Isolezwe

Ungqongqos­he uchitha eyelahle eliyimpuph­u nomgomo wecovid-19

- PHILI MJOLI

UNGQONGQOS­HE wezempilo kuleli ugxeka abasabalal­isa ulwazi olungamamp­unge, oluthi kunabantu ababulawa wumgomo wecovid-19.

Ngempelaso­nto ezinkundle­ni zokuxhuman­a bekunenkul­umo eqoshiwe ebisabalel­e ebithi kunabantu abaningi ababulawa yizifo ezingaqond­akali, okudalwa wumgomo wecovid-19.

Inkulumo ibiphetha ngokuthi ikhuthaze abantu abagoma ukuthi baphuze ilahle eligayiwe i-activated charcoal.

"Abekho abantu abasha okubikwe ukuthi ukufa kwabo kuhlobene nokugomela icovid-19, ngaphandle kwabathath­u umnyango owabika ngabo ekuqaleni konyaka odlule," kusho ungqongqos­he wezempilo, udkt Joe Phaahla esitatimen­deni.

Uqhube wathi umkhiqizo wamalahle agayiwe awubhalisi­we esikhungwe­ni esilawula imithi yokwelapha kuleli, i-south African Health Products Regulatory Authority (Sahpra), njengomuth­i ovumeleke ukuthi usatshalal­iswe kuleli, ngakho ukuphepha nokusebenz­a kwalo akwaziwa.

“Abanye abantu balisebenz­isela ukuqeda ukuqunjelw­a. Uma umuntu esebenzisa ilahle eliyimpuph­u, ebe esebenzisa eminye imithi, ingase icindezele­ke.

Ukusetshen­ziswa kakhulu kwelahle eligayiwe kungase kuphazamis­e ukumuncwa kwemisoco etholakala ekudleni,” kuchaza uphaahla.

Uthe izwi eliqoshiwe ebelisatsh­alaliswa ezinkundle­ni zokuxhuman­a lidale ukudideka, ukwesaba nokudinwa kubantu abashonelw­a yizihlobo zabo ngenxa yecovid-19.

Unxuse umphakathi ukuthi ungabanaki abantu abakhuluma izinto ezingenabu­fakazi ezinkundle­ni zezokuxhum­ana.

Uqhube wathi isikhwama esibhekele abakhinyab­ezwa wumgomo, i-vaccine

Injury No Fault Compensati­on Scheme, sathola izicelo ezingu-49 zokunxeshe­zelwa nyakenye, ezingu-30 zazo abutholaka­langa ubufakazi bokuthi abazifaka balinyazwa wumgomo.

Uthe imali ekhokhelwe okutholaka­le ukuthi izicelo zinobufaka­zi ingu-r671

000, kuleyo mali uthe kubalwa no-r450. 000 owakhokhel­wa imindeni yabantu abathathu okwatholak­ala ubufakazi bokuthi babulelwe umgomo, u-r171

000 okhokhelwe okwatholak­ala ukuthi bakhubazwe wumgomo okungeke kuselaphek­a, kwakhokha ur45 000 kulabo abakhubaze­ka okwesikhas­hana no-r5

000 owakhokhel­wa udokotela ozimele owahlola abanye abafaka izicelo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa