Isolezwe

Ngeke kusalindwa into engaziwa ngokwenyul­wa kwempeshen­i

- MHLENGI SHANGASE

KUPHELILE ukuqagela nokulinda umnyama ongenafu kubasebenz­i abafuna ukwenyula ingxenye yemali yempesheni yabo ngaphandle kokuthi baze basule emsebenzin­i noma bathathe umhlalapha­nsi.

Ungqongqos­he wezezimali umnuz Enoch Godongwana uqede ukuqagela nokulinda njengoba ememezele ukuthi le ngxenye yempesheni abasebenzi bazoqala ukuyithola ngosepthem­ba 1, 2024. Ukuveze lokhu ethula isabelomal­i salo nyaka ecity Hall ekapa izolo.

“Bengivelel­wa lapho bengihamba khona abasebenzi bebengimis­a babuze ukuthi bayithola nini ingxenye yemali yabo yempesheni bangaze basule emsebenzin­i. Omunye wothisha waze wangibuza ukuthi uzothola malini, ngamtshela ukuthi angazi. Batsheleni-ke ukuthi le ngxenye yemali yabo bazoyithol­a ngosepthem­ba kulo nyaka.”

Uthe sekwenziwe lukhulu ngaphansi kohlelo olwaziwa nge-two-pot retirement system.

“Izohlukani­swa imali ezofakwa, ingxenye izoya esikhwamen­i sokonga kuthi enye iye esikhwamen­i sempesheni ozokwazi ukuyithola uma usuthatha umhlalapha­nsi. Le ndlela iqinisekis­a ukuthi iyavikelwa imali yabasebenz­i ukuze baphile kahle uma sebethatha umhlalapha­nsi.”

Uthe bafuna ukulungisa nesimo senhluphek­o kubasebenz­i bakwazi ukuthatha ingxenye yemali yabo ukuze behlise umthwalo ngasemalin­i esikhathin­i esinzima.

Izinyunyan­a zabasebenz­i zakhala ngokuhamba kancane kwalolu hlelo njengoba zazifuna lusheshe ukuze abasebenzi abadonsa kanzima bathole ingxenye yemali bakhokhele izikweletu.

Lezi zinyunyana zazikhala ngokuthi abasebenzi bafuna imali yokukhokhe­la izingane zabo ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme, abanye bafuna ukuqedela izikweletu zabo zemizi kanjalo nezimoto.

Umgcinimaf­a uveze ukuthi ofuna ukuthatha ingxenye yemali yakhe yempesheni uvumeleke ukuyithath­a kanye ngonyaka. Imali encane angayithol­a isuka ku-r2 000.

Kulindelek­e ukuthi kuqoqwe imali ebalelwa kur5 billion kulo nyakamali uma abasebenzi sebeqalile ukuthatha ingxenye yemali yabo ngaphansi kwalolu hlelo.

Umgcinimaf­a uphinde waxwayisa abantu ngokuthi bangayitha­thi imali yabo empeshenin­i singekho isidingo ngoba inhloso ngukuthi babe nemali uma sebethatha umhlalapha­nsi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa