Isolezwe

Indumalo kwabeshark­s kulimala u-’elizabedi’

- XOLILE MPISANE

UKHATHAZEK­ILE ngokulimal­a kwabadlali umqeqeshi wehollywoo­dbets Sharks, ujohn Plumtree, njengoba leli qembu selilahlek­elwe esinye sezilomo, u-eben “Elizabedi” Etzebeth.

Isharks ibheke ukuqhubeka nemidlalo ye-united Rugby Championsh­ip (URC) ngegiya elingcono kulandela ukushaya udaka ngaphambi kwekhefu kodwa igqemeke ingozi ngenxa yokuthi u-etzebeth usehlinzwe edolweni.

Lo mdlali ozandisele ugazi ngesikhath­i amabhokobh­oko evikela isicoco sendebe yomhlaba ngonyaka odlule ubengomuny­e wabadlali abangcono kwisharks kule sizini.

Selokhu I-URC iqalile ngo-okthoba, nyakenye, isharks ibilokhu inohlu olude lwabadlali abalimele yize ilindele ukuthi abanye babo abafana nobongi Mbonambi, Vincent Koch novincent Tshituka, babuye maduze.

“Yinde isizini futhi ngizwa sengathi sekusikhin­yabeze kakhulu ukulimala kwabadlali. Ubongi uzodlala okokuqala kule sizini kodwa sonke siyazi ukuthi uyena i-hooker yethu ehamba phambili,” usho kanje uplumtree.

“U-etzebeth ubeseqalil­e ukudlala kodwa manje usehlinziw­e futhi kuzothatha amasonto ukuthi abuye. Kungiphath­a kabi ukuthi angikwazi ukudlalisa iqoqo labadlali baphambili engilifuna­yo. Ukuba ngiyakwazi ukwenza lokho besizokwaz­i ukufaka abadlali abanomfuth­o uma sekudlule imizuzu engu-60.”

Isharks, esanqobe umdlalo owodwa WE-URC kweyisishi­yagaloluny­e kule sizini, izobhekana NEDHL Stormers ehollywood­bets Kings Park kusasa ngo-5.05 ntambama.

Into esalihambe­le kahle leli qembu kule sizini kube wukuqhwake­la eqoqweni lalo kwichallen­ge Cup, lakwazi ukungena kwilast 16.

Ukaputeni ulukhanyo Am unethemba lokuthi sebezokwaz­i ukuletha ifomu enhle abanayo kulowo mqhudelwan­o kwi-urc.

“Ngeshwa asiqalanga kahle kwiligi

(URC), kodwa ngijabule ngezinga esikulona njengamanj­e. Ngicabanga ukuthi i-challenge

Cup ingasisiza ukuthuthuk­isa isizini yethu,” kusho u-am. Nakanjani likhona ithemba ngekusasa. Kukhona ukuthuthuk­a esikubonay­o. Nasemidlal­weni yeligi engasihamb­elanga kahle kukhona okuhle esikwenzil­e kodwa saphikwa yimiphumel­a.

Njengoba isharks isemsileni ngamaphuzu ayisishiya­galolunye emidlalwen­i eyisishiya­galolunye, istormers isendaweni yesikhombi­sa ngawu-26. Leli qembu lasekapa selinqobe imidlalo emihlanu kweyisishi­yagaloluny­e eseliyidla­lile.

Kuzoba nomunye umdlalo WE-URC phakathi kwamaqembu akuleli kule mpelasonto lapho i-emirates Lions izodudulan­a khona nevodacom Bulls e-ellis Park, egoli, kusasa ngo-3 ntambama. Ibulls isendaweni yesine kwi-log ngamaphuzu angu-30, kanti ilions ilele endaweni ka-10 ngamaphuzu angu-24.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa