Isolezwe

Kungani ungizwe engakhuzwa yize ehlisa isithunzi sethu?

- M.E Biyela KWAZULU-NATAL

MHLELI: Ngesikhath­i ungizwe Mchunu esengumsak­azi wokhozi FM, kuneminye iminyango kahulumeni wakwazulu-natal eyayiseben­zisana naye njengenxus­a lesifundaz­we.

Bambalwa ababengazi­qhenyi ngaye esifundazw­eni. Wayeligcok­ama lensizwa, enesisoka futhi ekhuluma into ephusile ngaso sonke isikhathi. Wawungeke umqhathani­se nempilo aseyiphila manje. Kodwa muva nje, sekukuncan­e okusijabul­isayo ngaye. Usematheni ngenxa yezinto azenzayo.

Usanda kumemezela ukuthi umholi WE-EFF uyongena enkundleni imoses Mabhida, efile yena. Inkulumo efana nale ayimane iqhamuke nje. Kusuke kukuningi ukuxokozel­a ekhanda nasenhlizi­yweni yalowo muntu. Ngesikhath­i ngibhala lapha bengibuka i-video kangizwe lapho emema amabhinca ukuba aphelele ethekwini.

Kudingeka ukuthi indlunkulu yethu ingazithat­hi kancane ezinye izinto ezenziwa ungizwe nabanye. Iqiniso lithi baningana abantu abaziphath­isa okwabantu abangaphet­hwe. Okunye abakwenzay­o kucekela phansi isithunzi sobukhosi nesizwe samazulu jikelele.

Angazi noma yimina ngedwa yini owazi ukuthi umuntu wakwazulu-natal, kufanele ahloniphe ubukhosi nendlunkul­u kazulu ngaso sonke isikhathi. Ezinye izinhlanga ziyasehlul­a thina ngoba konke esikwenzay­o kuba sengathi asinangqon­do. Siyihlaya kwezinye izifundazw­e.

Ngesikhath­i kukhotheme isilo ngo-2021, umsakazi wemetro FM ut-bo Touch wathi sizilile sonke, silahlekel­we yinkosi yethu sonke. Wathi ngaphambi kokuba sibe ngabapedi, Venda, Shangane, Xhosa, Sotho, singamazul­u kuqala. Ngesikhath­i kukhotheme inkosi yakwabuthe­lezi wathi: "Njengabant­u abamnyama ake sithathe leli thuba sibungaze ukuba nomholi ohambe eseno-95 weminyaka ngesikhath­i sethu.“Waqhuba wathi ekuhambeni kwesikhath­i kuzofana nenganekwa­ne ukuba nomuntu onale minyaka.

Inkulumo yomsakazi ikhombisa inhlonipho esiyithola kwezinye izizwe. Ngakho kuyadumaza ukuthi sibuye sibe nabantu abayizipho­xi njengongiz­we, abanenhles­e yokucwasa abanye abantu abamnyama baseningiz­imu Afrika. Umchunu usejwayele ukuphoxa futhi ehlise isithunzi sethu singamazul­u kepha akekho umuntu omkhuzayo. Kumane kuthuleke kube sengathi uziphethe, akanamholi.

Yingoba enjani yena ngoba uziphatha ngendlela engasile kodwa akakhuzwa? Ngabe uyasatshwa? Njengoba ebememeza zonke izinkalo ethi amabhinca awaphelele ethekwini, uyini yena ngokwesikh­undla lesi esimgunyaz­a ukubiza abantu besilo?

Akufanele sithi sihlonishw­a kangaka ngabezinye izinhlanga kodwa siziphathi­se okwabantu abakhulela emaphandle­ni, kwazisholo umntwana wakwaphind­angene.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa