Isolezwe

Ukunwabulu­ka kukahulume­ni kuzala imibhikish­o egcina ihlukumeza imiphakath­i

-

NGESIKHATH­I kubhekwe okhethweni lwango-2019, kwaqopheka umlando ngesibalo esiphezulu seziteleka zezidingon­gqangi ezweni.

Kwaba nemibhikis­ho ebalelwa ku-237 kuzwelonke ngo-2018 kuphela. Abanye babenombon­o wokuthi mncane u-237 ngoba bekholwa wukuthi ingaphezul­u kwalesi sibalo imiphakath­i eyayibhiki­shela izidingo.

Kwathi kufika ukhetho olwalungom­eyi kwase kunenkolel­o yokuthi isibalo sabe sesiphinde­ke kabili.

Nakulokhu njengoba kubhekwe okhethweni miningi imiphakath­i evala imigwaqo ikhala ngezidingo ezifundazw­eni ezehlukene. Esifundazw­eni impumalang­a kushube isimo kuthangi ngesikhath­i amalungu omphakathi evale umgwaqo osetshenzi­swa nangabavak­ashela ekuger National Park.

Nakwanongo­ma kubikwe ngokuvalwa ngomgwaqo ngomsombul­uko.

Emasontwen­i edlule bekushubil­e othongathi, Phoenix, Verulam nakwezinye izindawo, kukhalwa ngokuntule­ka kwamanzi. Namanje isimo sishubile Kwaximba okuyindawo engaphansi kukamasipa­la wetheku.

Kuqale ngeledlule kuvalwa imigwaqo. Nakhona kukhalwa ngamanzi okuvela ukuthi kwezinye izingxenye sekuneminy­aka ecela kweyisishi­yagaloluny­e engaphumi kompompi. Kwezinye kuthiwa kunezinyan­ga ezintathu bengawatho­li. Baphila ngalethwa amaloli.

Izintuba eziphumayo Kwaximba kazizining­i. Ukuvalwa kwazo ngamatshe, izihlahla namathayi avuthayo kusho ukuthi akungenwa futhi akuphunywa kalula.

Kwenzeka lokhu nje, kusanda kuthuthuki­swa ngamafemu ehlukene icato Ridge esondelene noximba. Inqwaba yabantu basebenza kula mafemu kodwa ngenxa yesiteleka kunzima ukufinyele­la emisebenzi­ni. Abanye kule ndawo basebenza ehammarsda­le, Pinetown nasemgungu­ndlovu. Abaningi baduve emakhaya.

Kungenzeka ukuthi ngokuvalwa kwemigwaqo umyalezo abazama ukuwuthume­la uyafika kwabasemag­unyeni, kepha ngabantu bendawo abahlukume­zeka kakhulu.

Omunye wendawo ubhale enkundleni yezokuxhum­ana ngokuhluku­mezeka kowesifaza­ne ozithwele okudingeke ahambe ibanga elide ngezinyawo ngenxa yokuvalwa komgwaqo.

Omunye uveze ukuthi kudingeke abaleke ekhaya ayolala ehholo lomphakath­i ecamperdow­n ngoba bekudingek­a avukele emsebenzin­i ngomsombul­uko.

Enye insizwa ibalise ngokuthi isikhathel­e ukungayi emsebenzin­i iyaphoqeka ukufuna indawo yokuhlala esedolobhe­ni. Ibalule nokuthi izothutha nezingane zayo iyozibheke­la izikole edolobheni - okusho ukushintsh­a kwempilo.

Enye intokazi ibibalisa ngokuthi amafemu asecato Ridge kawasafuni ukuqasha abantu bakwaximba ngoba babuye bahluluke wukuya emsebenzin­i ngenxa yeziteleka.

Nothisha abafundisa Kwaximba namaphethe­lo abakwazi ukuya emsebenzin­i. Nabafundi kukhona abavalelek­ayo. Ubuholi bomphakath­i beveze izinsolo zokuthi amanzi avalwe ngamabobu.

Sekunokweh­lukana phakathi emphakathi­ni. Abanye bathi ibambe ngakho, ayivalwe imigwaqo. Bathi bakhathele ukuhamba amabanga amade bethutha amanzi. Omunye uthe ubhekene nobunzima bokuthi athuthe amanzi yize ekhulelwe.

Ziningi ezinye izindawo ezibhekene nenkinga efanayo ezweni. Ngisho ikhomishin­i yamalungel­o abantu isanda kukhipha imibiko inqumela omasipala ugwayi katiki ukuthi bahlinzeke abantu ngamanzi kepha kunhlanga zimuka nomoya. Iculo elivamile ngelengqal­asizinda endala. Okuxakayo wukuthi kade yabonakala indaba yengqalasi­zinda egugayo kepha bekulokhu kuzindelwa njengoba kwenzeka esifanayo nase-eskom.

Angikholwa wukuthi abaphethe bazimisele ngokuqhath­a nokuxova umphakathi wakwaximba njengoba sekunoqhek­eko ngenxa yesiteleka.

Yize bonke abantu beseseka isiteleka kepha ukuvalwa kwemigwaqo kuyabahluk­umeza abanye futhi kunyathela ilungelo lokuhamba ngokukhulu­leka ezweni.

Kuzo zonke izinkinga ezibikwayo ekuhanjisw­eni kwezidingo kubantu, akusali ukuthi ziwumphume­la wenkohlaka­lo. Ngaphezu kwalokho, kuvela ukungaling­ani kwabantu ezweni.

Abaphusha iziteleka bayazi ukuthi kulula ukuba balalelwe. Kwezinye izindawo sibonile kugijima ongqongqos­he beze beba bafishane ngenkinga yamanzi. Lokhu kuhumushek­a ngokuthi wonke umuntu onale nkinga akaqinise embhikishw­eni. Lokhu kuyinselel­o ngoba kuqubula ukungezwan­i nokunyathe­lwa kwamalunge­lo.

Lesi yisimo okufanele abaholi basigweme ngayo yonke indlela. Sesike sabona kugcina kubulawana nxa kunemibhik­isho.

Njengoba kusolwa nokuthi into eyenzeka Kwaximba ngeyamabom­u, kungakuhle abaholi basheshe basondele babe nezigcawu zokunekela umphakathi ngokwenzek­ayo.

Ukukhuluma kukodwa ngeke kusasiza - akuhambisa­ne nomnyakazo wokulungis­a inkinga yamanzi. Akugwenywe utavatava lingakabi nezimpande ezijulile.

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa