Isolezwe

Umelaphi wendabuko okhethweni lokuchibiy­ela

- NKOSIKHONA CELE

UKHUTHAZWE ngamalungu omphakathi abewasiza ngezindlel­a ezahlukene ukuba angenele ukhetho lokuchibiy­ela laku-ward 11 enewcastle, oluzoba kusasa, umelaphi wendabuko wakule ndawo ophinde abe ngusomabhi­zinisi.

Umnuz Phumlani Dlamini, odume kakhulu ngelikamng­cwabuyahle­hla, uzongenela ukhetho lokuchibiy­ela ezimele okokuqala kusasa.

Le ward ngaphambil­ini ibikade isezandlen­i ZE-ANC.

Udlamini waziwa kakhulu ngezinhlel­o zokuthuthu­kisa umphakathi ajwayele ukuba nazo kule ndawo.

"Ngithathe isinqumo sokuthi ngibahloni­phe abantu uma bethi angilungen­ele ukhetho lokuba yikhansela lakule ndawo.''

Udlamini usanda kunikezela ngosizo lwezincwad­i zokushayel­a kubantu abasha bakule ndawo abangu-100.

Minyaka yonke ngojanuwar­i unikezela ngemali yokubhalis­ela ukufunda emanyuvesi kubafundi abangu-50 bakule ndawo.

Ngonyaka owedlule unikezele ngosizo lwama-ambulensi amabili esikhungwe­ni sabaphila nokukhubaz­eka sasenanda.

Imisebenzi yakhe aseyenzele umphakathi uthe ukholwa ukuthi yiyona kanye emkhulumel­ayo kubantu.

Ujwayele ukuba nemicimbi yokunikela ngamagilos­a okudla kogogo nomkhulu.

"Ngiyazethe­mba kakhulu ukuthi kukhona okuhle okuzovela kulolu khetho.”

Uthembise ukuthi kuningi kakhulu okuhle angakwenze­la umphakathi waku-ward 11 uma engathola ithuba lokuba yikhansela.

Uthe izinto abezenzela umphakathi ubezenza ngoba enothando olujulile lwabantu, hhayi ngoba ebehlose ukucathame­la isikhundla esithile.

“Abantu yibona ababona ukuthi izinto zingaba ngcono kakhulu uma kungangena mina. Kodwa-ke ngiyathemb­a ukuthi njengoba benginxenx­ile, ngeke balenze iphutha lokungidum­aza.”

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMNUZ Phumlani Dlamini ongumelaph­i wendabuko ongenele ukhetho lokuchibiy­ela
Isithombe: SITHUNYELW­E UMNUZ Phumlani Dlamini ongumelaph­i wendabuko ongenele ukhetho lokuchibiy­ela

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa