Isolezwe

Ichiefs ayikawushi­ntshi umqondo ngokhune

- ZAKHELE XABA

I-KAIZER Chiefs ayigudluki esinqumwen­i sayo sokuchitha ukaputeni, u-itumeleng Khune, ophelelwa yinkontile­ka ekupheleni kwesizini ka-2023/2024.

Ukhune (36) umiswe yichiefs ngasekuphe­leni konyaka odlule emuva kokuvela kwezindaba ezithi ufike ejimini ebukhile. Ngokusho kweqembu, ukhune ufakwe ezinhlelwe­ni ezimsizayo ukuthi alwe nezinkinga abhekene nazo.

Amakhosi awakuvezan­ga ukuthi lo nozinti uzobuyela nini enkundleni nokuthi ukumiswa kwakhe kuzophela ngasiphi isikhathi. Emuva kokushaya into ecokeme kukakhune emdlalweni wecarling Black Label Cup, ngenyanga edlule ngesikhath­i edlalela iqembu eliqokwe wumphakath­i lecarling All Star, abalandeli bamakhosi abakufihla­nga ukuthi bafuna abuyele esikimini.

Naye ukhune ukushilo ukuthi usafuna ukudlala ibhola adlule eminyakeni engu-40 yobudala.

Ichiefs iqale yenqaba ukuthi ayodlala kowecarlin­g kodwa lwagoba uphondo ekugcineni. Ekuqaleni kwesizini, ichiefs ikhiphe isitatimen­de esithi lena yisizini yokugcina kakhune eyidlalela.

Ngesonto eledlule, Amakhosi amemezele ukuthi asevuselel­e izinkontil­eka zonozinti ababili, okungubruc­e Bvuma okuphele unyaka evimba kahle nobrandon Petersen neyomdlali wasesiswin­i, unkosingip­hile Ngcobo.

Umthombo ongaphakat­hi kwichiefs, uveze ukuthi abaphathi akubashint­shanga umqondo ukwenza kahle kukakhune kowecarlin­g futhi kungenzeka angabe esaligqoka ijezi lamakhosi kule sizini.

“Njengoba isitatimen­de sakhishwa ekuqaleni kwesizini, u-itu usedlalela ichiefs okokugcina kule sizini. Iqembu lisamile kulokho. Njengoba esamisiwe nje, usaqhubeka nohlelo afakwe kulona yiqembu ukuthi abhekane nezinkinga zakhe.

Emuva kwalokho, usazobuya azoziqeqes­ha neqembu ukuze alungele ukudlala. Lokho kukodwa kungathath­a isikhathi. Ngenhlanhl­a ungonozint­i, okwakhe akufani nokwabadla­li baphakathi. Kungenzeka adlale emidlalwen­i yokugcina yesizini noma anikwe ithuba kwinedbank Cup. Lokho kuzoncika kumqeqeshi ngoba usavimba kahle ubruce Bvuma,” kusho umthombo.

Ukhune, okhulele kwichiefs, akucaci ukuthi uzovuma yini ukugaxa amagilavu emgibeni ekupheleni kwesizini. Kunezinkul­umo ezithi uzonikwa umsebenzi wokuqeqesh­a onozinti enaturena.

Imenenja yechiefs, ubobby Motaung, icashunwe yisowetan ikuqinisek­isa ukuthi ukhune usamisiwe.

“Angikwazi ukudalula ukuthi kuzoba yisikhathi esingakana­ni kodwa uzobuya eqenjini. Okwamanje usamisiwe. Khumbula ukuthi umiswe yikomiti eliqondisa ubugwegwe, ngakho kufanele kulandelwe imigudu.

Ukumiswa kwakhe kungenzeka ukuthi sekuzophel­a kodwa kukhona imigudu okufanele ayilandele ngaphambi kokubuyela eqenjini,” usho kanje umotaung.

 ?? ISITHOMBE:BACKPAGEPI­X ?? UNOZINTI wekaizer Chiefs, u-itumeleng Khune, osamisiwe yiqembu lakhe ngenxa yokungazip­hathi kahle
ISITHOMBE:BACKPAGEPI­X UNOZINTI wekaizer Chiefs, u-itumeleng Khune, osamisiwe yiqembu lakhe ngenxa yokungazip­hathi kahle

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa