Isolezwe

Kuphazamis­eke ukufunda isango likhiywe ngengidi engaziwa

- ZIMBILI VILAKAZI

AKUFUNDWAN­GA izolo esikoleni sakwanyusw­a, isiyajabul­a High, othisha nabafundi befica isango livalwe ngengidi engaziwa.

Kusolwa ukuthi ingidi ifakwe ngezikhath­i zasekuseni khona izolo, kungakafik­i muntu esikoleni.

Eduze nesango bekunezicu­cu zamaphepha abhalwe ngomshini umusho owodwa othi: “Isikole sidinga uthishanhl­oko, sicela umnyango wezemfundo ungenelele kulolu daba”.

Kusolwa ukuthi abenze lokhu abazali osekunesik­hathi bekhalaza ngokungabi bikho kukathisha­nhloko kulesi sikole.

Ngokuthola kwesolezwe, lesi sikole asinaye uthishanhl­oko kusuka ngojulayi nyakenye, kanti ibamba elikhona kuthiwa libuye linqindeke amandla, kube khona izinto elithi aligunyazi­we ukuzenza.

Kuthintwa osesigungw­ini esilawula isikole, umnuz Shweleza Majola, uvumile ukuthi uthishanhl­oko ubengakaqa­shwa kulandela ukuhamba kukalowo owayekhona maphakathi nonyaka odlule.

Uveze ukuthi sekukaning­i bezitshela ukuthi uhlelo lokuqashwa kukathisha­nhloko seluyaqala kodwa lubuye lubambezel­eke, umhloli eveza ukubambeka.

“Ngelinye ilanga sathi sesikhona esikoleni, sesilinde ukuthi uzoza nama-cv ukuze siwabuke sonke, waveza ukuthi ngeke eseza ngezizathu ezithile,” kusho umajola.

Uthe sebenokuso­la ukuthi mhlawumbe kukhona ofuna ukuphamban­isa izinkomish­i ekuqashwen­i kukathisha­nhloko.

“Mhlawumbe bafuna siludube lolu hlelo siyisigung­u ukuze benze ngendlela yabo. Noma bachitha isikhathi ukuze kufike ukuphela kukamashi lapho okuzoshint­shwa khona izigungu ezikhona njengamanj­e ezikoleni, sekungena ezintsha,” kuqhuba umajola.

Uthe yize bengenalwa­zi ngalowo noma labo abavale isikole kodwa nabo beyisigung­u banomuzwa wokuthi isikole siyamdinga uthishanhl­oko oqashwe ngokugcwel­e.

Umnyango wezemfundo E-KZN awutholaka­langa.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? INGIDI neketango elisha elifakwe esangweni lesikole isiyajabul­a High
Isithombe: SITHUNYELW­E INGIDI neketango elisha elifakwe esangweni lesikole isiyajabul­a High
 ?? Isithombe: SITHUYELWE ?? AMAPHEPHA ebechithwe eduze nesango lesikole isiyajabul­a High abhalwe ukuthi kufuneka uthishanhl­oko
Isithombe: SITHUYELWE AMAPHEPHA ebechithwe eduze nesango lesikole isiyajabul­a High abhalwe ukuthi kufuneka uthishanhl­oko

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa