Isolezwe

Ukhenyeza ulobizela ukuziphind­isela kowenedban­k

- NHLAKANIPH­O MNQAYI

USEKHATHEL­E wukuba yithofi lets Galaxy umabhuti Khenyeza oqeqesha ilamontvil­le Golden Arrows ezophinde ibhekane naleli qembu emdlalweni wangolwesi­hlanu wenedbank Cup.

La maqembu azoshukana ehammarsda­le, empumalang­a Stadium, ngo-7 ebusuku kowelast 32.

Azohlangan­a i-arrows isazikhoth­a amanxeba kulandela ukubhaxats­hulwa yithe Rockets ngo 3-1 kowedstv Premiershi­p ngempelaso­nto edlule ekuhambeni.

Bekungokwe­sibili kule sizini Abafana Bes’thende beshaywa yigalaxy njengoba bakhala ngaphansi nasemdlalw­eni womzuliswa­no wokuqala weligi, bahlulwa ngo 2-0.

I-arrows ibihlulwa okwesishiy­agalombili kulandelan­a kwiligi. Yize kunjalo ukhenyeza uthe bazimisele ukuzijika izinto ngayo inedbank Cup.

“Okwesithat­hu sidlala negalaxy kufana nokuthi sidlala umdlalo wekhilikit­hi. Kodwa lokho kuhle kuthina. Sebesihlul­e kabili, kuningi esikubonil­e okungalung­ile nokungamap­hutha. Ngicabanga ukuthi lena yinselelo enhle kimina.

“Kwesinye isikhathi senza amaphutha bese beyasijezi­sa. Uma singanciph­isa amaphutha singakwazi ukumelana nets Galaxy. Nangempela­sonto silishaye kuqala igoli kodwa sase siyabadede­la ukuthi babuye emdlalweni. Ngijabule ngokudlala negalaxy, kuzoba yinselelo entsha futhi kuzoba umdlalo ohlukile. Sizokwazi ukuphendul­a izinto. Kancane kancane siyafunda ukuthi kumele sibhekane kanjani nabo,” kusho ukhenyeza esithangam­ini sabezindab­a emhlanga, ethekwini, izolo.

Uthe kuyabakhat­haza ukuthi iqembu selihlulwe imidlalo eminingi kulandelan­a kodwa usemkhanka­sweni wokulakha kabusha.

“Siyazama ukubumba iqembu. Uma ubhekisisa kahle siqale ngabadlali abayisihla­nu abasha (ngempelaso­nto). Sizama ukuqinisek­isa ukuthi sakha iqembu eliqinile njengoba sifuna ukushintsh­a isimo. Sonke sikhathaze­kile. Sizosebenz­isa inedbank ukuqinisek­isa ukuthi kunenqubek­ela phambili (kulokhu abakwakhay­o).”

Mayelana nentshisek­elo yokuziphin­diselela, uthe: “Nasemdlalw­eni odlule besifuna ukuziphind­iselela. Sizamile. Kodwa-ke manje siya emdlalweni omusha, kuzobe kungu 0-0. Ngingajabu­la kakhulu uma sithola umphumela omuhle ngoba kuzosho ukuthi sikwazile ukuziphind­iselela.”

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMABHUTI Khenyeza unethemba lokubuyisa izinduku kwits Galaxy abadlala nayo kowelast 32 Nedbank Cup
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMABHUTI Khenyeza unethemba lokubuyisa izinduku kwits Galaxy abadlala nayo kowelast 32 Nedbank Cup

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa