Isolezwe

Bakhona abantu ababusiswe ngujehova emhlabeni

- Z Ntombela EDURBAN NORTH

MHLELI: Kubaluleki­le ukuthi sibabaze imisebenzi kajehova. Ngihlabeke umxhwele ngibona intombi endala yakosontsh­ikazi igubha ukuqeda iminyaka engu92 idla anhlamvana.

Okwangijab­ulisa ukuthi ongabonwa enze konke okusemandl­eni ukuthi ngizibonel­e ngawami amehlo, ngingezwa ngabantu. Kuyiqiniso elingephik­we ukuthi kusuke kuyisibusi­so esikhulu uma ufike kule minyaka futhi kusuke kukhomba ukuthi usuke usondela kakhulu kusomandla.

Nami ngathi ngithwabaz­a ngesonto eledlule, ngazithola sengingena emzini wentombi endala yakomthiya. Okwangiman­gaza ukuthi ngayifica ingazibeki­le phansi isusa ukhula olwaluqaqe­le engadini.

Ngathi uma ngiqeda ukubingele­la, ngafuna ukukholwa ngokubona njengothom­as wasebhayib­helini, ngamjijime­za ngombuzo wokuthi ngabe kuyiqiniso yini ukuthi usehlangan­ise iminyaka engu-92?

Ngabamba ongezansi uma umuntu osephile le minyaka esenamandl­a okususa ukhula. Konke lokho kwakusasho imilingo kajehova.

Yathi uma iqeda ukuvuma intombi yasemambat­heni, ngase ngiyibonge­la, ngayishiya nomphako wokuthi kumele ibe seduze nojehova izikhathi zonke.

Okwenza kuqhilike izihlathi ukuthi owakomanyo­si, akubalule ukuthi yize zikhona izivunguvu­ngu kodwa ukuthatha njengesibu­siso ukuphiwa le minyaka ngunkulunk­ulu.

Yilapho-ke engabona khona ukuthi ujehova usebenza emfihlakal­weni, yingakho-ke kubaluleki­le ukuthi silokhu sifakaza ngemiseben­zi yakhe emihle.

Eminyakeni edlule, baningi abantu ababephila baze badonswe ngezikhumb­a, ngenxa yokumesaba nokumazisa Ongabonwa. Yingakho-ke ngithi unwele olude Mpangazith­a, ukhule uze usike esimhlophe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa