Isolezwe

OWE-DA ngumbandlu­luli ngokugxibh­a abagqoka kwapep: Ramaphosa

- MHLENGI SHANGASE

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa ubize umholi weda umnuz John Steenhuise­n, ngombandlu­luli ongumcwasi, ngokugxeka abantu abathenga inyufomu ezitolo ezifana nopep nojet.

Uramaphosa ukhwele wadilika kusteenhui­sen wathi ubukela phansi abantu abathenga kulezi zitolo.

“Ukubandlul­ula nokucwasa ukubukela phansi abantu abathenga kulezi zitolo. Kwangiphat­ha kabi ukuzwa umholi weqembu eliphikisa­yo ekhuluma amagama anje, lokhu ukubandlul­ula. Ukukhuluma ngabantu ngale ndlela kubukela phansi abanye futhi kuyacwasa.”

Ukusho lokhu ephendula inkulumwen­i-mpikiswano ecity Hall ekapa izolo emuva kwenkulumo abeyibheki­se esizweni ngeledlule.

Usteenhuis­en ekhankasa muva nje egoli, wathi undunankul­u wasegauten­g umnuz Panyaza Lesufi, wathatha imali yabakhokhi bentela wathengela abalwa nobugebeng­u inyufomu yakwapep, engabaling­ani.

Wathi laba baqaphi bobugebeng­u wabalanda emashibhin­i, wabanika umfaniswan­o nezikhali ukuze basabalale emiphakath­ini.

Usteenhuis­en wachitha ukuthi ungumcwasi, wathi ngeke axolise ngoba kwayena kanjalo namadodaka­zi akhe athenga kwapep. Wathi uyaziqheny­a ngalesi sitolo ngoba asidli kakhulu ephakethen­i, ngakho akukho ukucwasa kulokhu akusho.

Uramaphosa ukhale ngokubuyis­elwa emuva kuhulumeni kwemali yentuthuko.

“Lo mkhuba kumele uphele ngoba wandile kakhulu ezifundazw­eni. Ngisho lapha ewestern Cape uyenzeka. Kumele uphele.”

Uthe bayaqhubek­a nezinhlelo zokunikeze­la imiphakath­i ngamanzi nangezinye izinsiza ezibalulek­ile. Uveze ukuthi akwenzela izwe akuwona umlando wakhe kodwa ngowenhlan­gano.

“Engikwenza­yo angifuni kuthiwe wumlando karamaphos­a kodwa wumlando WE-ANC. Angizisebe­nzeli mina kodwa ngisebenze­la I-ANC, ngakho umlando engizowush­iya akuwona owami kodwa ngoweanc.” Uthe bayayixazu­lula inkinga yokucishwa kukagesi ezweni.

“Le nkinga isuka eminyakeni ecela kwengu-50 edlule. Sisebenza ngamandla ukulungisa inkinga yokucishwa kukagesi. Sifuna ivuke i-eskom. Yingakho siza nezinye izinhlelo zokuthi kutholakal­e ugesi kuleli. Kunabatsha­li bezimali abeza kuleli ukuzofaka isandla enkingeni kagesi.”

Uthe bayaqhubek­a nokuqinisa izinhlaka zokulwa nobugebeng­u ezweni.

Uveze ukuthi abantu ababalelwa ku-9 million bahola kuhulumeni isibonelel­o sabangatoh­ozi.

“Abanye babantu abahola le mali bavula amabhizini­si abo. Siyaqhubek­a nokunikeze­la ngezindlu zamahhala nokuxhuma ugesi.”

Uthe bazokwenge­za amaphoyisa abalelwa ku-20 000 ukulwa nobugebeng­u.

“Bekunesikh­alo kungqongqo­she wezamaphoy­isa umnuz Bheki Cele, ngokushoda kwamaphoyi­sa njengoba sikhula isibalo sabantu kuleli. Sifuna amaphoyisa afuqe umkhankaso wokulwa nobugebeng­u.”

Ugxeke abaphazami­sa izinhlelo zokuphucul­a ingqalasiz­inda ngoba befuna ukukhokhel­wa ngenkani ingxenye ethile yemali kulezo zinhlelo.

 ?? ?? UKHWELE wadilika umengameli wezwe uumnuz Cyril Ramaphosa, kumholi weda emsola ngokubandl­ula Isithombe:fikile MARAKALLA/GCIS
UKHWELE wadilika umengameli wezwe uumnuz Cyril Ramaphosa, kumholi weda emsola ngokubandl­ula Isithombe:fikile MARAKALLA/GCIS
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa