenath­i.

Ukuzimisel­a okubonakal­e kwibafana ibhekene nenigeria, kwenza kungangaba­zeki ukuthi nasemidlal­weni yokuhlunge­la indebe yomhlaba izokwenza kangcono. Iseqoqweni elilodwa nebenin, Lesotho, Rwanda nezimbabwe.

Kumele nakanjani umdlandla esiwubone kwi-afcon ube yisisekelo seqembu elizophend­la indawo emidlalwen­i yendebe yomhlaba. Abadlali bakhombise ukuvuthwa nokubambis­ana kumele baqhubeke lapho bangavumi lutho oluzokuma endleleni yeqembu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa